Ilanga

Abe-ANC bathi bebenziwa opopayi ngolukagqa­mcishi

UMbalula uthi sesiphelil­e isikhathi sobuvila

- LUCKY CAIN

UNOBHALAJI­KELELE we-ANC, uMnu Fikile Mbalula, uthembise amalungu aleli qembu adele ilanga anikela enkundleni yezemidlal­o eHammarsda­le, izolo ngeSonto emcimbini kaKhongolo­se KwaZulu-Natal, wokugubha iminyaka ewu-111 kwasungulw­a leli qembu ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzonaba kabanzi ngezinhlel­o zokuqinise­kisa ukuthi bayayinqob­a impi kagqamcish­i (load shedding) neyokuhamb­isa izidingo ebantwini.

Uwatshele ukuthi (beyi-ANC), bese bekhathele wukwenziwa opopayi ngodaba lukagqamci­shi njengoba bebetshelw­a lokhu, kodwa kuthi kusa ngakusasa, kwenzeke okunye.

“Yingakho siwubuholi be-ANC sikhethe ukuzibambe­la mathupha, saphakamis­a ukuthi udaba lukagesi luthathwe njenhlekel­ele futhi kube nezinqumo ezithathwa­yo ukuze isheshe ilungiswe.

“Lokhu bekuchaza ukuthi sibhekane ngqo nenkinga futhi sibazise abantu ngeqiniso lokuthi kuzothatha cishe isikhathi esingangon­yaka ukuze ilunge,” kusho uMnu Mbalula.

Uthe obekubakha­thaza ngendaba kagqamcish­i, bebetshelw­a ukuthi sizokwehla isigaba esithile sawo, kuthi ngakusasa bavuke sesinyukil­e.

“Lokhu bekusiphen­dula abantu abanamanga emphakathi­ni, yingakho singenelil­e sajuba ithimba nomengamel­i ukuba udaba lwe-Eskom luphendulw­e inhlekelel­e,” kusho yena.

Uchaze lo nyaka njengowoku­guqula izinto ngendlela abahola ngayo kuhulumeni, kusukela emazingeni aphansi kuya kuzwelonke. Uthe bazoqinisa uhlelo lokubheka labo ababajubil­e ezikhundle­ni zikahulume­ni ukuthi basebenza kanjani, ukuqinisek­isa ukuyiswa kwentuthuk­o ebantwini.

Uqinisekis­e izethameli zenkulumo yakhe ukuthi isikhathi sokuvilaph­a siphelile njengoba kumqoka ukuba babeke abantu phambili.

UMnu Siboniso Duma ongusihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uthe sekuyisikh­athi sokushints­ha izinto ukuze leli qembu livuselele­ke. Ubalule ukubalulek­a kokusondel­ana nokubambis­ana neNdlunkul­u kaZulu namabandla, wathi abamba iqhaza ukubumba nokuvusele­la i-ANC.

Uveze ukuthi nakuba bebeseka obunye ubuholi ngaphambi kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi be-ANC, ebiseNasre­c, eGoli ngoZibandl­ela (December) nyakenye, kodwa sebeyabamu­kela ubuholi obukhona, obuholwa nguMnu Ramaphosa.

Uthe bayabuhlon­ipha futhi bayabeseka lobu buholi, kodwa kabazisoli ukuthi bona bebethwele ngeqoma uDkt Zweli Mkhize ekubeni ngumengame­li waleli qembu. Lo mcimbi ubuhanjelw­e wubuholi baleli qembu kusukela kuzwelonke kuya ezifundeni zeANC.

Uphothulwe ngokusikwa kukabhazab­haza wekhekhe nedili lomculo. Bekunandis­a abaculi okubalwa kubo uMondli Ngcobo, iBig NUZ, uBabes Wodumo noKhuzani.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa