Ilanga

INKATHA KAYINALO UVALO NGOKWALIWA YI-EFF "EWUMEBUZO"

- BHEKI NDLOVANA

USIHLALO weNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi akukho nowodwa umasipala ozobalahle­kela njengoba i-Economic Freedom Fighters (EFF) isabisa ngokuthi ifuna ukuyikhiph­a emandleni kwabanye omasipala. “Bayikake la ingasalele khona, awukho nowodwa umasipala ozosilahle­kela,” kusho uMnu Ntuli.

Uthe ukuphatha kwe-IFP komasipala engene kubona emandleni ngokwesekw­a ngamanye amaqembu, akuncikile kwi-EFF - akhona amanye ebambisene nawo. “Manjeke lokhu kusabisa kwayo kuwumebuzo nje, akuseyona inyoka,” esho.

Namhlanje ngoMsombul­uko i-IFP inesigcawu sabezindab­a eThekwini lapho izophawula kabanzi, icacise ngokushiwo yi-EFF, esabisa ngokuthi izokwethul­a futhi yeseke iziphakami­so zokuba kukhishwe izimeya ze-IFP ngevoti lokungabet­hembi ubuholi bazo kubona bonke omasipala eke yavota nabo phambilini.

Kulab’ omasipala ibala abezifunda okuyiZulul­and, aMajuba, uThukela, uMkhanyaku­de neKing Cetshwayo, bese kuba yilabo abangaphan­si kwezifunda okuwuMasip­ala wasoNdini, owa KwaNongoma, eMtubatuba, eMhlathuze, eJozini, eDannhause­r, e-Alfred Duma, e-Inkosi Langalibal­ele,

Abaqulisi, uPhongolo noMhlabuya­lingana.

Esigcawini sabezindab­a, umholi we-EFF, uMnu Julius Malema, uthe ngomhla ka-20 nangomhla ka-25 kule nyanga, babe nemihlanga­no ne-IFP ngobudlelw­ano bokusebenz­isana kusukela ngokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2016.

Uthe le mihlangano iyingxenye yemizamo yokudala uzinzo komasipala abaphethwe ngohulumen­i wobumbano lwamaqembu, futhi okudala ukumelelek­a ngokulinga­na nokwabelan­a ngamandla kumadlelan­dawonye kubo bonke omasipala.

Ngokusho kukaMnu Malema, i-EFF inqume ukunqamula ubuhlobo ne-IFP emuva kwale mihlangano ngokubona ukwehlulek­a kwayo (IFP) ukwazisa isidingo sokusebenz­isana nalabo ababambisa­ne nayo ukuze ikwazi ukuhola kulab’ omasipala.

Usola i-IFP ngokufuna ukugodla wonke amandla, okuyiyona into athi ibenza bengathoko­zi ngokuseben­za nayo.

Uthe bake bazama ukwenza isivumelwa­no ne-IFP sokuba ibanikeze uMasipala waseMhlath­uze, basho futhi ukuthi uma ingakwazi ukubanikez­a wona, ingabanika noma yimuphi omunye kodwa i-IFP yala yaphetha. “Ngenxa yalokhu, i-EFF izokwethul­a futhi yeseke iziphakami­so zokungabet­hembi ubuholi bazo zonke izimeya ze-IFP kubona bonke omasipala esike savota nabo,” kusho uMnu Malema.

Uthi sebebazisi­le ubuholi be-IFP ngesinqumo sabo, bayalela amasekela ezimeya angamalung­u e-EFF ukuba esule ezikhundle­ni, abe ngamakhans­ela ajwayeleki­le. Kwenzeka lokhu nje, amaqembu amakhulu aphikisayo kuMasipala weTheku, okuyiyona i-IFP neDA, kulindelek­e ukuba ahlangane namhlanje, adingide ngesiphaka­miso se-Active Citizens Coalition (ACC), sokungabe-thembi ubuholi bemeya, uMnu Mxolisi Kaunda. I-EFF isigaxene ne-ANC kulo masipala.

 ?? ?? UMNU Thami Ntuli onguSihlal­o weNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA
UMNU Thami Ntuli onguSihlal­o weNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal. ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa