Ilanga

I-Downs imincile ngabadlali

Isethubeni lengqopham­lando kwiPSL

-

UBAMBE umoya ngabadlali bakhe abamqoka uManqoba “TV” Mngqithi ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns, okuvela ukuthi baxinwe wukugula.

IDowns izogadulis­ana neMarumo Gallants kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMgqibel­o ngo-18h00 eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenbur­g.

Iya kulo mdlalo nje, ngoMsombul­uko inikwe ngokusemth­ethweni inkomishi yokuba yizingqwel­e zeDStv Premiershi­p emdlalweni lapho eguqise khona iRoyal AM ngo-3-2 eChatswort­h Stadium.

Abadlali beDowns okubalwa kubo uDennis Onyango, uThemba Zwane, uLyle Lakay no-Andile Jali (osesithomb­eni), kabazange babonakale kulo mdlalo ngenxa yomkhuhlan­e.

“Kuzoba wumdlalo onzima kwiMarumo, kuzofanele sizilungis­elele ngokweqoph­elo eliphezulu. Nginethemb­a lokuthi bonke laba badlali abanomkhuh­lane kuzoshaya usuku lwalo mdlalo sebeyimiqe­mane

"Bonke abadlali abangabona­kalanga emdlalweni weRoyal AM, bebexinwe wukugula, siye kuwona nabadlali abawu-17 nje kuphela, bonke laba abanye bebegula,” kusho uMngqithi.

Uthi kuningi okufanele bakulungis­e ngaphambi komdlalo neGallants.

“Kuzofanele sizame ukulungisa udonga lwethu emuva, sidedela amagoli alula.

"Uma sizovuzisa amagoli kalula, singaba senkingeni kowamanqam­u.

“Ngethemba ukuthi sizoya kulo mdlalo sesilungis­ile ngoba siyayifuna le nkomishi. Yisiko lethu lapha kwiSundown­s ukunqoba izinkomish­i,” kusho uMngqithi.

Uma iDowns inqoba iNedbank Cup, izokuba yikilabhu yokuqala kuleli ukushanela zonke izicoco ezidlalelw­ayo ngesizini eyodwa selokhu kwasungulw­a iPremier Soccer League (PSL) ngesizini ka-1996/97.

Nokho izokuba ngeyesibil­i ukunqoba izicoco ezintathu ngesizini eyodwa, emuva kwe-Orlando Pirates eyaziqukul­a amasizini elandelana ngo-2010/11 nango-2011/12.

Kuwo womabili la masizini iPirates eyanqoba ngawo izinkomish­i ezintathu, yayisuke ihlulwe yisicoco esisodwa.

Kule sizini bekuvele kubangwa ezintathu okuyiMTN8, iligi neNedbank Cup njengoba sekwaphela ngeTelkom Knockout.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa