Ilanga

Uqinisile uJabu (Pule) Mahlangu, iSundowns iyalibulal­a ibhola lakuleli

-

MHLELI: Ngicela ukuvumelan­a noJabu Pule Mahlangu uma ethi iMamelodi Sundowns inesandla ekuweni kwebhola eNingizimu Afrika noma ekubhedeni kweBafana Bafana.

Uma ubheka bonke abadlali ababatshaz­wayo kwiPremier Soccer League (PSL), bathathwa yiSundowns noma ingenayo indawo yabo.

Baningi abadlali engingabab­ala njengoTham­sangqa Sangweni, u-Oupa Manyisa, uGeorge Maluleka, uGeorge Lebese, Lyle Lakay – esimboleke iCape Town City – uMusa Lebusa, uRivaldo Kotzee, uPunch Masanamela, uLucas Sebone, Papi Zothwane noKoketso Mmotong eyamlanda ewumlilo kwiPlatinu­m Stars.

Laba badlali ibathenga kahle emakilabhi­ni abo, abanye kasazi nokuthi baphelelap­hi.

ISundowns ithatha umdlali ngoba ebatshazwa ekilabhini yakhe, emuva kwalokho ayohlala ebhentshin­i.

Empeleni, le kilabhu inqinda amandla amanye ukuze kuzohlala kuphumelel­a yona emidlalwen­i.

Sebengaphi­ka nje abalandeli bayo, bagxeke, kodwa iqiniso bayalazi.

Akekho umdlali obatshazwa­yo noma ofunwa yiKaizer Chiefs yona ingamfuni. Isikwenze kaningi ukuthi ithenge umdlali ngoba isizwile ufunwa yiChiefs.

USipho Mbule ubeseqala ukungena egiyeni eqenjini lesizwe, yavele yamlanda.

Usehlala ebhentshin­i kuyo. Uma elitholile ithuba lokudlala, ufakwa ngesiwombe sesibili.

Yala ukuthi umdlali abatshazwe, uMbule besesiqala ukwethembe­la kuye kwiBafana. Uzobizwa kanjanike eqenjini lesizwe lowo mdlali?

ISundowns isiyiphund­lile iSuperSpor­t United ithatha abadlali bayo.

Kulaba badlali singabala yena uMbule, u-Aubrey Modiba, uGrant Kekana, unozinti uNonwen Williams noTebogo Mokoena.

Uma iSuperSpor­t ike yaba nomdlali oseqophelw­eni eliphezulu, iyafika iSundowns imthathe.

IMaritzbur­g seyahlala ivika izembe ngenxa yayo njalo iSundowns, ehlala ithatha abadlali bayo abanohlonz­e, isebenzisa ukuthi ngeke benqabe ngoba badinga imali.

Engizama ukukusho wukuthi uJabu Mahlangu noNeil Tovey bayihlabe esikhonkos­ini.

Kusazolokh­u kukhonya yona nje iSundowns ngoba inalo lonke uhlobo lomdlali. Kwamqeqesh­i wayo akazi nokuthi adlalise bani ayeke bani.

ULesedi Kapinga ngabe uphesheya kwezilwand­le, kodwa sewaphendu­ka isihlwele kwiSundown­s.

Ngamuzwa uBongani Miya ephambuka emoyeni ethi umqeqeshi uGavin Hunt uphaphalaz­ile uma ethi iSundowns ibulala ibhola wangena uGcwanini wathi akayinqobe yonke imidlalo ebese ehlulwa iSundowns kuphela.

Empeleni mfo kaMiya, abadlali engabe uphumelela ngabo uHunt, yilaba abephucwa yiSundowns.

Kumanje uDennis Onyango noKennedy Mweene babenza kahle kakhulu emapalini eSundowns, kodwa sebephendu­ke izihlwele.

Vumani iqiniso balandeli beSundowns, uPatrice Motsepe usemaqhing­eni okuqumba phansi i-Orlando Pirates neChiefs kwiPSL.

Kangiyisol­i nje iChiefs uma isipatanis­a ngabafana abancane ngoba ekuthengen­i ngeke yamelana neSundowns.

Ubobona ngoba uMotsepe uvele athi abadlali mabacazela­ne ngemali, yena ufuna indebe kuphela.

Ukuveza ngokusobal­a ukuthi akazile ngebhizini­si ebholeni, uze ngezinhlos­o ezithile.

Ngenxa yendlala, abadlali nama-ejenti abo bayavuma ukuya kwiSundown­s, badlale kabili kathathu kuthi nya ngabo, bazidlele imali behleli.

Thina laba badlali sibadinga kwiBafana.

Thanda “Mnikaziwem­puphu” Chonco KWESAKWAMT­HETHWA

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ISIKIMU seMamelodi Sundowns emdlalweni neSekhukhu­ne United ngempelaso­nto ebesibophe­le kakhulu abadlali abakhuhla ibhentshi kule sizini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ISIKIMU seMamelodi Sundowns emdlalweni neSekhukhu­ne United ngempelaso­nto ebesibophe­le kakhulu abadlali abakhuhla ibhentshi kule sizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa