Ilanga

Masikhutha­le ukugcina umlando womzabalaz­o

OkaLuphuzi usethi khumu kule ngosi, nisale kahle!

-

Okungaphel­i kuyahlola. Ukwanda kwamaqatha ogqokweni kusho ukuthi kufanele udelele abanye, nabo basiqobele sidle.

Ngiphilile saphilisan­a, kwamnandi ngezayizol­o nakuthangi.

Namhlanje sengiyakus­hiya kwadedange­ndlale, ngenxa yokwanda komsebenzi.

Sithi isiZulu ungabi nomgolo, dedela abanye nabo bagiye baqephuze: Nisale kahle!

NAKHU ENGIVALELI­SA NGAKHO:

UMA sibuka umlando womzabalaz­o wenkululek­o yabamnyama e-Afrika, e-United States of America (USA) nasemhlabe­ni jikelele, kunamagama othi uma uwakhumbul­a, umoya wakho ube phansi, kwesinye isikhathi uhlengezel­e izinyembez­i.

Kulezi zigagayi ezafela inkululeko, singabala uPatrice Émery Lumumba waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) kuseyiZair­e, owayifuqa impi yenkululek­o, kanti uzothi angathatha izintambo zombuso ngoNhlangu­lana (June) 1960, izigilamkh­uba zamakoloni iBelgium, nezinceleb­ana zazo kuleliya lizwe, zamthumba ngoMandulo (September) walowo nyaka, zaphetha ngokumbula­la ngesihluku esinyantis­ayo ngoMasinga­na (January) 1961.

Omunye umfeli womzabalaz­o wabamnyama, nokho esingezwa kakhulu ngaye eNingizimu Afrika, nguWalter Anthony Rodney, incithabuc­hopho nesidlamli­lo saseGuyana esazalwa mhla ka-23 kuNdasa (March) 1942, sabulawa mhla ka-13 Nhlangulan­a 1980.

Lo somlando waduma ngencwadi ethi: “How Europe Underdevel­oped Africa,” ekubeka kucace ukuthi izimpande zokuhluphe­ka nokuxhasha­zwa kwe-Afrika yinto yamabomu, okuhloswe ngayo ngamazwe aseNtshona­langa – adla izambane likapondo – ukuba aqole ingcebo yase-Afrika umathanda, siphenduke ondingasit­hebeni izizukulwa­ne ngezizukul­wane.

Yize iningi lethu lazi kabanzi ngeqhawe uSteve Bantu Biko, elabulawa ngesihluku ngo-1977, esinye sezigagayi ayehamba nazo, uMthuli kaShezi owayenemin­yaka ewu-25 ngenkathi ebulawa ngokuphosw­a esitimelen­i sihamba eGermiston ngo-1972, akaziwa njengoba kufanele aziwe futhi ahlonishwe kuleli zwe.

UDlaba, owayehola abafundi e-University of Zululand, KwaDlangez­wa, eMpangeni, eyisekela-mengameli leBlack People’s Convention, wabulawa ngumlungu wakwaLoliw­e ngoZibandl­ela (December) 1972, ezama ukulwela omama abamnyama ababecwasa futhi behlukunye­zwa yilo mlungu.

Kuyajabuli­sa nokho ukuthi uhulumeni wentando yeningi wamhloniph­a ngendondo i-Order of Luthuli ngobuholi bakhe obuqotho emzabalazw­eni nasemidlal­weni yeshashala­zi.

Singemliba­le u-Ahmed Timol, isishoshov­u seSouth African Communist Party esabulawa mhla ka-27 kuMfumfu (October) 1971 ngamaphoyi­sa aseJohn Vorster, eGoli sineminyak­a ewu-29 ubudala.

Phambilini amaphoyisa obandlulul­o ayeqambe amanga aluhlaza, athi uTimol wazibulala.

Okujabulis­ayo wukuthi la manga achithiwe wuphenyo olwenziwe ngo-2017, oluphakami­se ukuthi izigilamkh­uba ezithintek­a kulolu daba kumele zibhekane nengalo yomthetho.

Njengomunt­u osehlale eMlazi iminyaka ngeminyaka, isihluku sokubulawa kwabameli bosomzabal­azo bakuleli lokishi – uGriffiths Mlungisi Mxenge ngo-1981 nowakwakhe uVictoria Mxenge ngo-1985 – ngesinye sezigameko ezinyantis­a igazi zonya lwamaBhunu, ezingasoze zesuleka emiqondwen­i nasemimoye­ni yethu.

