Kunyomfeke umdlalo kuhujwa unondweba
ISafa ifuna aqulwe ngokushesha amacala eKZN ABC Motsepe League
KUFAKAZELEKE i nkulumo yokuthi kusehlathini esigabeni seSafa KZN ABC Motsepe League kuphinda kunyomfeka omunye umdlalo ngesikhathi abeDurban Pioneers FC yaseMlazi behubha unondweba obeyidlalisa ibhekene neGWP Friends koweligi ngoMgqibelo eWema.
Lo mdlalo unyomfeke kuwu-2-1 kuhamba phambili iFriends.
Izikhulu zePioneers bezikhala ngokubanjwa inkunzi ilanga libalele.
Lesi simo sokuhujwa konondweba sekungesesibili kulo nyaka njengoba neMuzi King Masters yaseMandeni yenze esifanayo ngeledlule ibhekene neMilford FC.
Kuthiwa besekusele imizuzu ewu-7 ukuba lo mdlalo uphele, okwenze abePioneers bangena enkundleni, bedinwe iveva, bekhala ngokuthi unondweba uyabarobha kulo mdlalo.
IPioneers ike yahamba phambili ngo-1-0 kwaze kwayiwa ekhefini.
IFriends amagoli ayo iwathole ngesiwombe sesibili.
Imizamo yokuthola uSizwe Msani, ongumnikazi wePioneers, kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungena kodwa lungabanjwa.
UKwenzakwakhe Ngwenya weSafa, obekhona enkundleni, uzwakalise ukudumala ngesimo esenzeke kulo mdlalo.
Uthe bazolinda umbiko kanondweba besebethatha isinqumo.
Uthi yinto embi lena eyenzekile futhi kumele iqedwe ebholeni lakulesi sigaba.
Uthi uzohlela ukuthi wonke la macala aqulwe lingakapheli leli sonto ukuze kungakhinyabezeki uhlelo lwabo lokuqeda ngesikhathi imidlalo yeligi.
IMilford FC inyukele esicongweni okokuqala kule sizini ibhaxabula iNjampela FC ngo-3-0 ngoMgqibelo eMpangeni.
Amagoli eMilford FC eze noThobela Sikhakhane, uBulelani
* KHONAMANJALO:
Sigomoshe noSiphosethu Ndlabi.
* ISUMMERFIELD Dynamos ibuye namaphuzu agcwele iguqisa iStonebreakers FC ngo-1-0 wegoli likaMncedi “Scara” Vandala.
* UMKHUMBANE Classic umuhluze ngempama uMkhwakhwini Classic kuba wu-6-2 koweligi ngoMgqibelo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale. Amagoli oMkhumbane eze noSamkelo Maseko amabili, uMbuso Mdakane amabili noThobani Mncwango amabili.
* UMsinga United ushaye uMvoti FC ngo-2-0 wamagoli kaThobani “Mdeva” Mthembu noThabane “Mtsiri” Mthembu.
* Isiyonke imiphumela yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje: UMkhumbane 6, uMkhwakhwini 2; Summerfield 1, Stonebreakers 0; UMtubatuba 1, Asande 2; Happy Wanderers 1, Muzi 1; Milford FC 3, Njampela FC 0; Experience 0, Midlands Wanderers 2; FC Drakensburg 0, Newcastle 3; UMsinga 2, UMvoti FC 0.
mfanafuthin@ilanganews.co.za