Ufaniswe 'nowekhulunyaka' umshado wosomabhizinisi
Izimenywa eziningi zithe kazikaze zibubone ubukhazikhazi obunjeyana
UQHUBEKE ngendlela yaseNingizimu Afrika umcimbi womshado wezithandani ezisuke kuleli ngoMsombuluko odlule, zalibangisa eBali, e-Indonesia, ukuyobopha elikasofasilahlane.
UNkk Nomfundo Zondo, uMaMcoyi - ongumphathi wenkampani iCebolethu Funerals nosomabhizinisi uMnu Bahle Zondo, izolo ngeSonto bebesenkonzweni ebiholwa ngumPhostoli KT Mkhize weMt Zion Christian Church nomBhishobhi Vusi Dube we-EThekwini Community Church (ECC) bekhonza njengenjwayelo.
Emuva komshado obungoMgqibelo, izitatanyiswa ebeziswenkile, zihambe zayozithokozisa eRock Bar lapho bezilandela i-theme ethi, “Denim and Indigo”. Kuthe uma kuphela inkonzo, izitatanyiswa zaqhubeka nokuzithokozisa, zakhipha unyawo ngaphansi kwetheme yomswenko ethi, “Tropical
Glamping (kaftans and tropical linen)” obekugujwa ngayo usuku lokuzalwa kukamakoti ebhishi
izolo ngeSonto.
Esinye sezitatanyiswa esikhulume neLANGA sithe: “Bekuwumshado wekhulunyaka. Kangisayiphathi-ke eyesimemo sawo ebesisezingeni eliphezulu. Abantu kabakaze bajabule ngale ndlela.
"Akekho umuntu owake waba yingxenye yento enje, futhi-ke kithina eseseqe eminyakeni ewu40 yobudala. Umshado ubukwelinye izinga njengoba bewubona ezithombeni, kufike ama-container amabili ngomkhumbi ethwele izimbali.
"Abangani nezihlobo bekungabantu abavela kuzona zonke izindawo; eGermany, e-USA, eNetherlands iningi bekungelaseNingizimu Afrika,” kusho lesi simenywa.
Kuthiwa isimenywa ngasinye besine-napkin ne-coaster (okokubeka izinkomishi ematafuleni) okubhalwe igama laso.
“Ngesikhathi sifika, umuntu ngamunye uthole ubhasikidi onezinto ezikhala kahle, kanti ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa kukaNomfundo namhlanje (ngeSonto), sonke sinikwe izigqoko ezinhle,” kuqhuba isimenywa.
Sithi kube namaphathi amabili kamakoti eNingizimu Afrika (bridal showers), eyodwa yenzelwe eMhlanga, eThekwini enye yaba seBryanston, eGoli ngaphambi kokuba kuyiwe eBali.
Isimenywa sithi okungazange kubhalwe kwisimemo, wukuthi kuzoba nengxenye yesibili yawo umshado ngalo usuku (lomshado).
“Amabhasi asithathe asiyisa kwi-night club lapho uDladla Mshunqisi noDJ Happygal befike basibusisa khona ngomculo, sazithokozisa kwaze kwaba yileyo ndaba. Ibhasi lokugcina lize labuya ngo-03h00 ngendlela obekumnandi ngayo.
"Ngisasho namanje, kawukho umshado oyokwedlula lo. Kusasa (ngoMsombuluko) sizobe singcebeleka ngomkhumbi (yatch cruise)
lapho i-theme yakhona ithi, ‘nautical yellow and white with a touch of navy’,” kuphetha isimenywa.
ILANGA lihabule ukuthi zonke izitatanyiswa bezikhokhelwe ukuya kulo mshado. tzondi@ilanganews.co.za