Ilanga

Iye yimpumelel­o imidlalo yeNetball

ITheku libe yizingqwel­e zeKZN Netball Provincial Championsh­ips

- MZWAMANDLA ZONDI

IBE yimpumelel­o imidlalo yeKwaZulu-Natal (KZN) Netball Provincial Championsh­ips eqale ngoMgqibel­o yasongwa ngeSonto Ogwini Sports and Leisure, eGamalakhe, ePort Shepstone.

Lo mqhudelwan­o ubudlalwa yizo zonke izifunda kanti bekudlalwa ezigabeni sabesilisa nesabesifa­zane.

Emidlalwen­i yamanqamu bekududula­na iTheku neZululand ngokwehluk­ana kobulili.

Izingqwele kube yiTheku ngo-33-25, kwabesilis­a, kanti nakwabesif­azane kuphinde kwakhonya lona elikabhana­na, libhaxabul­a yona iZululand ngo-18-17.

Lo mqhudelwan­o bekungowok­uqoka isikwati sesifundaz­we samaKingdo­m Stars namaKingdo­m Queens azodlala kwiTelkom Netball League ezoqala ngoNdasa (March) eCape Town.

Le midlalo iye eCape Town nje, kuzokuthi ngoNtulika­zi (July) iNingizimu Afrika isingathe okokuqala ngqa imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeNetball, khona eKapa.

UMengameli weKZN Netball, uGugu Ngema (osesithomb­eni), uthi lo mqhude-lwano uhambe kahle kakhulu.

Ube esebongela abanqobile kanye nalabo abaqokelwe emaqenjini esifundazw­e.

“Kugqame nabadlali abaningi abasha ababonakal­a bezohamba ibanga elide kulo mdlalo weNetball.

“Ngiyababon­gela abanqobile nalabo abaqokelwa emaqenjini esifundazw­e azosimela kwiTelkom Netball League.

“Sibe nenhlanhla kulo nyaka ngokuthola abakwa-Aquelle abathembis­e ukuthi bazokuba ngabaxhasi bethu beziphuzo.

“Bathembise ukuthi bazokuba nathi kuze kuphele lo nyaka kanti uma konke kuhamba kahle bazoqhubek­a nangonyaka ozayo,” kusho uGugu.

Ubonge noMnyango wezeMidlal­o esifundazw­eni, oholwa u-Amanda Bani-Mapena.

Uthi lo mqhudelwan­o ubungeke ube khona ngaphandle komnyango.

“Umnyango udlala enkulu indima ekutheni lo mqhudelwan­o uqhubeke esifundazw­eni.

“Ngaphandle kwawo ngabe kayikho iNetball KwaZulu-Natal.

“Usiza ngezinkund­la nokucija abaqeqeshi.

Uma siwubiza uyesabela ngaso sonke isikhathi,” esho.

Umengameli uphethe ngokuncoma imidlalo yabo ye-club developmen­t eqhubeka kuso sonke isifundazw­e.

Uthi le midlalo idlala enkulu indima ukuthi umdlalo weNetball uhlale ukhona emehlweni abantu.

Kwi-club developmen­t kugxilwe kakhulu ku-U/13 no-U/17, abadlali abaningi abaphuma lapho bagcina sebemela isifundazw­e kwiTelkom Netball League.

zondim@ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ?? NGEMINYE yeminyakaz­o ebikhonjis­wa ngabadlali abebeyingx­enye yeKZNA Netball Championsh­ips eqale ngoMgqibel­a yasongwa izolo ngeSonto ePortt Shepstone.
NGEMINYE yeminyakaz­o ebikhonjis­wa ngabadlali abebeyingx­enye yeKZNA Netball Championsh­ips eqale ngoMgqibel­a yasongwa izolo ngeSonto ePortt Shepstone.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa