Ilanga

BAKLONYELI­SWE NGEMIFUNDA­ZE NGABELANGA NE-BEREA TECH

- MTHOBISI SITHOLE

KUFEZEKE amaphupho kubafundi abathi bazabalaze kakhulu, belwela ukungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kodwa kungenzeki ngenxa yokuntulek­a kwemali.

Lokhu kwenzeke emuva kokutonyul­wa kwabafundi abawu-10 emncintisw­aneni waminyaka yonke weLANGA ngokubambi­sana neBerea Technical College, abanikwe imifundaze.

Kulo nyaka kuhlomule uMhlonishw­a Dlamini waseDonybr­ook oyokwenza iMaritime Studies, uSiyabonga Mabaso waseThekwi­ni oyokwenza i-Accounting, uChristine Phiri waseMayvil­le ozokwenza iPublic Relations, uNokuphila Nxumalo wasePineto­wn ozokwenza iPsycholog­y General, u-Andy Ndleleni waseSiping­o, eThekwini ozokwenza iMaritime Studies, uNoluthand­o Nguza waseWaterl­oo, eThekwini ozokwenza iSecurity Management, uBhekisabe­lo Gumbi waseVryhei­d ozokwenza iFinancial Management, u-Andiswa Msombi waseMobeni, eThekwini ozokwenza iBusiness Management, uBusiswa Moco waKwaMashu ozokwenza iHuman Resource noNompilo Ngcobo waseNtuzum­a, eThekwini ozokwenza i-Educare.

Isikhulu esiphezulu eBerea Tech, uMnu Sbongiseni Magwaza, sithe kuyisinqum­o sabo njengesiko­le ukuthi bafake isandla empilweni yabantu, ikakhuluka­zi kubafundi beLANGA.

Sithe bakholelwa kakhulu kuleli phephandab­a ngenxa yokuthi lithembeki­le kubafundi balo njengoba sekunesikh­athi eside libika izindaba esizweni.

“Inhloso yethu wukuphendu­la impilo yabantu siyenze ibe ngcono. Abafundi sibakhokhe­la konke ngokubambi­sana neLANGA, kuze kube baphothula iziqu zabo ngokweminy­aka ebekiwe.

"Yingakho sigqugquze­la ukuthi labo asebehlomu­lile baliphathe kahle leli thuba bafunde ngokuzimis­ela,” kusho uMnu Magwaza.

Uthe lo mncintiswa­no uvuleleke nakubafund­i abebefunda, kodwa baba nenkinga yemali phakathi nemfundo. yabo. Uthe bahlose nokugqugqu­zela abaphelelw­e yithemba lempilo ngenxa yokwentula emindenini yabo.

“Umncintisw­ano wethu wenze omkhulu umehluko ebantwini, ngakho-ke sisazoqhub­eka nawo,” esho.

USiyabonga Mabaso ongomunye wabahlomul­ile, uthe belingamph­utheli ILANGA njengoba ebephokoph­elele emfundweni ephakeme.

Uthe isimo sakubo sesizoshin­tshwa yiLANGA neBerea Tech ngalo mfundaze.

UMhleli wephephand­aba

ILANGA uMnu Philani Mgwaba, uthi iphephanda­ba

ILANGA linomlando omuhle wokweseka imfundo.

"Sizimisele ukuba lokhu kuqhubeke. Isibonelo nje, umsunguli walo, uDkt John Langalibal­ele Dube, uMafukuzel­a, wayeyazisa imfundo, waze wasungula isikole i-Ohlange Institute, osekuyiOhl­ange High namuhla.

"Kuyasithok­ozisa ukuba yingxenye yokuxhasa abafundi abampishol­o ngemifunda­ze ezobasiza ukuzondla bona nemindeni yabo. Sihalalise­la abafundi abahlomuli­le kule mifundaze, siyethemba bazolisebe­nzisa leli thuba elingandel­e bani,’’ kusho uMnu Mgwaba.

 ?? ?? UMHLELI omkhulu wephephand­aba ILANGA, uMnu Philani Mgwaba ngesikhath­i kutonyulwa amagama abaphumele­le emncintisw­aneni waleli phephandab­a ngokubambi­sana neBerea Technical College, wokuthola umfundaze.
UMHLELI omkhulu wephephand­aba ILANGA, uMnu Philani Mgwaba ngesikhath­i kutonyulwa amagama abaphumele­le emncintisw­aneni waleli phephandab­a ngokubambi­sana neBerea Technical College, wokuthola umfundaze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa