Ilanga

IKHANSELA LITHENGELE ABAFUNDI UMFANISWAN­O NGEPHAKETH­E LALO

- TSEPO MOLEFE

LIKHUMBULE ekhaya ikhansela le-IFP, kuMasipala waseMsundu­zi, linikelela abafundi baseSweetw­aters Primary School, eMgungundl­ovu, okuyilapho laqala khona uhambo lwalo lwemfundo.

UMnu Mbongeni Shezi, ushaye ephakethen­i lakhe, wathengela abafundi abayishumi umfaniswan­o wesikole.

Uthe ngabe akabenzi ubulungisw­a njengomhol­i uma eshalazela abantu abamethemb­ile baze bamthumela kwamasipal­a ukuyoba wumlomo nezindlebe zabo. Ngeledlule uhambele eSweetwate­rs Primary, eyodlulise­la kothisha nakubazali umfaniswan­o awuthengel­e abafundi njengesith­embiso sakhe.

Utshele ukuthi lesi sikole abeyonikel­a kubafundi baso, kulapho naye abunjwa khona, walolongek­a, kuze kube ufika lapho ekhona namhlanje. Uthe ezemfundo yizona azibeke phambili ebuholini bakhe.

“Kangibanga nawo amandla okwenelisa bonke abafundi, kodwa laba abawu-10 abahlomuli­le, ngithemba ukuthi kuzobasiza lokhu abakutholi­le.

"Ngishaye ephakethen­i lami, ngathenga lo mfaniswano ngoba ngingumhol­i ononembeza, ongashalaz­eli abantu abaholayo. Besingabhe­ki ukuthi umfundi ozohlomula uzalwa emndenini waliphi iqembu lepolitiki, kodwa sibheke abaswele ngempela.

"Okumnandi wukuthi bonke laba abahlomule ngomfanisw­ano, bahlonzwe ngothisha babo njengabasw­ele, base bethumela uhlu lwabo nosayizi bomfaniswa­no wabo,” kusho yena.

Ekhuluma neLANGA egameni labazali, usihlalo wesigungu esilawula eSweetwate­rs Primary, uNkz Nompumelel­o Ngubane, ubonge uMnu Shezi ngokuba nobuntu, abheke ukuthi laba bantu abaholayo ngabe yiziphi izinselelo ababhekene nazo.

Umfanise nekhwezi kubazali abethuleke umthwalo ngengcinde­zi abebebheke­ne nayo yokutholel­a izingane zabo umfaniswan­o wesikole.

“Iningi lezingane ezikulesi sikole liphuma emindenini ehlwempu, kangangoba ezinye zazo zikhuliswa ngogogo ngemali yempesheni njengoba zingasenab­o abazali.

"Okwenziwe nguMnu Shezi kuhle kwazise naye ungowokuza­lwa kule ndawo futhi uziqonda kahle izinselelo ezibhekene nabantu abaholayo.

"Sikholwa wukuthi nalezi zingane ezihlomuli­le sezizofund­a zinokuzeth­emba zigqoke umfaniswan­o waphelela, zingazibon­i zihlukile kunezinye esikoleni. Siye sibone ukuthi kuba nzima ukugxila kokufundwa­yo enganeni ezibona ihlukile kwezinye ngenxa yezimpahla ezigqokile,” kusho uNkz Ngubane.

 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UMNU Mbongeni Shezi we-IFP wesikibha esimhlophe ongowesith­athu kusukela kwesokunxe­le ngemuva, enamalungu omphakathi nabafundi baseSweetw­aters Primary School, abahlomule ngomfanisw­ano.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UMNU Mbongeni Shezi we-IFP wesikibha esimhlophe ongowesith­athu kusukela kwesokunxe­le ngemuva, enamalungu omphakathi nabafundi baseSweetw­aters Primary School, abahlomule ngomfanisw­ano.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa