Umndeni unovalo ngokudutshulwa kukafakazi ecaleni
Udutshulwa ngoMgqibelo nje, namuhla ngoLwesine ubezofakaza
isi-bhamu wayidubula.
"Abebekhona lapho okubalwa nelungu lomndeni leli elidutshuliwe, bayiphuthumisa esibhedlela naye umsolwa.
"Ngakusasa, wafika lapha ekhaya ehamba nenduna ezoxolisa ngokwenzekile. Wasitshela ukuthi empeleni ubelamula, ebathusa, kwadubuleka indodana.
"Okwasixaka wukuthi ngesikhathi udokotela ehlola indodana yami, kwavela ukuthi idutshulwe kabili esiswini.
"Umthusa kanjani umuntu udubule amahlandla amabili ubhekise kuyena?
"Indodana yami yagcina ngokushona esibhedlela emuva kwezinsukwana ngoba yayilimele kanzima,” esho.
Uthi kubathusile ukuthola umbiko mayelana nokudutshulwa kwengane kadadewabo ngempelasonto, okwenza basole ukuthi inhloso bekuwukucima ubufakazi.
Uyise kamufi, uMnu Thulani Makhaye, uthi ukudutshulwa komuntu owazibonela kudutshulwa indodana yakhe, kumshiye nemibuzo eminingi engaphenduleki.
“Siwumndeni kaseneme ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Lo mfana odutshuliwe, wazi ukusuka nokuhlala kwesigameko ngoba wazibonela.
"Ngesonto eledlule, umphenyi wecala ubeyile kuyena, engicabanga ukuthi ubeyokhuluma into ephathelene necala, kasingabazi ukuthi ukudutshulwa kwakhe kuhlobene naleli cala,” esho.
Esigamekweni sokubulawa kukaNhlakanipho, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, ukhona umsolwa oboshiwe oneminyaka ewu-36.
Uthe umsolwa usevele izikhawu ezahlukene enkantolo.
Kulinde-leke ukuba avele namuhla eNka-ntolo yeMantshi yaseMgungundlovu.
Mayelana nesigameko sangempelasonto, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala emuva kokuthi owesilisa oneminyaka ewu-25 ubudala, edutshulwe walimala, wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Uthe akukaboshwa muntu. skhom@ilanganews.co.za