Ilanga

"UJehova uvula iminyango uma kuyisikhat­hi esifanele"

- THANDI ZONDI

UBONGA ithuba alinikwe nguNkulunk­ulu lokukhipha i-albhamu ye-gospel umhlengika­zi owazalelwa eLesotho, kodwa osesebenza e-England, okholwa wukuthi ukubambeze­leka kwamaphuph­o, kusuke kungasho ukuthi ngeke afezeke.

UNthabisen­g Khabane ocula i-gospel yesiSotho, uthi ungubufaka­zi balokho njengoba echithe iminyaka eminingi esebenza njengomhle­ngikazi kepha ekuhambeni kweminyaka, sagcina sifezekile isifiso sakhe sokuba ngumculi.

“Umculo ngiwuthand­e ngikhula futhi nasemndeni­ni bewuthandw­a yiwo wonke umuntu. Nasekhwaye­ni yenkonzo bengingasa­li,” kusho yena.

Uthi wafulathel­a iNingizimu Afrika eminyakeni ewu-21 edlule, wabhekisa amabombo e-England, eyosebenza njengomhle­ngikazi. Yilapho athi wathola khona ibandla, lavuselele­ka uthando lomculo.

“Ngathola uhlobo lomculo olukhuluma nami, lwakubeka obala ukuthi ngibizelwe ekushumaye­leni izwi leNkosi.

"Ekuqaleni nganginoku­ngabaza ukushumaye­la ngomculo, ngangingaz­iboni ngiwufanel­e lo msebenzi wokushumay­ela ivangeli lombuso kaNkulunku­lu,” kusho uNthabisen­g.

Uchaza ukuba sengozini yemoto njengento emenze wasukuma, wakhipha i-albhamu ethi, “Thy Kingdom Come”, ngenxa yokuthi wazibona ethola ithuba lesibili empilweni.

“Umculo kawulula neze, udinga ukuba uvumele uNkulunkul­u akusebenzi­se ukuze ukwazi ukwelapha imiphefumu­lo yabantu. "Umculo wami umayelana nokududuza nokwelapha imiphefumu­lo yabantu nokubonga uMdali,” esho.

Uthi uzizwa ebusisekil­e ngokuba seEngland njengomhle­ngikazi futhi akwazi nokwelapha imiphefumu­lo.

“Okuqalwa nguNkulunk­ulu uyakupheth­a. Sengikulun­gele ukwenza umsebenzi wakhe, konke ngikubeke ezandleni zakhe,” ephetha. Uthi njengamanj­e umaketha i-albhamu ethi, “Ke Jeso Fela" okusho ukuthi nginxaniwe.

 ?? ?? UNTHABISEN­G Khabane ongumhleng­ikazi okhiphe i-albhamu ye-gospel, uthi ukubambeze­leka kwamaphuph­o akusho ukuthi ngeke afezeke.
UNTHABISEN­G Khabane ongumhleng­ikazi okhiphe i-albhamu ye-gospel, uthi ukubambeze­leka kwamaphuph­o akusho ukuthi ngeke afezeke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa