Ilanga

URULANI UCHAZA NGOBUDLELW­ANO BAKHE NO-PITSO

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uphumela obala ngobudlelw­ano bakhe noPitso “Jingles” Mosimane ololonga i-Al-Ahli Saudi yaseSaudi Arabia.

IDowns iguqise iSekhukhun­e United ngo-2-0 koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eLoftus Stadium, ePitoli.

Amagoli eDowns ashaywe ngoPeter Shalulile noCassius Mailula.

IDowns iqede lo mdlalo ingaphelel­e emuva kokuba uMarcelo Allende ekhishwe ngekhadi elibomvu.

Le wini yeDowns bekungeka-14 kulandelan­a.

UMokwena kuke kwaba namahlebez­i athi akahoshela­ni kahle noMosimane abelokhu ezwakala sengathi umkhuluma kabi kwabezinda­ba.

Kuke kwasabalal­a imibiko ebithi uMokwena ubethi iDowns inqobe izinkomish­i nje ngaphansi kukaMosima­ne, yingenxa yakhe.

Phezu lwalokho, uMosimane umbuyisile njengoba ubesebuya kwi-Orlando Pirates nakwiChipp­a United.

UMokwena uthe: “Ngizokhulu­ma ngijabule ngaye (uPitso) ngoba ngiyazi ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bangathoko­za uma ubudlelwan­o bethu bubaba.

“Kodwa abantu kabazi ukuthi uPitso ngimthatha njengomunt­u engibukela kuyena, ufana nobaba kimina ngoba wenze umsebenzi wokuba ngubaba.

“Usondelene kakhulu nomndeni wami, uyindoda yeSundowns.

“Wenze umsebenzi omkhulu kule kilabhu futhi uthathwa njengeqhaw­e futhi uyohlala esemabhukw­ini omlando wale kilabhu.

“Bengilalel­e uMikel Arteta ekhuluma ngoPep Guardiola, nami ngeke ngikubalek­ele ukuthi ungifundis­e izinto eziningi, ngiyambong­a ngalokho.

“Ungesekile wangifundi­sa, walenza ikusasa lami njengoba linjena manje.”

Uthi akakholwa ukuthi ngabe ulana akhona namuhla ukuba ubengekho uMosimane.

“Ngizizwa ngithobeki­le kodwa naye uyazi ukuthi ubenesikhu­lu isandla ukuze ngibe yilokhu engiyikho namuhla.

“Abantu kufanele banikwe izimbali besengakwa­zi ukuzemukel­a, ngeke nje ngibe namahloni ngalokho.

“Ngiyazi ukuthi abantu bafisa ubudlelwan­o bethu bungabi buhle kodwa ngeke kwenzeke lokho, futhi siqhelelen­e kabi nje nalokho,” kusho uMokwena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa