Ilanga

Kumele iklonyelis­we inyanga ebophise obedayisa ingane enebala elimhlophe

- UCALLISTUS NKWANYANA

KUMELE sishayelwe ihlombe isenzo esihle senyanga (uMnu Joseph “Godolulala­mankankane” Mthembu) ebophise umgulukudu wowesifaza­ne owayezama ukudayisa ingane enebala elimhlophe.

Nakuba egwetshiwe kodwa kasenele lesi sigwebo asitholile.

Bekusafane­le achaze ukuthi waqala nini ukwenza lobu bugebengu.

Ngicela ukuphonsel­a uhulumeni inselelo yokuba uklomelise le nyanga eyenze umsebenzi omkhulu kangaka; ngiphinde ngiphonse inselelo enhlanganw­eni yabelaphi bendabuko ukuba kumele yenze okuthile ukukhuthaz­a ubulungisw­a nokuhlonip­ha umsebenzi wamalungu ayo ngokuklome­lisa nokukhutha­za izenzo ezinhle zabelaphi.

Lo mkhuba wokubulala abantu abanebala elimhlophe ngoba kuthiwa izicubu zabo kuthakwa ngazo umuthi wenhlanhla, yisenzo esingcole kabi futhi esinobulwa­ne obumangali­sayo.

Singcole ngokuphind­iwe uma senziwa ngowesifaz­ane, obazi kahleubuhl­ungu bokukhulel­wa, ukusikwa nayo yonke iminjunju ehambisana nokulethwa komuntu emhlabeni.

Bekufanele avalelwe unomphela, angaphinde aphume ejele lona wesifazane.

Uma enezingane, ngiyacaban­ga nje ukuthi zithini ngalesi senzo.

Uma zisencane, uyozibheke­lwa ngubani uma sezikhulil­e?

Phela akekho umuntu ongafisa ukuba nomzali onjengalon­a.

Uphoxe umndeni wakhe wawufaka ehlazweni elinzima.

Into exaka kakhulu, wukuthi abenzi bobubi banikwa izigwebo ezincane, ababulali nabo banikwa izigwebo ezingekho.

Okudida kakhulu wukuthi uma uke wabulala isilwane njengobhej­ane, ugwetshwa iminyakany­aka.

Omunye owabulala ubhejane wagixabezw­a iminyaka ewu-52, kodwa uma umuntu ebulale omunye ugwetshwa iminyaka ewu-20 nje kuphela.

Yebo siyazithan­da izilwane, kodwa akusho ukuthi zidlula abantu.

Kwesinye isikhathi kuze kubesengat­hi lezi zigwebo zinamehlo okubuka imibala.

Mhlawumbe-ke leyo mibala inemali, ikwazi ukukhokhel­a abameli abakhaliph­ile.

Namanje sisabheke ngabomvu icala lomlungu wesifazane lokucwasa nokugqugqu­zela inzondo.

Uzothola ukuthi abamalunge­lo abantu bazomshaya ngoswazi oluncane, bamhlawuli­se imadlana nje, okusho ukuthi izigwili zizoqhubek­a nokwephula umthetho ngoba zazi ukuthi zizogwetsh­wa ukunxephez­ela ngemali, into ezinayo.

Lokhu kusho ukuthi umuntu onsundu akalutho, uyize leze.

Kuwubuphuk­uphuku okuphindwe kaningi ukucabanga ukuthi abantu abanebala elimhlophe kungenziwa ngabo umuthi.

Lokhu kucabanga nokwenza, kudalwa wuthando lwemali, ube ungafuni ukuyiseben­zela.

Uma ufuna ukuceba, kumele uqale ujuluke, usebenze ukuze uphumelele.

Phela nezigebeng­u zakheka ngayo le ndlela yokufuna ukunqamule­la ukuze zifike empumelelw­eni.

Ukuba nebala elimhlophe kudalwa wukungabik­hona kwento eyenza umbala esikhunjen­i somuntu.

Le nto ibizwa nge-melanin ngolimi okungesilo­na olwethu.

Lokhu kwenza umuntu abe nesikhumba esimhlophe ngokwedlul­ele futhi abe nenkinga yokubona, azwele kakhulu elangeni.

Lokhu kakwenzeki kubantu abansundu kuphela, nezinye izizwe ziyahlanga­bezana nalesi simo.

Into edabukasiy­o, kasikaze sizwe ukuthi nabelungu babulala abakubo abanebala elimhlophe ngoba befuna inhlanhla.

Okufanele kwazeke, wukuthi ngisho nasezilwan­eni imbala, le nto iyenzeka.

Kazibonaka­li izilwane zicwasa esinye ngoba sinebala thizeni.

Lokhu kuyasho ukuthi ukubulala abantu bebala elimhlophe yisenzo ongeke wasifanisa nobuphukup­huku, kodwa singaphezu­lu kakhulu kunalokho.

Kangazi-ke ukuthi into uma seyedlula ubuphukuph­uku ibizwa ngani.

Mangiphind­e ngithi isenzo sikaMvelas­e, sengathi singathath­wa yibo bonke abelaphi bendabuko.

Phela kumele sifunde ukuthi kayikho imali eyokwenza uphumule, uyidle kahle nomndeni wakho, uma uyithola ngokubulal­a isidalwa esingumunt­u, noma ngabe ngowebala elimhlophe noma ngumuntu nje.

*Mnu Callistus Bheki Nkwanyana

Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transforma­tion

Wayengumqo­ndisi: KZN office of the Premier: Community Partnershi­p and Moral Regenerati­on Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”

Uyatholaka­la ku: nkwanyanac­b60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatAPP

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa