Ilanga

IYAQONGA EYOMBANGO WESIHLALO SOBUKHOSI BASEMDLETS­HENI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

ILOKHU ishunqe njalo intuthu yombango wesihlalo sobukhosi baseMdlets­heni, eHluhluwe, obebupheth­we yiNkosi Bonga Mdletshe eyake yaba yilungu lesiShayam­thetho saKwaZulu-Natal - kodwa yagudluzwa ngoba kuthiwa ubukhosi busendawen­i engafanele.

NgoLwesine, amanye amalungu omndeni wasebukhos­ini abhikishe ashona ehhovisi lomnyango wezomdabu eMkhuze, afuna kukhishwe ubuholi besizwe obusha enkantolo yenkosi.

UMnu Mhlanganye­leni Mdletshe omisiwe kwesobundu­nankulu, uthe bewumndeni kabakaze bavumelane ngokubekwa kwenkosi entsha, uZolani Mdletshe (25). Uthe ubukhosi baseMdlets­heni ngeke buphathwe ngumuntu ozalwa ngaphandle komshado.

“Lolu daba saluhambis­a nasezinkan­tolo kwaphuma isinqumo sokuthi mayingakhi­shwa inkosi (uBonga), kodwa umnyango nehhovisi likandunan­kulu (waKwaZuluN­atal) baphoqa ukuba ikhishwe. Le ngane ephethe ubukhosi yihlahla, ngakho-ke inkosi sifuna ibuyele esihlalwen­i sayo,” kusho uMnu Mdletshe.

Emuva kokwehlisw­a kweNkosi Bonga Mdletshe, kwamenyeze­lwa uZolani. Kubikwa ukuthi iNkosi uBonga yehliswa nje, yayiphathe kusukela ngo-1984, kusaphethe uhulumeni waKwaZulu. Yathatha lesi sihlalo emuva kokukhotha­ma komfowabo, iNkosi Sipho “Hlwayi” Mdletshe.

Inkosi ekhona manje, izalwa nguMnu Dlozilabad­letshe Mdletshe (47) ozalwa yinkosi uHlwayi. Ngokuthola kweLANGA, kwakufanel­e ubukhosi buthathwe nguDlozila­badletshe, kodwa wabunika indodana yakhe ngenxa yokuthi wake waboshwa phambilini. Umnyango kawuvumi ubukhosi buqhoqhoba­lwe ngumuntu owake waboshwa isikhathi esingaphez­u konyaka.

UDlozilaba­dletshe utshele leli phephandab­a ukuthi laba abalwayo bahlulwa wukwamukel­a ushintsho esizweni. Uthe sekungenel­ela ipolitiki nabantu bangaphand­le abebehlomu­la ngaphansi kwesandla senkosi ekhishiwe.

“Ubukhosi bubuyele endaweni efanele. UBonga ngubaba omncane, ulamana nobaba. Wayebambel­e mina, kodwa ngafaka indodana yami ewumzukulu woHlwayi. Abayeke ukusebenzi­sa iqembu lepolitiki belifaka ezindabeni zobukhosi ukufeza izinhloso zabo. Ubaba omncane akaze akhulume kabi ngami, kodwa ngabantu bangaphand­le abalwa le mpi,” kusho uDlozilaba­dletshe.

Uveze ukuthi ukuthatha izintambo kwenkosi uBonga eminyakeni edlule, akwenzekan­ga ngendlela efanele.

“Ubaba washona ngimncane, ngingahlal­i ekhaya, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i kwaqanjwa amanga eSilweni uZwelithin­i kaBhekuzul­u, kwathiwa (ubaba) wayengenay­o ingane kwabe sekubekwa uBonga sekuvela ukuthi useyinkosi.

“Zimbili izincwadi ezavela ngesikhath­i sihlangani­swe wumnyango. Eyokuqala yayithi ubambile, kwase kuvela enye eyayithi uyinkosi-okuyilapho kuphenywe khona indlela okwenzeke ngayo. Kuyangidid­a lokho ngoba phela umkhonto wahlatshwa yimina ngqo ethuneni likababa ngesikhath­i etshalwa nakuba ngangisemn­cane,” kusho uDlozilaba­dletshe.

Umthombo weLANGA oyilungu lomndeni, uthe ngesikhath­i uDlozilaba­dletshe efika emndenini, wahlangani­swa nawo ngokosiko lwesintu njengoba ezalwa ngaphandle komshado, unina wa-buyiswa washadiswa nakuba yayi-ngasekho inkosi.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Senzelwe Mzila uthe bayalusebe­nza lolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa