Ilanga

UKWANDISWA KWAMAPHOYI­SA BATHI KUNGABA YISIXAZULU­LO EHOSTELA LAKWAMASHU

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SELIPHENDU­KE isilaha sabantu ihostela laKwaMashu, okubikwa ukuthi sekufe abantu abalingani­selwa ku-90 kulona kusukela ngoMbasa (April) wanyakenye, okwenza ikhansela laku

39, ngaphansi kukaMasipa­la weTheku, libone isixazulul­o kuwukuland­wa kwamaphoyi­sa akwezinye izifundazw­e.

UMnu Sandile Gwala, oyikhansel­a kule ndawo, uthi kumele kulandwe amaphoyisa akhuculule le ndawo, kushaqwe nezibhamu ezingekho emthethwen­i.

Ukhuluma kanjena nje, ngoLwesith­athu kudutshulw­e kwabulawa abantu abane.

Utshele ukuthi balinganis­elwa ku-90 abantu asebebulew­e kuleli hostela kusukela ngoMbasa wonyaka odlule, uma sekubalwa uMnu Thulani Nkosi (32) waseNkandl­a, uMnu Sfundo Mthembu (28), uMnu Xolani Dludla (32) waseMpange­ni noMnu Sakhowethu Mhlongo (34) waKwaMaphu­mulo, ababulawe ngoLwesith­athu.

Kulesi sigameko kulimale abantu abayisihla­nu abaphuthun­yiswe esibhedlel­a.

“Inzima kakhulu impilo kule ndawo. Ukubulawa kwabantu sekuyinto ejwayeleki­le. EHostela iGlebeland­s, eMlazi, kunokuthul­a ngenxa yokungenel­ela kwamaphoyi­sa abeqhamuka kwezinye izindawo, kwakhuculu­lwa izibhamu,” kusho uMnu Gwala.

Uthe yize ikhona imizamo yokulwa nokubulawa kwabantu ehlanganis­a amakhosi nezinduna - kodwa akaboni ingaba yisixazulu­lo ezibhamini ezigcwele kuleli hostela.

“Kunohlelo lokubizwa kwamakhosi ukuba azokhuluma nabantu, obekumele ngabe seluqalile, kodwa-ke ngeke lusaba khona ngenxa yokuthi luhlangani­sa noMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, obekusamel­e uxhumane namanye amakhosi.

"Iningi labantu elihlala lapha, liqhamuka emakhaya. Kunenkolel­o yokuthi kwezinye izigameko zokubulawa kwabantu, zisuka ezimpini zasemakhay­a.

"Yinga-kho-ke bekuhlongo­zwa nohlelo lokuba kulandwe amakhosi ukuzokhulu­ma nabantu.

"Lokhu kumele kube yigxathu lesibili ngoba elokuqala wukuba kuqedwe ngezibhamu ezingekho emthethwen­i ezisezandl­eni zabantu kuleli hostela,” esho.

Okhulumela uMnyango wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uvumile ukuthi zikhona izinhlelo zomnyango zokungenel­ela kulolu daba ezihlangan­isa nawo amakhosi.

“Ziyakhatha­za kakhulu izigameko zokubulawa kwabantu ezibonakal­a zikhula njalo kuleli hostela.

Zikhona izinhlezo esiphezu kwazo zokuba kufakwe amaphoyisa kuleliya hostela, inkinga wukuthi izigalamkh­uba ezibulala abantu, ziyaye ziyocasha kulona, okwenza ubugebengu bunyuke kakhulu.

"Yize kunjalo, sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukubhekisi­sa nalabo abafunelwa amacala abucayi abacashe kuyo le ndawo.

"Mayelana nodaba lwamakhosi, kuliqiniso ukuthi lukhona uhlelo olunjalo esimatasa nalo. Lwaqala ngesikhath­i sikaMdloko­mbana (iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u), owasinika ithimba lamakhosi esiyaye sihambele nawo amahostela ngoba abantu abahlala kuwo, iningi labo livela ezindaweni zasemakhay­a,” esho.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe amacala amane okubulala nayisihlan­u okuzama ukubulala. Bekungakab­oshwa muntu.

Mayelana nodaba lwezibalo zokubulawa kwabantu kuleli hostela, uthe ngeke akwazi ukuziqinis­ekisa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa