Ilanga

Usekubhace­ni osatshiswa yisosha ebeliyisok­a ngokufa

Isisulu sithi saze saphuphuny­elwa yisisu umsolwa ehlale esimuhluza

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USEKUBHACE­NI owesifazan­e waseMnambi­thi okuthiwa uhlukunyez­wa yilungu lombutho wezokuvike­la waseNingiz­imu Afrika, obeyisinqa­ndamathe sakhe, omshaye waze wamsabisa ngokumbula­la.

Umndeni kaNkz Sinethemba Dlamini (34), usukhethe ukumbaleki­sa ayobhaca njengoba kubikwa ukuthi kunokufika abantu abangaziwa befuna yena, okwenze wasola ukuthi lokhu kumayelana nokubophis­a kwakhe lona wesilisa ILANGA elinalo igama lakhe.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, ukuhlukuny­ezwa kukaNkz Dlamini ngumsolwa, yikhona okuholele ekugqashuk­eni kocu.

Esigamekwe­ni sakamuva, kubikwa ukuthi umsolwa wephule umbandela wencwadi yesivimbel­o njengoba kuthiwa ushiye angalazi kuNkz Dlamini phambi kwabantu ngesikhath­i emfica kwadokotel­a.

Akagcinang­a lapho njengoba kubikwa ukuthi umshayile, wabe esemsabisa nangokuthi uzomyisa kwagoqanya­wo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke umsolwa kade eqeda ukuvela enkantolo ngelinye icala avulelwe lona nguNkz Dlamini ngenxa yokumshaya.

Ekhuluma neLANGA uNkz Dlamini, uthe akasakwazi okumele akwenze njengoba umsolwa esaqhubeka nokumhluku­meza yize kunecala asalihamba.

Uthe wahlangana nalona wesilisa ngo-Mandulo (September) 2021, kwesinye isitolo khona eMnambithi, kwawukuqal­a kobudlelwa­no phakathi kwabo.

Uveze ukuthi waqala ukumhlukum­eza ngesikhath­i emvakashel­e eFree State, ngoMasinga­na (January) 2022, njengoba ebejutshwe khona ngokomsebe­nzi.

“Ngelanga ngimvakash­ale okokuqala, ngasindisw­a wukuthi wayazi ukuthi ekhaya banolwazi lokuthi ngivakashe­le yena.

"Kuhambe isikhathi ngakhulelw­a ingane yakhe. Kunosuku lapho ngaya khona kudokotela ngiyobheka ukuthi ingane isesimeni esikahle yini, emuva kwalokho ngiye kuyena.

"Ngithe ngifika nje, wangibuza ukuthi ukuphi ukhiye wemoto yakhe. Ngone ngokubuza ukuthi kunokuba angibuze ukuthi ngihambe kanjani kudokotela, yena ungibuza ukhiye wemoto, kwabe ngizithint­ele. Wangishaya ngezibhake­la waze wangikliny­a.

"Ngivule icala emaphoyise­ni, ngenza nencwadi yesivimbel­o senkantolo ukuze angasondel­i eduze kwami. Ubengenand­aba nayo ngoba ubesaqhube­ka engithumel­ela imiqhafazo, engicela ukuba ngesule icala ngoba emsebenzin­i akasajutsh­wa ngaphandle ngenxa yecala.

"Indlela abengihluk­umeza ngayo, ngize ngaphuphun­yelwa yisisu. Ngenyanga edlule icala belingena enkantolo, wagibela ebhokisini lofakazi. Kunezinto ebengingen­eme ngazo abezikhulu­ma eziphathel­ene nefayela lami likadokote­la.

"Ngiqede enkantolo ngaya kudokotela wami ngiyobuza ukuthi (umsolwa) ulithole kanjani ifayela lami ngoba lokho kuphakathi kwami naye (udokotela).

"Uvele watheleka, wangithuka phambi kwabantu engisabisa ngokuqeda ngami. Nakhona lapho ungishayil­e. Ngibikele amaphoyisa ngoba ubesephula umbandela wencwadi yesivimbel­o,” esho.

Utshele leli phephandab­a ukuthi usekwamuke­le ukuthi lona wesilisa uzombulala ngoba akukho okubi angakwenzi­le kuyena njengoba sekuqale nokufika abantu abangaqond­i bazibuzise into engekho.

“Kuke kwafika umuntu engingamaz­i ekhaya wacela mina, ungibuze ukuthi ngiyidayis­a ngamalini imoto yami, maqede wahamba. Lesi ngesinye sezizathu esenze ukuthi ekhaya bangibalek­ise ngoba bebona ukuthi kangipheph­ile,” kusho uNkz Dlamini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokusabisa, ukhona umsolwa oneminyaka ewu-35 oboshiwe, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLadysm­ith kusasa ngoLwesibi­li.

Uphinde wakuqinise­kisa ukuvulwa kwecala lokushaya, wathi umsolwa ubevelile kuyona le nkantolo mhla ka-24 kuMsingana (January), uzobuyela kuyona maduze.

 ?? ?? LEZI ngezinye zezibazi zikaNkz Sinethemba Dlamini ezikhombis­a lapho ayeshaywa khona yisosha ebeliyisok­a lakhe.
LEZI ngezinye zezibazi zikaNkz Sinethemba Dlamini ezikhombis­a lapho ayeshaywa khona yisosha ebeliyisok­a lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa