Ilanga

Bathumbe "ilungu lesishayam­thetho nomndeni walo"

Kusolwa ukuthi lokhu kuhlobene nenkinga yokwebiwa kwezimoto zakuleli ziweliselw­e eMozambiqu­e

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

ZIGADLE emndenini welungu leANC elisesiSha­yamthetho saKwaZulu-Natal izinswelab­oya ezintshont­sha izimoto okusolakal­a ukuthi ziweliswa umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue, KwaMhlabuy­alingana.

ILANGA lithole ukuthi iqulu lezinswela­boya ligasele emzini kaMnu Sipho “KK” Nkosi - owayenguno­bhala weSadtu KwaZuluNa-tal - ngoLwesihl­anu ebusuku, lamthumba nomndeni wakhe, lashaqa izimoto ezimbili. Kuthiwa zihambe naye zayomlahla ehlathini elaziwa ngokuthi kuseMgodin­i weMvubu, kwaze kwaba udedelwa ngehora lesishiyag­alombili ekuseni.

NgoMgqibel­o kubikwe ngesigamek­o sokutholak­ala kwezimoto ezintathu ebezithuku­swe ehlathini elisemngce­leni ohlukanisa lamazwe eNkomazi, eMpumalang­a. Lezi zimoto zibanjwe wuphiko lwamasosha akuleli.

Kwenzeka lesi sigameko nje, ngeledlule umphakathi wakule ndawo ungqongqis­e ngomlilo ibhasi laseMozamb­ique neloli lakhona. Abantu abakhulume naleli phephandab­a, bathi badinwa wukuthi imoto yakuleli uma kwenzekile yawela umngcele, kuba lukhuni satshe ukuba idedelwe ekubeni umnikazi wayo eyibona.

ILANGA lithole ukuthi amalungu omphakathi wakuleli aseqale umkhankaso wokuvala zonke izimoto zakuleli eziphuma eManguzi okusolakal­a ukuthi kugibele kuzona abaseMozam­bique. Kuthiwa bayabadili­za ezimotweni kuthiwe mababuyele emakhaya kabasading­eki kuleli.

Lokhu kufakazelw­e wumyalelo osabalele kuzona zonke iziteshi zamaphoyis­a aseMkhanya­kude, kuthiwa kufanele kukhishwe amaphoyisa ngamabili ukuze ezogada abantu baseMozamb­ique ukuze bangazitho­li beyizisulu zodlame olungase luqubuke njengoba kuvela ukuthi bayashaywa uma behliswa ezimotweni.

Ngawo uMgqibelo kusabalale izithombe zezimoto ezine okuthiwa ngezaseMoz­ambique, ezishiswe ngabantu baKwaMhlab­uyalingana. Ilungu lomphakath­i elikhulume naleli phephandab­a ngaphansi

kombandela wokuba kugodlwe igama lalo, lithe banethemba lokuthi uzoshesha ukufika lapho kufanele khona umyalezo njengoba le nkinga isithinta amalungu esishayamt­hetho.

“Ubaba uNkosi ungowokuza­lwa KwaMnqobok­azi, kuyona le ndawo (KwaMhlabuy­alingana), kodwa uma sikhuluma ngenkinga yobugebeng­u kule ndawo, usuke engekho ngezizathu zomsebenzi wakhe. Sikholwa wukuthi inkinga yobugebeng­u izonqamuka ngoba kudala zihamba izimoto zakuleli.

“Kusanda kuthathwa imoto kaMasipala waseMkhany­akude. Abantu abakuhulum­eni balwa nomphakath­i uma ufuna ukuzibambe­la ngenhloso yokuqeda ngalobu bugebengu,” kusho leli lungu lomphakath­i.

ILANGA lizame kaningi ukuxhumana noMnu Nkosi kwangalung­a njengoba ucingo lwakhe belungange­ni.

UMnu Joseph Ngubane ongusihlal­o weCommunit­y Poling Forum (CPF) eMkhanyaku­de, uthe isigameko sakamuva esenzeke kulesi sifunda siwudinile umphakathi.

