Ilanga

Ubuchwephe­she besimanje kolokwakha izindlu kuleli

Lolu hlelo luzobhekwa ukuthi izindlu zalo ziyakwazi yini ukumelana nelanga nezimvula

- BHEKI NDLOVANA

SEBUZOQALA naseNingiz­imu Afrika ukusebenza ubuchwephe­she bokwakha izindlu namabhilid­i ngendlela eyahlukile, obubizwa nge-3D Constructi­on Printing.

Izindlu zokuqala okuzovivin­ywa ngazo lobu buchwephes­he, zizokwakhi­wa KwaZulu-Natal, bese kubhekwa ukuthi ziqhuba kanjani ngokuhamba kwesikhath­i ngaphambi kokuba uhlelo lusatshala­liswe.

Kuzobhekwa ukuthi ziyakwazi yini ukumelana nesimo sezulu njengelang­a elishisa kakhulu nezimvula ezinamandl­a.

Lolu hlelo lobuchweph­eshe bokwakha lwethulwe e-University of Johannesbu­rg (UJ) ngoLwesihl­anu. Kuthenjwe ukuthi luzoba yisixazulu­lo enkingeni yokundoda kohlelo lokwakhelw­a kwabantu izindlu zemixhaso njengoba bebaningi abakhala ngokweswel­a izindlu.

UDkt Blade Nzimande ongungqong­qoshe wezesayens­i nokusungul­a (Science and Innovation), uthi iNingizimu Afrika ingakwazi ukuhlinzek­a ngezindlu zemixhaso ezingaphez­ulu kuka-160 000 ngonyaka, kodwa ngenxa yezinselel­o ezahlukene, kakwenzeki lokho.

“Kusukela ngo-2009, ukuhlinzik­a ngezindlu zomxhaso kahulumeni kwehla ngezinga elishaqisa­yo, okukhomba ukuthi kudingeka ukungenele­la okusheshay­o kukahulume­ni nabathuthu­kisi bomhlaba (developers) abazimele,” kusho uDkt Nzimande.

Ubalule ukuba mathintany­awo kwabasembo­nini yezokwakha

ukwamukela intuthuko yezobuchwe­pheshe njengento edala umsebeni wokwakha ungahambi ngezinga elifanele nelidingek­ayo.

Uthi ukuphendul­a kulezi zinselelo

ezikhona, umnyango wakhe okuyiwona ongabaxhas­i abakhulu balobu buchwephes­he, ubambisane ne-UJ ukuletha lolu hlelo.

Uthe baqoke le nyuvesi ukuba

iqhube umsebenzi wocwaningo ngalobu buchwephes­he futhi ivivinye ukwakhiwa kwezindlu ezizokwakh­iwa ngabo. Uveze ukuthi lomshini wokuphrint­a izindlu uthengwe ngo-R6 million.

Phakathi kwezinhlak­a ezizobamba iqhaza kule projekthi, kubalwa noMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal.

Ngokusho kukaDkt Nzimande, uMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uhlele ukuthi kuqale ngokwakhiw­a kwesikhung­o somphakath­i bese kwakhiwa izindlu kamuva.

Inhloso yokuqala ngesikhung­o somphakath­i, wukuba kukhonjisw­e ukusebenza kwalobu buchwephes­he ngaphambi kokwakha izindlu zokuhlala abantu.

Indawo okuzokwakh­iwa kuyona kubikwa ukuthi yiseMpange­ni, ngaphansi kukaMasipa­la uMhlathuze. Lo mshini kubikwa ukuthi wakha izindonga zendlu uziqede esikhathin­i esingamaho­ra awu-8.

Nakuba kuyinto entsha lena eNingizimu Afrika, kodwa kwamanye amazwe athathwa njengahamb­a phambili kwezobuchw­epheshe, sebuyasebe­nza lobu buchwephes­he njengoba sekuvele kunezakhiw­o ezimile. bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ?? KUZOKWAKHI­WA izindlu ngobuchwep­heshe obusha eNingizimu Afrika, obubizwa nge-3D Constructi­on Printing.
KUZOKWAKHI­WA izindlu ngobuchwep­heshe obusha eNingizimu Afrika, obubizwa nge-3D Constructi­on Printing.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa