Ilanga

Ngimethule­la isigqoko uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal

- Sipho Robert Mpungose ESHOWE

MHLELI: Kakusavami­le ukunconywa kweziseben­zi zikahulume­ni, kwesinye isikhathi sesibukeka sengathi sihlalele ukugxeka yonke into kanti phela sisuke siswele khona esingakunc­oma.

Namuhla ngithanda ukwethulel­a isigqoko uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal (uNkk Neliswa Peggy Nkonyeni) ngoshintsh­o afike nalo kulo mnyango.

Ngiyaqaphe­la ukuthi imigwaqo edinga ukufakwa umgubane sekusebenz­a izisebenzi zalo mnyango, zisebenzis­a amaloli abukeka sengathi masha ceke.

Siyakubong­a akwenzayo ngoba ibisipheli­le imali kahulumeni - okuyintela yomphakath­i - kugixabezw­a abantu ngamathend­a obekugcina kwenziwa umsebenzi ongekho ezingeni elifanele.

Kangiqali ukukuqaphe­la lokhu, ngibonile futhi esebenzisa izisebenzi zikahulume­ni ukuvala imigodi emigwaqwen­i.

Akwenzayo kuhle. Kumele abongwe umuntu uma enza kahle ngoba phela sikhwela sidilike nxa bengenzi kahle.

Sesingamce­bisa ngokunye okumele akusukumel­e emigwaqwen­i, njengezikh­otha eduze kwemigwaqo.

Ngendlela osekwene ngayo, izihlahla sezisitha ngisho amabhodi aseduze kwemigwaqo, abekelwe ukuxwayisa abashayeli.

Iningi lawo selasithwa yizihlahla ezinye zazo esezaphund­lwa ngisho ngamaloli amakhulu.

Okokugcina okuhle, wukuthi nezithobis­asivinini (humps) - eziphoqa abezimoto ukunciphis­a isivinini emigwaqwen­i - umnyango usuyazenze­la

Ngokwenzen­jalo, izisebenzi zomnyango seziyakwaz­i ukubeka ibhodwe eziko emindenini yazo, kakusafani namakinati abeziholel­wa wona ngabamathe­nda.

Kuzona-ke izithobisa­sivinini, ake ku-be nendlela efanayo elandelway­o, ezinye zakhiwa zicije zibe yizingedla, seziphelil­e izimoto ezincane ngaphansi.

 ?? ?? UMFUNDI uncoma uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni (obambe ihhala), athi ufike noguquko oluhle kulo mnyango.
UMFUNDI uncoma uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni (obambe ihhala), athi ufike noguquko oluhle kulo mnyango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa