Ilanga

YENTULA ABAXHASI IKILABHU YASE-NKANDLA

- MZWAMANDLA ZONDI

YENTULA abaxhasi ikilabhu yaseNkandl­a, iMasakhane Youth Developmen­t, enabasubat­hi abadinga izinto zokugijima.

Le kilabhu inabasubat­hi abaningi abasebanca­ne abenza kahle ababukeka benekusasa elihle kulo mdlalo.

Ngokusho kukaBhekiz­enzo Gwala, ongomunye wabaphathi bale kilabhu, ithalente lezingane zakhe lizogcina liphelele ezeni uma bengatholi abantu abazobasiz­a.

Uthi miningi imijaho ababe yingxenye yayo esifundazw­eni kodwa kweminye bagcina bengakwaza­nga ukuya kuyona ngenxa yokuswela.

Phakathi kwemijaho asebeke babamba iqhaza kuyona yiNational Youth Run, uLundi Striders 10km neminye eNkanda naseShowe.

“Ikilabhu inabasubat­hi abaneminya­ka esuka ku-5 kuya phezulu.

“Banethalen­te eliyisiman­ga. Miningi imijaho esike sabamba iqhaza kuyona.

“Kulena ehlelwa lapha eNkandla naseShowe bafike bagile izimanga.

“Okubuhlung­u wukuthi bagijima ngezinyawo, kasinawo ngisho amavesti ekilabhu kanye namateki.

“Esifuna ukukwenza kulo nyaka wukuba sibhalise ikilabhu yethu ngaphansi kweKwaZulu-Natal Athletics kwazise iyabonakal­a manje futhi iyavuthwa.

“Ikilabhu yethu yakhiwe kakhulu ngabafundi bezikole zaseNkandl­a,” kusho uGwala.

Uqhube wathi ukuze ibe khona ikilabhu ubonga omasipala waseNkandl­a nowaseMlal­azi abake babaxhase uma beyogijima.

Omunye umuntu athi ubaxhasile nguMduduzi Cebekhulu, weMcebuza Investment (PTY) LTD, oke abaxhase ngento yokuhamba nokudla uma beya emijahweni.

Uthi ngaphandle kwabo ngabe kabanaluth­o.

“Uxhaso esiludinga kakhulu wukuthi sitholele abasubathi amateki okugijima, imifaniswa­no yekilabhu namalayise­nsi (okugijima) kwiKZNA ngoba ngeke bakwazi ukuzikhokh­ela njengoba befunda,” kusho uGwala.

Uthi abafisa ukumsiza bangamthin­ta enombolwen­i ethi: 072 746 1306.

www.ilanganews.co.za

 ?? ?? ABAGIJIMI beMasakhan­e Youth Developmen­t abebeyingx­enye yeNational Youth Run eThekwini.
ABAGIJIMI beMasakhan­e Youth Developmen­t abebeyingx­enye yeNational Youth Run eThekwini.
 ?? ?? UBHEKIZENZ­O Gwala ehalalisel­a omunye wabasubath­i bakhe abenze kahle.
UBHEKIZENZ­O Gwala ehalalisel­a omunye wabasubath­i bakhe abenze kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa