Ilanga

Ujabule wabuyela nganeno benqoba

Umqeqeshi wePirates uthi kayikafiki la efuna khona

- SENZO SOKHELA

UJABULE wabuyela nganeno uJose Riveiro ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates njengoba ekholwa wukuthi ezakhe kazikafiki lapho efuna khona.

IBucs iguqise iMarumo Gallants ngo-2-0 koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenbur­g.

Amagoli kulo mdlalo avalelwe enethini ngoMonnapu­le Saleng noNdabayit­hethwa Ndlondlo, okube yiphenathi.

UNdlondlo uthengwe kuyona iGallants ngesizini edlule.

IBucs, eke yaba wukudla kwenduku emidlalwen­i emithathu ilandelana, isinqobe imidlalo emithathu ilandelana.

Nakuba kunjalo uRiveiro uthi ezakhe zisengenza kangcono kakhulu kunalokhu ezikwenza manje.

“Ikilabhu yethu ibiqinile kodwa ibingeke iqine ngaphandle kodonga lwethu lwasemuva.

“Ibingeke iqine futhi ukuba abagadli bethu bebengabuy­i ukuzokwele­kelela ngokumaka.

“Konke kuhambe kahle kodwa ngikholwa wukuthi singenza kangcono kunalokhu.

“Ngiyajabul­a sinqobile kodwa kasikafiki lapho engifuna khona.

“Kodwa-ke okuhle wukuthi abadlali bami bayazi ukuthi ungena esikimini ngoba kukufanele, kakukho ukwenzelel­a,” kusho uRiveiro.

Ebuzwa ukuthi usegculise­kile yini ngendlela ezakhe ezihlohla ngayo amagoli, njengoba ubekhala ngokuba buthuntu kwazo phambi kwamapali, uthe: “Bengingaqa­mbi amanga uma ngithi sibuthuntu futhi bengikhath­azekile.

“Bengiba nokucasuka nokudumala ngezinye izikhathi.

“Sizame ngakho konke okusemandl­eni kuleli sonto (eledlule) ukucija abadlali bethu njengoba besiza kulo mdlalo.

“Sizama masonto wonke ukwakha amathuba angaphezul­u kwezimbang­i zethu.

“Nokho kakulula (emidlalwen­i) yize kusuke kuyilona isu esisuke sinalo.

“Besinenkin­ga enkulu yokuqobela enethini amathuba esiwathola­yo kodwa kasizange sililahle ithemba, yingakho izinto zibukeka zihamba kahle.

“Namanje ngisasho, sisengenza

kangcono kabi, yikhona nje ukuthi kufanele siqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla,” kusho uRiveiro.

www.ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI be-Orlando Pirates bedlulisa izilokotho zosuku lokuzalwa kusihlalo wale kilabhu uDkt Irvin Khoza emuva kokushaya igoli emdlalweni neMarumo Gallants ngempelaso­nto. Kwesokudla ngumqeqesh­i weBucs uJose Riveiro.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ABADLALI be-Orlando Pirates bedlulisa izilokotho zosuku lokuzalwa kusihlalo wale kilabhu uDkt Irvin Khoza emuva kokushaya igoli emdlalweni neMarumo Gallants ngempelaso­nto. Kwesokudla ngumqeqesh­i weBucs uJose Riveiro.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa