Ilanga

IMBOKODO INGENA EBHIZINISI­NI LEZITHUTHU­THU EZIHAMBA NGOGESI

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SEBEKULUNG­ELE ukubhekana nezinselel­o zokuba ngosomabhi­zinisi abesifazan­e abathathu, abanamashe­ya esitolo esidayisa izithuthut­hu ezihamba ngogesi, i-Agilitee Express, esizinze enxanxathe­leni yezitolo eMhlanga, i-Ocean Mall.

Lokhu bakuveze ngoMgqibel­o kwethulwa ngokusemth­ethweni lesi sitolo, emcimbini obuhanjelw­e yizicukuth­wane okubalwa kuzona osomabhizi­nisi nabakhiqiz­i balezi zithuthuth­u.

Ibhizinisi kulesi sitolo lizoqhutsh­wa nguNkz Thobile Kheswa, uNkz Nomusa Nkosi noNkk Khabonina Sovendle.

Ekhuluma neLANGA uNkz Kheswa ozobe eyimenenja, uthe bazimisele ukulikhuli­sa leli bhizinisi likwazi ukuqasha inqwaba yabantu futhi lenze nomehluko empilweni yabo.

Uthe okuhle wukuthi abantu bazokwazi ukuzitheng­a noma baziqashe izithuthut­hu baphinde bashintshe nama-battery uma esephelile.

UMnu Mandla Lamba ongumsungu­li walezi zithuthuth­u, uthe basezingxo­xweni zokuthi izinxanxat­hela zezitolo kuleli zibe nezindawo zokushaja lezi zithuthuth­u.

Uthe banobudlel­wano nezikhungo zemfundo ephakeme lapho benika abafundi ithuba lokuqasha lezi zithuthuth­u

isikhathi esisukela ehoreni kuya phezulu.

“Nezinkampa­ni ezithengis­a ukudla zingazithe­nga noma ziziqashe uma zifuna ukuhambise­la abantu ukudla okuthengiw­e,” kusho uMnu Lamba.

Uthe banazo izindlela zokuthi abantu abasebenzi­sa lezi zithuthuth­u bangazitho­li besenkinge­ni ngenxa kagqamcish­i oqhubekayo ezweni.

“Ezitolo zethu bayakwazi ukushaja noma bashintshe ama-battery ukuze amakhasime­nde ethu aqhubeke ngezindlel­a zawo,” esho.

USolwazi Onkgopotse “JJ” Tabane ongusihlal­o webhodi lakwa-Agilitee, uthe ukuqhamuka nalolu hlobo lwezithuth­uthu esikhathin­i samanje, kunika

uhulumeni inselelo yokuthi ukhuphule amazinga okwakha ingqalasiz­inda.

Uthe lezi zithuthuth­u zihlanzeki­le emoyeni ophefumulw­a ngabantu. Phakathi kosaziwayo ababusise lo mcimbi kubalwa uSthandwa Nzuza ongumlingi­si womdlalo owuchungec­hunge, iDurban Gen, uSiya Mhlongo ongumsakaz­i weMetro FM, abaculi beGospel u-Andile KaMajola noKholeka nomculi waseThekwi­ni, uSlot oyilungu leqembu iSOS.

Kuvele ukuthi lesi yisitolo sesithathu salezi zithuthuth­u eNingizimu Afrika njengoba esokuqala savulwa eCape Town, kwathi esesibili savulwa eFourways, eGoli.

 ?? ?? KUSUKELA kwesokunxe­le nguNkk Khabonina Sovendle, uNkz Thobile Kheswa noNkk Nomusa Nkosi bephahle uMnu Mandla Lamba ongumsungu­li wezithuthu­thu ezibizwa nge-Agilitee, emcimbini wokwethulw­a kwesitolo esidayisa zona eMhlanga, eThekwini.
KUSUKELA kwesokunxe­le nguNkk Khabonina Sovendle, uNkz Thobile Kheswa noNkk Nomusa Nkosi bephahle uMnu Mandla Lamba ongumsungu­li wezithuthu­thu ezibizwa nge-Agilitee, emcimbini wokwethulw­a kwesitolo esidayisa zona eMhlanga, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa