Ilanga

IBHEKWE NGABOMVU INKULUMO KAMENGAMEL­I AYIBHEKISE ESIZWENI

- LUCKY CAIN

UCHAZA inkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa azoyethule­la isizwe ngoLwesine njengemqok­a futhi enzima kunazo zonke esezike zethulwa ngoMengame­li baseNingiz­imu Afrika kusukela kwaphatha uhulumeni wentando yeningi umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele.

UMnu Zakhele Ndlovu ofundisa izifundo zePolitica­l Science e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uthi uMnu Ramaphosa kuzomele enze konke okusemandl­eni akhe ukuthi inkulumo yangoLwesi-ne ibuyise ithemba ebantwini bakuleli njengoba eyethula ngaphansi kwezimo ezibucayi.

Uthe le nkulumo ifika ngesikhath­i lapho abantu bakuleli isibame emphinjeni indaba kagesi, indaba yobugebeng­u nokuntulek­a kwemiseben­zi.

“Umengameli ubhekene nomqansa wokubuyisa ithemba elingasekh­o ebantwini kanti okunye wukuthi le nkulumo iza sekusele isikhathi esingangon­yaka kube nokhetho lukahulume­ni kazwelonke nabezifund­azwe,” kusho uMnu Ndlovu.

Uthe okunye okuzokwenz­a kube nzima, wukuthi uMnu Ramaphosa uyethula nje le nkulumo, usanefu elimzungez­ayo elizokwenz­a i-EFF imthwalise kanzima uma isazoqhube­ka nendlela eyenza ngayo ngesikhath­i uMnu Jacob Zuma ebhekene nesimo esicishe sifane ngesikhath­i engumengam­eli wezwe.

“Iqembu elifana ne-EFF lizozama ukugqama uma kuzoya ngendlela elenza ngayo kuMnu Zuma. Lokho kuzobeka uMnu Ramaphosa esimweni esingesihl­e ebantwini ekubeni esabhekene nalo mqansa,” kusho yena.

Uthe inkulumo kamengamel­i kumele ithumele umyalezo oqinile futhi ozoba nezinhlelo ezizothenj­wa ngabantu bakuleli. Uqhube ngokuthi nakuba uMnu Ramaphosa ebhekene nefu elimayelan­a nezizumbul­u zemali yase-United States of America (USA), ezebiwa epulazini lakhe iPhala Phala, eLimpopo, kodwa okumqoka wukuthi anikwe ithuba lokukhulum­a nesizwe ngoba okuseqhulw­ini ebantwini, wukuzwa izinhlelo uhulumeni onazo ukubakhiph­a otakwini.

Okunye uMnu Ndlovu athi kungase kukhathaze abantu, wukuthi kuningi obekuthenj­iswa nguyena uMnu Ramaphosa nabanye omengameli abangapham­bili kwakhe kulezi zinkulumo zesizwe, kodwa osekuphele iminyaka kungenzeki. “Yingakho ngithi le nkulumo inzima kunazo zonke esezike zaba khona phambilini. Abantu bakhathele, bafuna izixazulul­o futhi ngokushesh­a,” kusho uMnu Ndlovu.

Uphawule nangodaba olusabalel­e lwezingquk­o zeKhabhine­thi kaMnu Ramaphosa, wathi umengameli kumele akhethe abantu abazokwenz­a umsebenzi.

“Leli yihlandla lakhe lokugcina, ngakho akusekho lapho okumele akhethe nabantu ngenhloso yokubumba iqembu (ANC), kodwa sekumele akhethe abantu abazoseben­za ngokuzimis­ela futhi abazoba yithemba labantu.

“Kumele akhethe abantu abazokwazi ukuqeda izinkinga ezibhekene nomphakath­i,” kusho yena.

Uthe uMengameli Ramaphosa akusamele asabe ukuthatha izinqumo ezinqala manje ngoba i-ANC ibhekene nenkinga enkulu yokwehlelw­a yisibalo sabavoti.

“Indlela izinto ezihamba ngayo, uRamaphosa angaba ngumengame­li wokugcina ukuphatha ngaphansi kombuso we-ANC, ingayodwan­a. Maningi amathuba okuthi ngokhetho olulandela­yo uma ebuya, kube sekuphoqa ukuthi ahlanganye­le namanye amaqembu ukuze aqhubeke nokuphatha

 ?? NGUMENGAME­LI Cryil Ramamaphos­a ??
NGUMENGAME­LI Cryil Ramamaphos­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa