Ilanga

Kuyintokoz­o ukwemukela ubuso obusha oSuthwini

-

KUYINTOKOZ­O enkulu kimina ukwemukela ubuso obusha ekilabhini.

Ngesikhath­i ngithatha izintambo zokuhola le kilabhu emndenini wakwaSokhe­la, obekuhamba phambili kithina wukuletha uguquko ukuze bonke abayingxen­ye yoSuthu baziqhenye ngekilabhu yabo.

Silokhu siqhubeke njalo nokuqinisa zonke izinhlaka zokuphila kwekilabhu, kusukela kwezincane kuze kuyofika esikimini esikhulu.

Lokhu kuyingxeny­e yohlelo lethu lwesikhath­i eside lokudlondl­obalisa le kilabhu.

Sijabule ngokujoyin­wa nguJody February noGuily Manziba.

Okuhle kakhulu ngoFebruar­y wukuthi uzofaka ukuncintis­ana ezintini kuVeli Mothwa, u-Olwethu Mzimela noSiyanda Khumalo, osemncane ngeminyaka, abasivimbe­layo.

Sibone kumqoka ukuqinisa ezintini ngoba siyazi ukuthi umzuliswan­o wesibili wemidlalo yeligi uzoshuba kakhulu, ekubeni kusekhona neNedbank Cup esibheke ukwenza kahle kuyona.

SIMFISELA OKUHLE UMAKHAULA OZOJOYINA IBUCS NGESIZINI EZAYO

Umqeqeshi wethu uRomain “Fohloza” Folz usesitshel­e ukuthi weneme ngesimenze­le khona.

Uthe umsebenzi usulele kuyena nabo bonke abadlali bethu.

Nginxusa bonke abathandi boSuthu ukuba babambisan­e nathi ekwesekeni umqeqeshi wekilabhu.

Kangithand­i ukuthi abalandeli bethu bezwe izinto emakhoneni ngoba kwesinye isikhathi lokhu kudala ukuxokozel­a.

Le ngosi iyinkundla ekahle yokuneka konke okwenzeka ekilabhini.

Kuningi osekukhulu­nywe ngoMakhehl­eni Makhaula, ongukapute­ni wekilabhu, okuthinta ukwehlukan­a kwakhe noSuthu.

UMakhaula simfisela okuhle kodwa njengoba ezojoyina i-Orlando Pirates ekusongwen­i kwale sizini. Simbonga kakhulu ngokuzinik­ela kwakhe oSuthwini.

SIBHEKE UKUKHIQIZA UKHILIMU WABADLALI EZINHLAKEN­I EZINCANE

Sijabule kakhulu ngokwamuke­la uReneilwe “Yeye” Letsholony­one, uMbulelo “OJ” Mabizela no-Andile “Sguda” Cele abazololon­ga amaqembu amancane ekilabhu.

Silande bona ngoba siwahlonip­ha kakhulu amagalelo abo kunobhutsh­uzwayo.

Siphinde saqinisa izinhlaka zokuthuthu­kiswa kwabadlali ngabalolon­gi abanohlonz­e okubalwa kubona u-Aubrey Vilakazi, u-Amanda Sithole, uBrice Petersen, uTaoni Banda noNqoba Mdladla.

Sethemba ukuthi bazokwazi ukukhiqize­la ikilabhu abadlali abasezinge­ni eliphezulu.

* USandile Zungu unguMengam­eli wamaZulu FC.

 ?? ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI nabaqeqesh­i abasha bamaZulu FC nezikhulu zale kilabhu, ezihleli phansi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ABADLALI nabaqeqesh­i abasha bamaZulu FC nezikhulu zale kilabhu, ezihleli phansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa