Kutotoswe abadala ngolukaMadiba
ISAGUGA esidala kunazo zonke esizweni saKwaMkhwanazi, KwaDlangezwa, eMpangeni, sikhuthaze izakhamizi ukuba zibeke phambili inhlonipho nokubaluleka kokuqonda imvelaphi yomuntu. UNkk Matrina Majola (105) unikwe ithuba lokukhuluma emcimbini wokuhlonipha izaguga zakulesi sizwe obubanjelwe eNkantolo yakulesi sizwe ngoMsombuluko.
INkosi yesizwe sakwaMkhwanazi, uMnu Mandla Mkhwanazi, imemezele uNkk Majola njengomuntu omdala kunabo bonke abakhele isizwe sayo.
UNkk Majola owafika kulesi sizwe ngokuyogana, uthe abantu abaningi babulawa wukulahla inhlonipho namasiko abo. Uqhube wathi yena wakhuliswa ngokwelusa izinkomo njengezinye izingane.
“Ngakhula ngelusa izinkomo. Ngabuye ngazishiya izinkomo ngayofunda esikoleni iNonothi Primary School eStanger, ngagcina kwaStd 1 (grade 3) ngoba ngase ngikwazi ukufunda nokubhala incwadi. Ngabuyela ukuyokwelusa. Iyodwa into eyenza ukuthi umuntu aphile isikhathi eside, yinhlonipho
“Mina sengibone okuningi kulo mhlaba. Isikhonyane ngasibona. Kwakuyizilwane ezazingena emasimini ziqede konke ukudla. Lapha engizalwa khona eStanger, sashiya kukhalwa emapulazini omoba wabelungu. Kwakuyizilwane ezazihamba ziziningi, kuthi lapho ziwe khona ziqede konke okutshaliwe,” kuchaza uNkk Majola.
Inkosi yesizwe sakwaMkhwanazi ithe isebenzise usuku lokubungaza iqhawe lomzabalazo uMnu Nelson Mandela, ngokuhlangana nabadala ngoba bafaniswa namadlozi esizwe futhi bayizinqolobane zomlando ngezinto ezahlukahlukene zesintu.
Inkosi ikhalele abadala ngezinkinga abahlala ngokuhlangabezana nazo emindenini yabo. Ithe ziningi izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu abadala ngezindlela ezahlukahlukene.
“Abantu abadala bayahlukunyezwa kuthiwe bayathakatha. Abanye bayanukubezwa babulawe. Babodwa abangasazazi nokuthi basayihola yini imali yempesheni, bagcina nje ngokuyihola maqede idliwe ngabazukulu. Kuyisiqalekiso ukuhlukumeza umuntu omdala. Ngiyanxusa ukuba izinduna zesizwe zibambe iqhaza, kuvikelwe ogogo nomkhulu bethu,
“Lolu suku sibungaza abantu abadala ngokuthi siphuze nabo itiye, sidle nesidlo sasemini. Sibuye sabanika amagilosa ahambisana nezingubo zokulala. Konke lokhu sikwenza ngemali eyinzuzo yesikhwama sobukhosi inkosi Phalane Trust. Lapha sithathe abantu abadala abaneminyaka ephakathi kuka-80 kuya ku-105 ngoba sinenkolelo yokuthi kufanele bathole ukunakekelwa okusezingeni elifanele,” kuphetha iNkosi Mkhwanazi.