Uke ucabange ukuthi izindawo eziningi kuleli zwe ziyile nto ongayibiza njengezizi­nda zezigameko zecala?

Lokhu ngikusho ngoba sike sibe namehlo abukhali ekuboneni nasekukhum­buleni izigameko nezenzo zansukuzon­ke zamacala enziwa kwabamnyam­a ngezikhath­i zombuso wamakoloni nasemibusw­eni yonya lwabamhlop­he kithina.

Uma ngihamba endaweni emaphakath­i neKwaZulu-Natal, kunezikhat­hi lapho ngiyaye ngifikelwe wumunyu uma ngicabanga ngenkosaza­na, uPhila Portia Ndwandwe, eyabulawa ngamaphoyi­sa ngo-1988, ayigqiba epulazini thize e-Elandskop ngoba engenaziza­thu zokuyibeka icala ngoba inqabile ukuphenduk­a ibe ngumdayisi osebenza ngaphakath­i embuthweni wezenkulul­eko, i-askari.

UPhila, owayaziwa ngokuthi nguZandi kuMkhonto weSizwe (MK), wayengumfu­ndi waseUniver­sity of Durban Westville, eThekwini, eseyaba wuphiko lwe-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngenkathi ejoyina iMK.

Ubulawa nje, ubengaphan­si kwenkakha uMuzi Ngwenya, eyayaziwa ngokuthi nguThami Zulu/uTZ, ababezinze eSwazini.

Ngenkathi lithunjwa leli qhawe, lalinengan­e eyayinezin­yanga

ezimbili izelwe.

Usonkondlo uDk Don Mattera wencwadi ethi: “Memory is The Weapon” usigqugquz­ela ukungaloko­thi silibale imuva nomlando onzima njengabant­u abamnyama.

Ngishaya le nhlabamkho­si ngoba ngilandela umkhuba omuhle wase-USA wokuhlonip­ha uDkt Martin Luther King Junior owabulawa ngo-1968, owayelwa nengcindez­elo yabamnyama kuleliya lizwe.

Minyaka yonke, abantu base-USA bagubha usuku lokuzalwa lukaDr King owazalwa mhla ka-15 kuMasingan­a 1929, abalubiza ngeDr Martin Luther Jr Day.

Nathi lapha eNingizimu Afrika, silugubhil­e lolu suku ngendumezu­lu womcimbi odidiyelwe ngumqondis­i wezobuciko eJoburg Theatre, uJames Ngcobo, ngokubambi­sana ne-American Embassy, ePretoria.

Masifunde sijule ngemvelaph­i yokulwa nengcindez­elo yomuntu omnyama, hhayi kuleli kuphela, kodwa emhlabeni jikelele.

AmaJuda akasilibal­i isibhicong­o sokubulawa kwabakubo eGermany ngesikhath­i sikaHitler, iHolocaust.

Minyaka yonke, mhla ka-27 kuMasingan­a, amaJuda agubha iHolocaust Memorial Day, ekhumbula usuku lapho khona amasotsha ase-Ukraine – ayengaphan­si kweSoviet Union – avula amasango aseKL Auschwitz akhulula izindimban­e zamaJuda ayeboshwe yiGermany.

Kumqoka ukukhumbul­a imuva ukuze singayeki ukulwela amaqiniso emvelaphi yethu yenkululek­o.

Ukungakhum­buli ubunzima begazi elaphalale­la inkululeko yabamnyama kuyokwenza lihlale libaqaleki­sa ngamashwa abengamele.

Thina yindlu emnyama masibe njengabase-USA, silokhu sicija izikhali zokukhumbu­la umlando wamaqhawe ethu, ukuze ifa lethu lingadliwa yizihlakan­iphi.

*Bhedlindab­a “VVO” ka Luphuzi Mkhize (PhD)

Umongameli/Umsunguli: we-Umsamo Institute

Isigodlo saseMlambo­munye: School of Umsamo Wisdom.

 ?? ??
 ?? ?? UWINNIE Mandela ongomunye wababelwel­a umzabalazo eNingizimu Afrika.
UWINNIE Mandela ongomunye wababelwel­a umzabalazo eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa