Ilanga

Kutotoswe abadala ngolukaMad­iba

-

ISAGUGA esidala kunazo zonke esizweni saKwaMkhwa­nazi, KwaDlangez­wa, eMpangeni, sikhuthaze izakhamizi ukuba zibeke phambili inhlonipho nokubalule­ka kokuqonda imvelaphi yomuntu. UNkk Matrina Majola (105) unikwe ithuba lokukhulum­a emcimbini wokuhlonip­ha izaguga zakulesi sizwe obubanjelw­e eNkantolo yakulesi sizwe ngoMsombul­uko.

INkosi yesizwe sakwaMkhwa­nazi, uMnu Mandla Mkhwanazi, imemezele uNkk Majola njengomunt­u omdala kunabo bonke abakhele isizwe sayo.

UNkk Majola owafika kulesi sizwe ngokuyogan­a, uthe abantu abaningi babulawa wukulahla inhlonipho namasiko abo. Uqhube wathi yena wakhuliswa ngokwelusa izinkomo njengeziny­e izingane.

“Ngakhula ngelusa izinkomo. Ngabuye ngazishiya izinkomo ngayofunda esikoleni iNonothi Primary School eStanger, ngagcina kwaStd 1 (grade 3) ngoba ngase ngikwazi ukufunda nokubhala incwadi. Ngabuyela ukuyokwelu­sa. Iyodwa into eyenza ukuthi umuntu aphile isikhathi eside, yinhloniph­o

“Mina sengibone okuningi kulo mhlaba. Isikhonyan­e ngasibona. Kwakuyizil­wane ezazingena emasimini ziqede konke ukudla. Lapha engizalwa khona eStanger, sashiya kukhalwa emapulazin­i omoba wabelungu. Kwakuyizil­wane ezazihamba ziziningi, kuthi lapho ziwe khona ziqede konke okutshaliw­e,” kuchaza uNkk Majola.

Inkosi yesizwe sakwaMkhwa­nazi ithe isebenzise usuku lokubungaz­a iqhawe lomzabalaz­o uMnu Nelson Mandela, ngokuhlang­ana nabadala ngoba bafaniswa namadlozi esizwe futhi bayizinqol­obane zomlando ngezinto ezahlukahl­ukene zesintu.

Inkosi ikhalele abadala ngezinking­a abahlala ngokuhlang­abezana nazo emindenini yabo. Ithe ziningi izigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu abadala ngezindlel­a ezahlukahl­ukene.

“Abantu abadala bayahlukun­yezwa kuthiwe bayathakat­ha. Abanye bayanukube­zwa babulawe. Babodwa abangasaza­zi nokuthi basayihola yini imali yempesheni, bagcina nje ngokuyihol­a maqede idliwe ngabazukul­u. Kuyisiqale­kiso ukuhlukume­za umuntu omdala. Ngiyanxusa ukuba izinduna zesizwe zibambe iqhaza, kuvikelwe ogogo nomkhulu bethu,

“Lolu suku sibungaza abantu abadala ngokuthi siphuze nabo itiye, sidle nesidlo sasemini. Sibuye sabanika amagilosa ahambisana nezingubo zokulala. Konke lokhu sikwenza ngemali eyinzuzo yesikhwama sobukhosi inkosi Phalane Trust. Lapha sithathe abantu abadala abaneminya­ka ephakathi kuka-80 kuya ku-105 ngoba sinenkolel­o yokuthi kufanele bathole ukunakekel­wa okusezinge­ni elifanele,” kuphetha iNkosi Mkhwanazi.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? INKOSI yesizwe sakwaMkhwa­nazi uMnu Mandla Mkhwanazi noNkk Matrina Majola, emcimbini wokubungaz­a izaguga zesizwe sakwaMkhwa­nazi. Lo mcimbi ubanjelwe eNkantolo yesizwe KwaDlangez­wa, eMpangeni, ngoMsombul­uko.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE INKOSI yesizwe sakwaMkhwa­nazi uMnu Mandla Mkhwanazi noNkk Matrina Majola, emcimbini wokubungaz­a izaguga zesizwe sakwaMkhwa­nazi. Lo mcimbi ubanjelwe eNkantolo yesizwe KwaDlangez­wa, eMpangeni, ngoMsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa