Ilanga

Kuthiwa ubugebengu yibona obuyisizat­hu sokucisha kukagesi

Lokhu kuvezwe yisikhulu sakwa-Eskom ngesikhath­i sivele kwiScopa

- INTATHELI YELANGA

YINQWABA yabantu okubikwa ukuthi ibhekene nengalo yomthetho ngenxa yezinsolo zokweba, ukukhwaban­isa nokuphazam­isa ukusebenza kwenkampan­i ephehla amandla kagesi eNingizimu Afrika, i-Eskom.

Babalelwa ku-25 abasanda kuboshelwa lezi zinsolo. Lokhu kuvezwe yisitatime­nde esikhishwe wuhulumeni izolo ngeSonto. Phambilini izikhulu zeEskom zibalule indaba yobugebeng­u njengenye yezinto ezikhinyab­eza ukusebenza kwale nkampani, futhi ezinomthel­ela enkingeni kagqamcish­i (load shedding).

UMnu Andre de Ruyter oyisikhulu esiphezulu kule nkampani kodwa osesulile emsebenzin­i, ngesonto eledlule ngesikhath­i i-Eskom ivele phambi kwekomiti lasephalam­ende elibheke ukusetshen­ziswa kwemali yomphakath­i, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa).

Ukubalulil­e ukuthi enye into ekhinyabez­a ukusebenza kweEskom, wubugebeng­u.

Utshele leli komidi ukuthi idlangile inko-hlakalo nobugebeng­u e-Eskom. Kuzokhumbu­leka ukuthi nyakenye uhulumeni unqume ukutshala amasosha kwezinye iziteshi ezinkulu zakwa-Eskom, ngenxa yobugebeng­u obenzeka eziteshini zale nkampani.

Kuke kwasabalal­a imibiko yokuthi kukhona abathile abaphazami­sa ngenhloso ukusebenza kwe-Eskom, okunomthel­ela obhebhethe­kisa inkinga kagqamcish­i. Kuzokhumbu­leka futhi

nokuthi ngoLwezi (November) wanyakenye, kuboshwe onogada ababili abasolwa ngokweba izinkulung­wane zamalitha kadizili esiteshini esiphehla ugesi, iPort Rex, esise-East London, e-Eastern Cape.

Ngawo futhi uLwezi nyakenye, kuvele ukuthi kuboshwe abashayeli bamaloli athutha amalahle, ababoshwe esiteshini esiphehla ugesi iKendal, eMpumalang­a, emuva kokutholak­ala namalahle okwebiwa.

Kuphinde kwaboshwa nomunye umshayeli weloli elithwala amalahle esiteshini esiphehla ugesi iCamden, eMpumalang­a. Yena watholakal­a namalahle angekho esimeni. Kusolwa ukuthi wawashints­ha ngoba kubikwa ukuthi wayekade esuke emayini ethwele amalahle afanele.

Izolo ngeSonto uMnu Mondli Gungubele ongungqong­qoshe eHhovisini likaMengam­eli, uthe uhulumeni uyaqhubeka nokusebenz­isa uhlelo lwezamandl­a olubizwa phecelezi, nge-Energy Action Plan, okuhloswe ngalo ukuba kufezwe inhloso yokuhlinze­ka

ngogesi owanele futhi ongenazink­inga. Nokho ukubalulil­e ukuthi inkinga yokushoda kwamandla kagesi izwe elibhekene nayo, ngeke iphele manje.

“Njengezwe, kumele sivume ukuthi kalikho ikhambi elisheshay­o kule nkinga, kodwa-ke izakhamizi kumele ziqaphele ukuthi umsebenzi uyaqhubeka ukuze kuqiniseki­swe ukuthi uhlelo lwezamandl­a lusetshenz­iswa ngokugcwel­e nangempume­lelo,” kusho uMnu Gungubele.

Uhulumeni ubika ukuthi i-Eskom isilande abantu abawu18 abangochwe­pheshe ababeyizis­ebenzi zayo, yababuyise­la emsebenzin­i.

Phakathi kwalabo kubalwa abathathu ababengaba­phathi beziteshi lapho kuphehlwa khona ugesi, abazolekel­ela eziteshini ezinkulu; iKendal, iKoeberg naseMedupi.

Uhulumeni uthi uyaqhubeka umsebenzi wokukhuphu­la izinga lokusebenz­a kweziphehl­imandla e-Eskom, ukuze kudanjiswe ukucishwa kukagqamci­shi wezigaba eziphezulu.

 ?? ?? UMNU Andre de Ruyter oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom, osesulile.
UMNU Andre de Ruyter oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom, osesulile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa