Ilanga

UMQEQESHI UBUYISWE WUKULUNGA KWENKINGA YENKECE KWI-TTM

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNOKUZETHE­MBA ngokuthi nakanjani uzokwazi ukuqhelisa emsileni weMotsepe Foundation Championsh­ip iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila (TTM) uJohnny Ferreira ongumqeqes­hi omusha wale kilabhu kaLawrence Mulaudzi.

UFerreira utshele ILANGA ukuthi okumbuyise kwiTTM wukuthi ngesikhath­i ekhuluma noMulaudzi, utholile ukuthi izinkinga zemali sezixazulu­lekile.

Phambilini wayehanjis­we yizona.

“Ngiphezu kwemizamo yokusayini­sa abanye abadlali abazosiza ikilabhu ivike izembe.

“Uma ubheka, yithina sodwa esesidliwe emidlalwen­i ewu-10 kule sizini, okungelona irekhodi elihle.

“Okumqoka engikuzele kwiTTM wukuzofaka uzinzo.

“Kangisulan­ga ngoba kukhona obekungang­enelisi kwiBlack Leopards, kepha izinto zazingahla­ngani ekubeni ubengiphet­he kahle uDavid Thidiela.

“Ngigculise­kile ngabaqeqes­hi engibafici­le kwiTTM futhi kasikho idingo sokulanda abanye ngoba inqola ibibhajwe ekutholeni abadlali abanesipil­iyoni kuphela, okunye ngizobuye ngibhekane nakho uma isikhathi siqhubeka.

“Sinabadlal­i abawu-20 kuphela, yingakho ngifuna ukufaka abanye, okungcono sibe nesikwati esiwu-30 ngoba kuningi okusazokwe­nzeka uma isizini isiyophela,” esho.

Uthi emdlalweni neVenda FC bekungamel­e badliwe ngoba

bakwenze konke, kwasho khona ukuthi inhlanhla kayikho.

“Kumele abantu bakuqonde ukuthi iTTM njengoba ibinezinki­nga zemali, abadlali bayo abaningi bebengajim­i.

“Konke kuzocaca kahle kuleli sonto ngoba izinto sezihamba kahle.”

* KUZO EZALESI SIGABA:

IVenda FC igcine isayinise uRophney “Rover” Hlungwane, ophuma kwi-Emmanuel FC, inkontilek­a yonyaka nesigamu noBabatund­e Adepoju waseNigeri­a obegijima kwiNyasa Big Bullets okuthiwa akalibheki ipali.

USimo “Govuza” Dladla ocija iVenda uvumile ngokuhlaba­na ngalo mgadli.

* NAMUHLA ngoMsombul­uko iCape Town Spurs izokwemuke­la i-All Stars koweligi ngo-15h30 e-Parow Park Stadium, eCape Town.

 ?? ?? UJOHNNY Ferreira oshiye iBlack Leopards wabuyela kwiTTM
UJOHNNY Ferreira oshiye iBlack Leopards wabuyela kwiTTM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa