IYAQONGA EYOMBANGO WESIHLALO SOBUKHOSI BASEMDLETSHENI
ILOKHU ishunqe njalo intuthu yombango wesihlalo sobukhosi baseMdletsheni, eHluhluwe, obebuphethwe yiNkosi Bonga Mdletshe eyake yaba yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal - kodwa yagudluzwa ngoba kuthiwa ubukhosi busendaweni engafanele.
NgoLwesine, amanye amalungu omndeni wasebukhosini abhikishe ashona ehhovisi lomnyango wezomdabu eMkhuze, afuna kukhishwe ubuholi besizwe obusha enkantolo yenkosi.
UMnu Mhlanganyeleni Mdletshe omisiwe kwesobundunankulu, uthe bewumndeni kabakaze bavumelane ngokubekwa kwenkosi entsha, uZolani Mdletshe (25). Uthe ubukhosi baseMdletsheni ngeke buphathwe ngumuntu ozalwa ngaphandle komshado.
“Lolu daba saluhambisa nasezinkantolo kwaphuma isinqumo sokuthi mayingakhishwa inkosi (uBonga), kodwa umnyango nehhovisi likandunankulu (waKwaZuluNatal) baphoqa ukuba ikhishwe. Le ngane ephethe ubukhosi yihlahla, ngakho-ke inkosi sifuna ibuyele esihlalweni sayo,” kusho uMnu Mdletshe.
Emuva kokwehliswa kweNkosi Bonga Mdletshe, kwamenyezelwa uZolani. Kubikwa ukuthi iNkosi uBonga yehliswa nje, yayiphathe kusukela ngo-1984, kusaphethe uhulumeni waKwaZulu. Yathatha lesi sihlalo emuva kokukhothama komfowabo, iNkosi Sipho “Hlwayi” Mdletshe.
Inkosi ekhona manje, izalwa nguMnu Dlozilabadletshe Mdletshe (47) ozalwa yinkosi uHlwayi. Ngokuthola kweLANGA, kwakufanele ubukhosi buthathwe nguDlozilabadletshe, kodwa wabunika indodana yakhe ngenxa yokuthi wake waboshwa phambilini. Umnyango kawuvumi ubukhosi buqhoqhobalwe ngumuntu owake waboshwa isikhathi esingaphezu konyaka.
UDlozilabadletshe utshele leli phephandaba ukuthi laba abalwayo bahlulwa wukwamukela ushintsho esizweni. Uthe sekungenelela ipolitiki nabantu bangaphandle abebehlomula ngaphansi kwesandla senkosi ekhishiwe.
“Ubukhosi bubuyele endaweni efanele. UBonga ngubaba omncane, ulamana nobaba. Wayebambele mina, kodwa ngafaka indodana yami ewumzukulu woHlwayi. Abayeke ukusebenzisa iqembu lepolitiki belifaka ezindabeni zobukhosi ukufeza izinhloso zabo. Ubaba omncane akaze akhulume kabi ngami, kodwa ngabantu bangaphandle abalwa le mpi,” kusho uDlozilabadletshe.
Uveze ukuthi ukuthatha izintambo kwenkosi uBonga eminyakeni edlule, akwenzekanga ngendlela efanele.
“Ubaba washona ngimncane, ngingahlali ekhaya, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwaqanjwa amanga eSilweni uZwelithini kaBhekuzulu, kwathiwa (ubaba) wayengenayo ingane kwabe sekubekwa uBonga sekuvela ukuthi useyinkosi.
“Zimbili izincwadi ezavela ngesikhathi sihlanganiswe wumnyango. Eyokuqala yayithi ubambile, kwase kuvela enye eyayithi uyinkosi-okuyilapho kuphenywe khona indlela okwenzeke ngayo. Kuyangidida lokho ngoba phela umkhonto wahlatshwa yimina ngqo ethuneni likababa ngesikhathi etshalwa nakuba ngangisemncane,” kusho uDlozilabadletshe.
Umthombo weLANGA oyilungu lomndeni, uthe ngesikhathi uDlozilabadletshe efika emndenini, wahlanganiswa nawo ngokosiko lwesintu njengoba ezalwa ngaphandle komshado, unina wa-buyiswa washadiswa nakuba yayi-ngasekho inkosi.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Senzelwe Mzila uthe bayalusebenza lolu daba.