Sengikhethe ukujima ngokuphakamisa ujeke kabhiya nabazukulu bami
KUSAPHELE inyanga yokuqala onyakeni, kodwa sengikhathele wukuzivocavoca, futhi umzimba wami ungibuza ukuthi ngabe sengibhema i-wunga yini.
Phela nenkunzi yohlobo kufika ibanga lapho isizibonela khona ukuthi isikhathi sezikhwepha sesidlulile, kumele idedele amankonyane.
Kuthe uma uqala lo nyaka, nami ngakhetha ukujoyina lo mhlambi oya ejimini njalo ngalesi sikhathi ngoba nakhu ulandela ifeshini.
Ngithe uma ngifika nje, nganikwa umqeqeshi oseyibhobhodlwana nje, oyisigansonso.
Ngimtshele ukuthi mina kangifuni ukuba yisigora, kodwa ngifuna ukwehlisa umkhaba, ngigweme nokuphelelwa wumoya uma kwenzeka ngijahwa yizinja zabelungu.
Kwabe ngiyisusile. Umane wangifaka kulo mshini onebhande, okugijinywa kuwo umi ndawonye, wathi mangigijime imizuzu eyishumi nesihlanu.
Ithe ingakapheli ngisho neyisihlanu, isifuba sasesivutha umlilo kanti imilenze ibisifuna ukuzihlalela phansi yona msalofu, ingacelanga mvume.
Besengigijima njengesidakwa esishaye seqisa ezinkambeni zikaFalo. Ungisuse lapho wangigibeza leli bhayisikili elishovwa lingahambi.
Nalapho besekuyilo elishova mina, imilenze ingasavumi.
Sivumelane ngokuthi ngizoqala ngemizuzu emibili, kuyo yomibili le mishini esontweni lokuqala, bese siya ngokwenyusa isikhathi ngokuhamba kwesikhathi.
Aphelile amasonto amathathu ngishaya yona leyo mizuzu, bese ngiyozihlalela kuleli gumbi okujulukwa kulo, okuthiwa phecelezi yi-steam room.
Ngesonto lesine, besengifika ngizingenele kulo leli gumbi, ngihlale imizuzu engamashumi amathathu, bese ngiyaphuma ngigoduke.
Ukujuluka lokhu kuyakhathaza kukodwa nje, uzwe uphathwa yisiyezi uhleli phansi.
Nezinsimbi lezi zingikhathaza ngizibhe-kile nje ngamehlo.
Ngenhlanhla bengijoyine le jimu ekhokhelwa njalo ngenyanga, ngakho ngimane ngasula ngaphandle kokukweleta.
Sisebasha, amajimu ayekusayinisa iminyaka emibili, kuthi uma uthi uyayeka bese bethi kumele ukhokhe kuze kuyophela le minyaka noma ngabe kawusajimi.
Sengikhethe ukuthi ngiyojima ngengilazi kabhiya nokuphakamisa abazukulu.
Nginabazukulu abathathu kanti omdala unesisindo esingamakhilo angamashumi amathathu, olandelayo usinda ngamakhilo angamashumi amabili kanti omncane yena ungamakhilo ayishumi.
Uma usubahlanganisa bonke, phela yijimu ephelele leyo. Lona omncane ngibona sengathi nguye ozophakanyiswa kakhulu yimi.
Laba abanye cha sebeyoziphakamisa bona msalofu, phela angifuni ukwephuka iqolo mina.
Ngizothenga le ngilazi kabhiya engangojeke, ngiyethemba ukuthi uma igcwele, isisindo sayo singaba ngamakhilo amahlanu.
Lapho ngizobe ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ngijima futhi ngibe ngithiba ukoma.
Nabazukulu futhi bazobe bejima ngoba phela ngizothuma bona ukuyothela njalo uma ujeke usuwe ngophondo.
Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngihlala phansi kwesihlahla esibuqamama nendlu ukuze nemilenzana lena yabo ithole ukuvocavoceka kahle.
Lona omncane akathumeki ngoba unenkani. Kuthi uma etshelwa ukuthi makenze okuthile, amane asho ngesiNgisi athi, “no”, kodwa-ke ngizomtholela icebo.
Ngizomtshela ukuthi ngeke ngimphakamise uma engawulandi ujeke wami, bese ngiphakamisa laba abanye ebhekile, ngimhalisela.
Noma ngibanika uswidi, ngizonika laba abanye bese owakhe ngimvezela wona, ngiwubuyisele ekhukhwini, ngithi uzowuthola uma eza nengilazi igcwele.
Uma uswidi ungasebenzi ngizothenga amakhekhe, nawo uma engamhehi, ngithenge abanye ongcamngce. Ngokuhamba kwesikhathi, uyogcina esethambile, esevumela umthetho.