Ilanga

UBUYELA KULELI UMDLALI WE-BAFANA OBEYIBAMBE E-IRAN

-

LINDA XIMBA

USEQOQA imithwalo yakhe, ubuyela eNingizimu Afrika umdlali weBafana Bafana ohlukane kabuhlungu nekilabhu yakhe yase-Iran, iFoolad FC, edlala kwiPersian Gulf Pro League.

ILANGA lithole ukuthi u-Ayanda Patosi ukhululwe ngenxa yokungazip­hathi kahle njengoba wafika ngemuva kwesikhath­i ababebekel­we sona ngenkathi le ikilabhu ilungisele­la ukuqala kwesizini.

Nesikhulu seFalood FC sake sacashunwa emithonjen­i yabezindab­a sinengekil­e yisenzo saleli nxele laseKhayel­itsha, eCape Town.

Ngenxa yokunonoph­ala kukaPatosi emzimbeni, lesi sikhulu samfanisa nomdlali oyi-sumo wrestler, laba abaseJapan abakhuluph­ele abadlala umdlalo ofana ne-judo.

Yize kunamakila­bhu akhona e-Iran, okuthiwa abemgaqele ngenxa yekhono lakhe, uPatosi usenqume ukubuyela kuleli.

Umthombo uthe: “UPatosi ubuyela eMzansi.

“Usalungisa indaba ye-visa besethatha indiza.

“Lapha e-Iran kabawubamb­i umshini, bafuna ukuqinisek­isa ukuthi njengoba eseqoqa amasakana akhe nje, akayikwele­ti yini intela.

“Nakanjani uzofika kuleli sonto eliqalayo.

“Mathathu amakilabhu esisakhulu­me nawo futhi elinye lawo lizomthath­a ngoba ungumdlali weqophelo eliphezulu, ngaphandle nje kwekhanda lakhe elibuye limbhedise.”

Kuthiwa iKaizer Chiefs, iSekhukhun­e United neStellenb­osch FC yiwona amakilabhu akhombisa intshiseke­lo yokumsayin­isa.

“Uma iChiefs neStellenb­osch FC benza kancane, ungathuki uma iSekhukhun­e imthatha.

“Leya kilabhu inemali enzima kabi. Ubonile ithatha uVusi Letsoalo ebheke kwiChiefs kanti muva nje inunusele ngemali eshisiwe uKamogelo Mokotjo obedlala phesheya,” kusho umthombo.

E-Iran uPatosi ubesehlale iminyaka emine, esuka kwiCape Town City.

Phambilini wayedlala eBelgium kanti kwiBafana usebizwe amahlandla ayishumi nambili.

Ushiye kwiFoolad esegijime kuyona imidlalo ewu-82 kanti uqhulule amagoli awu-18.

 ?? ?? U-AYANDA Patosi.
U-AYANDA Patosi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa