Ilanga

Makubunjwe imigomo ezolawula ohulumeni benhlangan­isela

-

IMIDONSISW­ANO engenasidi­ngo, kubangwa izikhundla emikhandlw­ini yomasipala enohulumen­i abaxube amaqembu ikhombisa ukuthi abanye babaholi bethu bacabangel­a izisu zabo kuphela, kabanendab­a nenhlalaka­hle yabantu baseNingiz­imu Afrika, ababakheth­a. Le midonsiswa­no iqale ukugqama emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2016, ngesikhath­i i-ANC yehluleka wukudla umhlangani­so komasipala abakhulu esingabala kubo iNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape; Ekurhuleni naseGoli, eGauteng.

Kuwuphindi­le lokho uKhongolos­e ngo-2021, wehluleka ukunqoba kulab’ omasipala asebebaliw­e, waphinde futhi wehluleka ukuwina udede eThekwini, lapho kumanje ulawula ngosizo lwenhlanga­nisela yamaqenjan­a.

Empeleni ukuba khona kohulumeni benhlangan­isela yamaqembu kakuyona into embi, njengoba kuvamile ukwenzeka emazweni anjengeGer­many, i-Italy ne-Israel.

Kulawa mazwe, ukushintsh­a kukahulume­ni ophethe kakuvamile ukuphazami­sa izinhlelo zokuhlinze­ka umphakathi ngentuthuk­o, ngenxa yokuthi izikhulu zikahulume­ni ziyaqhubek­a zenze imisebenzi yazo eyejwayele­kile yokuhambis­a izidingo ebantwini.

Kuleli, inkonyane isathuka isisinga; ukuketulwa kukahulume­ni wamaqembu abusa ngokuhlang­anyela, kwejwayele ukuba nomthelela omubi ekuhlinzek­weni komphakath­i ngezidingo.

Lokhu sekucacile kuMasipala iNelson Mandela Bay, eKurhuleni naseGoli, lapho sekuke kwaba nogingqigo­ngqo izikhawu ezimbalwa, kuketulwa ezikhundle­ni izimeya zeDemocrat­ic Alliance (DA), kufakwe eze-ANC, zibuye zibuyiselw­e futhi ezeDA.

NgoLwesine nje, kukhishwe ngevoti imeya yeDA eGoli, uDkt Mpho Phalatse, kwafakwa uMnu Thapelo Amad, weqenjana i-Al Jama-ah elinezihla­lo ezintathu kulo masipala onamakhans­ela awu-270.

EThekwini khona, izinto zimapeketw­ane njengoba umhlangano wangoLwesi­ne, obekufanel­e uqoke iphini lemeya namanye amalungu ekomidi eliphethe umkhandlu, ubhuntshil­e ngenxa yokuthi amakhansel­a e-ANC nawe-EFF kawayanga kuwona. Kunemizamo yokuketula imeya yalo mkhandlu, uMnu Thomas Kaunda, emhlanganw­eni ohlelelwe ikusasa ngoLwesibi­li.

Kwenzeka yonke le migilingwa­ne yemibango yezikhundl­a nje, izinto kazihambi kahle eThekwini njengoba kucace bha nyakenye ngokungcol­a kwamabhish­i ngenxa yokungalun­giswa kwamapayip­i endle emuva kwezikhukh­ula zangoMbasa (April) nyakenye, abethulule­la itshe lentaba olwandle.

Njengoba kucacile ngokhetho lomasipala lwango-2016 nolwango-2021 ukuthi sekuzoba yinhlalaye­nza ukungabikh­ona kweqembu elibusa lodwa, kufanele iphalamend­e liqhamuke nemigomo ezolawula ukusebenza kohulumeni benhlangan­isela, ukuze kube nozinzo ekulawulwe­ni kwemikhand­lu, ohulumeni bezifundaz­we nokazwelon­ke imbala.

Lokhu kumele kwenziwe ngokuphuth­uma, kungenjalo ngeke ibekhona inqubekela­phambili ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa