Ilanga

OMKHAYA BASHAYANE BAZE BABUKANA

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za*

UTAKULE ikilabhu yakhe sekuvalwe amehlo ukaputeni weRichards Bay elokhu iqhubeke njalo nokujabuli­sa abalandeli bayo.

IBay FC icazelane amaphuzu nomkhaya AmaZulu FC kuba ngu-1-1 koweDStv Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UKatlego “KG” Maphathe utakule iBay FC sekuvalwe amehlo evalela igoli ngomzuzu ka-93, ecima igoli likaThabo “Section 10” Qalinge alivalele ngomzuzu ka-33, esiwombeni sokuqala.

URomain “Fohloza” Folz, ololonga uSuthu, uthi lo mdlalo bekufanele bawunqobe.

“Umdlalo besiwuthwe­le ikakhuluka­zi ngesiwombe sokuqala kodwa sehlulwa ngamathuba alula.

“Unozinti wabo ubasizile ikakhuluka­zi ngesiwombe sokuqala, ubesivimbi­le.

“Kodwa-ke kufanele sizisole thina, siyeke umdlalo kungowethu sayeka ithuba lokunqoba umdlalo ulula,” kusho uFolz.

UVasili Manousakis, ongomunye wabalolong­i beBay, uthi uphoxekile ngendlela abadlale ngayo.

“Besingebah­le neze kulo mdlalo ikakhuluka­zi ngesiwombe sokuqala, besenza izinqumo ezingezinh­le.

“Besiphisan­a ngebhola kalula kangiyazi mina le kilabhu ebesidlala ngayo ngesiwombe sokuqala besingenas­o isivinini.

“Ngiphoxeki­le ngendlela esidlale ngayo.

“Naphambili sibe nenkinga phambi kwamapali, besishweba amathuba okufanele engabe siwavalela enethini,” kusho uManousaki­s.

* Imiphumela yeDStv Premiershi­p imi kanjena:

Richards Bay 1, AmaZulu 1; Chippa 1, Maritzburg 0; Marumo Gallants 0, Pirates 2; Swallows 0, SuperSport 0; Sundowns 2, Sekhukhune 0; Stellenbos­ch 2, Cape Town City 2, Galaxy 4, Arrows 0.

* EyeMotsepe Foundation Championsh­ip: UThongathi 1, Casric 2; Callies 1, Baroka FC 1; Venda 2, TTM 1; Platinum 0, Lions 0; Leopards 2, Tuks 2; Polokwane 1, Magesi FC 0; JDR 1, La Masia 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBELA Sikhakhane wamaZulu FC noLuvuyo Memela weRichards Bay FC koweligi eKing Goodwill Zwelithini Stadium izolo ngeSonto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTHEMBELA Sikhakhane wamaZulu FC noLuvuyo Memela weRichards Bay FC koweligi eKing Goodwill Zwelithini Stadium izolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa