Ilanga

ITHOKOZELW­E NGABANINGI INGOMA KALAGXABHA EKHALA NGONGIZWE MCHUNU

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

YESEKWE ngomasikan­di ingoma ekhishwe ngumculi kamaskandi oyibhenany­awo, ekhala ngesenzo sikaNgizwe Mchunu sokuthuka abanye abantu.

ULagxaba Hadebe waseJolvet, wodumo lwengoma ethi “iPerfomanc­e”, wesekwe ngabanye ozakwabo ngale ngoma esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ethi, “Kancane Kancane Kuyavela”. Kule ngoma uthi kufanele uNgizwe atholelwe usizo ngoba ubona engaziphat­hi kahle. Utshele ILANGA ukuthi kufanele atholelwe usizo ngoba ukuhlasela kwakhe abantu, kushiya imibuzo emphakathi­ni.

Kule ngoma yakhe ubala bonke abantu abathukwe uNgizwe, okungabacu­li bemikhakha ehlukahluk­ene, abahleli bemicimbi nabelaphi bendabuko.

“Indlela asebathuke ngayo abantu, abanye ebahleba bese kuyaputshu­ka ekugcineni ahlazeke ezweni, kufanele athole usizo noma alulekwe ngokwenqon­do ngoba kakukhombi­si ukuthi izenzo zakhe ngezomuntu ophilayo.

"Lo muntu uxabana nabo bonke abantu, okusho ukuthi kancane kancane kuyavela ukuthi uyagula,” kusho uLagxaba.

Kule ngoma kunezinhla­mvu ezithi, wamthukela­ni uMabalengw­e, wawumthuke­lani uSomnandi, uKhuzani, uSomizi, uDkt 3 Seconds, uDJ Tira nabanye abaningi.

UThokozani “Somnandi” Langa uthi kuyajabuli­sa ukuthi sekukhona abaphumela obala, bebona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoNgizwe.

Uveze ukuthi kusamhluku­meza namanje ukuhlaselw­a kwakhe nguNgizwe, owathi ujuluka ubala estudiyo, akazi lutho, kumele ayohlala nezingane ekhaya ngoba usemdala.

“Ngimdala kabi kuyena uNgizwe, le nto ayenzile yokungehli­sa isithunzi ngisahlela ukuyilungi­sa ngokuthi ngihlale phansi nomndeni wakhe. Ngimdala, nginezinga­ne, ngiganiwe, kufanele kuhlonisha­nwe,” kusho uSomnandi.

UKhuzani uthe le ngoma ikhuluma iqiniso futhi uyithokoze­lile. Uveze ukuthi sekukaning­i eveza izenzo zikaNgizwe eziphazami­sa impilo yabanye abantu.

“Kangisatha­ndi ukukhuluma ngengxaban­o yethu nomkhaya (uNgizwe), kodwa le ngoma inhle kakhulu ngoba ikhuluma okwaziwa yizwe lonke,” kusho uKhuzani.

Ethintwa uNgizwe, uthe akaphendul­ani nabaculi abafuna ukuzigqami­sa ngegama lakhe. ULagxabha uthe le ngoma yakhe ithengisa online.

 ?? ?? UMCULI kamasikand­i uLagxabha.
UMCULI kamasikand­i uLagxabha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa