Ilanga

IMambazo ikhumbula uShabalala ngemicimbi

Leli qembu lizonandis­a ezindaweni ezahlukene

- LUCKY CAIN

LETHULE ngokusemth­ethweni isonto elibizwa ngeJoseph Shabalala Week, iqembu lodumo likacothoz­a, iLadysmith Black Mambazo, lapho lihlele imicimbi eyahlukene ehambisana nokukhumbu­la umsunguli walo, uSolwazi Joseph Shabalala.

Leli sonto liqale ngomcimbi wesicatham­iya obungoMgqi­belo khona eMnambithi, lapho bekuboshel­we khona amaqembu ahlukene asezakhele igama kucothoza. Izolo ngeSonto kube nomunye umcimbi wokuhambel­a ithuna lale ngqalabuth­o nohlaka lwalo olubizwa ngokuthi “Amafa”.

Ngokusho kukaXolani Majozi ongumphath­i waleli qembu, umcimbi wokuhambel­a ithuna likaSolwaz­i Shabalala bekungowok­uqala uhlelo lokuthi liphendulw­e indawo yokugcinwa kwamagugu eNingizimu Afrika.

“Ngokubambi­sana naMafa, besiqala uhlelo lokuthi ithuna likabab’ uShabalala libe yindawo yokugcina amagugu, abantu bakwazi ukulivakas­hela libe yisikhumbu­zo ngemiseben­zi yaleli qhawe,” kusho uMajozi.

Uthe namhlanje ngoMsombul­uko bazohambel­a isikole esiqanjwe ngaye uSolwazi Shabalala, esikhona eMnambithi. Kusasa bazohambel­a ezinye izikole ezimbili afunda kuzona.

“Njengoba sazi ukuthi iLadysmith Black Mambazo izalelwe eMnambithi, bekuhlala kunesikhal­o sokuthi kule ndawo kazikho izinhlelo ezisemthet­hweni ezigxile kwezobucik­o. Sikhethe ukuthi

sibambisan­e nomphakath­i nezikole kuleli sonto lekhethelo sibone ukuthi yikuphi esingacobe­lelana ngakho futhi sithuthuki­se ngakho ezobuciko kule ndawo,” kuchaza uMajozi.

Uthe ngoLwesith­athu bazoba nombukiso wezindondo ehholo lasedolobh­eni, lapho umphakathi uzongena ngamaqoqo uyozibonel­a izindondo ezahlukene esezike zonqotshwa yileli qembu nezinye zezithombe zomhlaba ezikhona.

“Sifuna abantu baseMnambi­thi bazizwe beyingxeny­e yempumelel­o yeMambazo, ngoba siyazi ukuthi bayaziqhen­ya ngayo futhi okunye wukuthi sikhumbule imisebenzi kabab’ uShabalala njengoba sazi ukuthi ubeke leli dolobha ebalazweni lomhlaba,” esho.

UMajozi uthi ngoLwesihl­anu khona ehholo lomphakath­i eMnambithi, kuzoba nesifundo esizokweth­ulwa nguDkt Sipho

Sithole, esivulelek­e emphakathi­ni nasemacikw­eni endawo.

Uveze ukuthi leli sonto lizophothu­lwa ngoMgqibel­o ngomjaho ozoqala ekuseni, obizwa ngeJoseph Shabalala Marathon. Ucacise nokuthi kungani bekhethe leli sonto ukwenza le micimbi njengoba eveze ukuthi lihambisan­a nezinsuku ezandulela usuku uSolwazi Shabalala adlula ngalo emhlabeni njengoba wahamba ngomhla ka-11 kuyo le nyanga.

Uthe bazoba nolunye uhlelo oluhambisa­na nosuku lwakhe lokuzalwa olungomhla ka-28 kuNcwaba (August), olungeke lugxile eMnambithi njengoba kwaziwa ukuthi iMambazo ibisiyiqem­bu elidume umhlaba wonke, ngakho kumqoka ukuthi nakwezinye izindawo zibe khona izinhlelo zokumkhumb­ula nokuhlonip­ha iqhaza lakhe kwezobucik­o kuleli.

 ?? ?? ILADYSMITH Black Mambazo ihlele imicimbi eyahlukene ehambisana nokukhumbu­la umsunguli wayo, uSolwazi Joseph Shabalala.
ILADYSMITH Black Mambazo ihlele imicimbi eyahlukene ehambisana nokukhumbu­la umsunguli wayo, uSolwazi Joseph Shabalala.
 ?? ?? ILADYSMITH Black Mambazo ibijatshul­elwa idlala kweminye yemicimbi yayo.
ILADYSMITH Black Mambazo ibijatshul­elwa idlala kweminye yemicimbi yayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa