YENTULA ABAXHASI IKILABHU YASE-NKANDLA
YENTULA abaxhasi ikilabhu yaseNkandla, iMasakhane Youth Development, enabasubathi abadinga izinto zokugijima.
Le kilabhu inabasubathi abaningi abasebancane abenza kahle ababukeka benekusasa elihle kulo mdlalo.
Ngokusho kukaBhekizenzo Gwala, ongomunye wabaphathi bale kilabhu, ithalente lezingane zakhe lizogcina liphelele ezeni uma bengatholi abantu abazobasiza.
Uthi miningi imijaho ababe yingxenye yayo esifundazweni kodwa kweminye bagcina bengakwazanga ukuya kuyona ngenxa yokuswela.
Phakathi kwemijaho asebeke babamba iqhaza kuyona yiNational Youth Run, uLundi Striders 10km neminye eNkanda naseShowe.
“Ikilabhu inabasubathi abaneminyaka esuka ku-5 kuya phezulu.
“Banethalente eliyisimanga. Miningi imijaho esike sabamba iqhaza kuyona.
“Kulena ehlelwa lapha eNkandla naseShowe bafike bagile izimanga.
“Okubuhlungu wukuthi bagijima ngezinyawo, kasinawo ngisho amavesti ekilabhu kanye namateki.
“Esifuna ukukwenza kulo nyaka wukuba sibhalise ikilabhu yethu ngaphansi kweKwaZulu-Natal Athletics kwazise iyabonakala manje futhi iyavuthwa.
“Ikilabhu yethu yakhiwe kakhulu ngabafundi bezikole zaseNkandla,” kusho uGwala.
Uqhube wathi ukuze ibe khona ikilabhu ubonga omasipala waseNkandla nowaseMlalazi abake babaxhase uma beyogijima.
Omunye umuntu athi ubaxhasile nguMduduzi Cebekhulu, weMcebuza Investment (PTY) LTD, oke abaxhase ngento yokuhamba nokudla uma beya emijahweni.
Uthi ngaphandle kwabo ngabe kabanalutho.
“Uxhaso esiludinga kakhulu wukuthi sitholele abasubathi amateki okugijima, imifaniswano yekilabhu namalayisensi (okugijima) kwiKZNA ngoba ngeke bakwazi ukuzikhokhela njengoba befunda,” kusho uGwala.
Uthi abafisa ukumsiza bangamthinta enombolweni ethi: 072 746 1306.
www.ilanganews.co.za