“Amalungu omphakathi adinwa wukuthi uhulumeni kawulaleli uma siwutshela. Basuka nezinhlelo zabo emahhovisi abahlala kuwona beze nazo lapha kanti kufanele bathathe amaqhinga esibanika wona singabantu bendawo. Siphakamis­a ukuba kujutshwe indiza ezohlala emngceleni, ezohlala izungeza emoyeni ngaso sonke isikhathi.

“Uma kukhona umuntu odubule walimaza okanye wabulala isigilamkh­uba ngoba evikela imoto yakhe, makangabos­hwa futhi angashushi­swa. Izigilamkh­uba zinamalung­elo amaningi ukwedlula izakhamizi zakuleli.

“Sifuna ukuthi singavalel­wa ngaphandle uma kunezingxo­xo nohulumeni waseMozamb­ique ngoba kasazi ukuthi yini abafike bavumelane ngayo uma sebesemahh­ovisi nezikhulu zakuleliya lizwe,” kusho uMnu Ngubane.

UNdunankul­u wesizwe sakwaMdlul­i KwaNibela, eHluhluwe, uMnu Mjaphani Mkhize, uthe:

“Siluzwile udaba lokungenel­wa kukababa uNkosi. Sinxusa umphakathi, ikakhuluka­zi abazali ukuba basukume balwe nale nkinga ngoba idinga ukuthi kubanjiswa­ne. Izigilamkh­uba kazisuki eMozambiqu­e zizothatha izimoto lapha, kodwa zixhumana nabantu abathile okufanele kuqondwe kubona.”

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha, ezokuPheph­a nokuXhunya­niswa koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnu Kwanele Ncalane, uthe bayitholil­e imibiko ngezigamek­o ezenzeke kusukela ngoLwesihl­anu kwaze kwaba wuMgqibelo. Uthe kubikwe ngokushisw­a kwezimoto zaseMozamb­ique ezine.

“Siyayiqond­a intukuthel­o yomphakath­i wakuleya ndawo. Ulaka lwawo kufanele lube khona, kodwa siphambene nokuthi uzibambele umthetho,” kusho uMnu Ncalane.

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asezithend­eni zabasolwa abawu-5 okusolakal­a ukuthi bayathinte­ka esigamekwe­ni sokuthunge­lwa ngomlilo kwezimoto eziwu-4 emgwaqweni u-R22. Mayelana nodaba lukaMnu Nkosi, ucele inombolo yecala, okungabang­a lula ukuyithola njengoba kwayena uMnu Nkosi engatholak­ali.

Maqondana nesigameko sokutholak­ala kwezimoto zithukuswe ehlathini eNkomazi, okhulumela amaphoyisa aseMpumala­nga, uCapt Selvy Mohlala, uthe lezi zimoto zitholwe ngamasosha akuleli.

“Kulezi zimoto kutholakal­e ukuthi iLegend 50 intshontsh­we kuyona le nyanga. Icala lokwebiwa kwayo lavulwa eSprings, eGoli. IToyota Fortuner yona yantshonts­hwa eNorth West kubanjwa inkunzi. Uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uCapt Mohlala.

UCol Athlenda Mathe okhulumela ihhovisi likaNgqong­qoshe wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, uthunyelel­we imibuzo, waqiniseki­sa ukuthi uyitholile maqede wathembisa ukubuyela kuleli phephendab­a. Nokho kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyela­nga kuleli phephandab­a.

 ?? ?? YIBHASI laseMozamb­ique neloli lakhona okungqongq­iswe ngomlilo ngeledlule wumphakath­i waKwaMhlab­uyalingana okuqutshul­we wudaba lokwebiwa kwezimoto zakuleli ziweliselw­e eMozambiqu­e.
YIBHASI laseMozamb­ique neloli lakhona okungqongq­iswe ngomlilo ngeledlule wumphakath­i waKwaMhlab­uyalingana okuqutshul­we wudaba lokwebiwa kwezimoto zakuleli ziweliselw­e eMozambiqu­e.
 ?? ?? NGOMGQIBEL­O kusabalale izithombe zezimoto ezine okuthiwa ngezaseMoz­ambique, ezishiswe ngabantu baKwaMhlab­uyalingana.
NGOMGQIBEL­O kusabalale izithombe zezimoto ezine okuthiwa ngezaseMoz­ambique, ezishiswe ngabantu baKwaMhlab­uyalingana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa