UKWANDISWA KWAMAPHOYISA BATHI KUNGABA YISIXAZULULO EHOSTELA LAKWAMASHU
SELIPHENDUKE isilaha sabantu ihostela laKwaMashu, okubikwa ukuthi sekufe abantu abalinganiselwa ku-90 kulona kusukela ngoMbasa (April) wanyakenye, okwenza ikhansela laku
39, ngaphansi kukaMasipala weTheku, libone isixazululo kuwukulandwa kwamaphoyisa akwezinye izifundazwe.
UMnu Sandile Gwala, oyikhansela kule ndawo, uthi kumele kulandwe amaphoyisa akhuculule le ndawo, kushaqwe nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ukhuluma kanjena nje, ngoLwesithathu kudutshulwe kwabulawa abantu abane.
Utshele ukuthi balinganiselwa ku-90 abantu asebebulewe kuleli hostela kusukela ngoMbasa wonyaka odlule, uma sekubalwa uMnu Thulani Nkosi (32) waseNkandla, uMnu Sfundo Mthembu (28), uMnu Xolani Dludla (32) waseMpangeni noMnu Sakhowethu Mhlongo (34) waKwaMaphumulo, ababulawe ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko kulimale abantu abayisihlanu abaphuthunyiswe esibhedlela.
“Inzima kakhulu impilo kule ndawo. Ukubulawa kwabantu sekuyinto ejwayelekile. EHostela iGlebelands, eMlazi, kunokuthula ngenxa yokungenelela kwamaphoyisa abeqhamuka kwezinye izindawo, kwakhucululwa izibhamu,” kusho uMnu Gwala.
Uthe yize ikhona imizamo yokulwa nokubulawa kwabantu ehlanganisa amakhosi nezinduna - kodwa akaboni ingaba yisixazululo ezibhamini ezigcwele kuleli hostela.
“Kunohlelo lokubizwa kwamakhosi ukuba azokhuluma nabantu, obekumele ngabe seluqalile, kodwa-ke ngeke lusaba khona ngenxa yokuthi luhlanganisa noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, obekusamele uxhumane namanye amakhosi.
"Iningi labantu elihlala lapha, liqhamuka emakhaya. Kunenkolelo yokuthi kwezinye izigameko zokubulawa kwabantu, zisuka ezimpini zasemakhaya.
"Yinga-kho-ke bekuhlongozwa nohlelo lokuba kulandwe amakhosi ukuzokhuluma nabantu.
"Lokhu kumele kube yigxathu lesibili ngoba elokuqala wukuba kuqedwe ngezibhamu ezingekho emthethweni ezisezandleni zabantu kuleli hostela,” esho.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uvumile ukuthi zikhona izinhlelo zomnyango zokungenelela kulolu daba ezihlanganisa nawo amakhosi.
“Ziyakhathaza kakhulu izigameko zokubulawa kwabantu ezibonakala zikhula njalo kuleli hostela.
Zikhona izinhlezo esiphezu kwazo zokuba kufakwe amaphoyisa kuleliya hostela, inkinga wukuthi izigalamkhuba ezibulala abantu, ziyaye ziyocasha kulona, okwenza ubugebengu bunyuke kakhulu.
"Yize kunjalo, sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubhekisisa nalabo abafunelwa amacala abucayi abacashe kuyo le ndawo.
"Mayelana nodaba lwamakhosi, kuliqiniso ukuthi lukhona uhlelo olunjalo esimatasa nalo. Lwaqala ngesikhathi sikaMdlokombana (iSilo uZwelithini kaBhekuzulu), owasinika ithimba lamakhosi esiyaye sihambele nawo amahostela ngoba abantu abahlala kuwo, iningi labo livela ezindaweni zasemakhaya,” esho.
Okhulumela amaphoyisa, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe amacala amane okubulala nayisihlanu okuzama ukubulala. Bekungakaboshwa muntu.
Mayelana nodaba lwezibalo zokubulawa kwabantu kuleli hostela, uthe ngeke akwazi ukuziqinisekisa.