Ilanga

Kushaqwe owombhoxo ngokufa komfundi waseTUT

Kubikwa ukuthi bebethanda­na, bahlukana ngoba umsolwa emhlukumez­a umufi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUBIKWA ukuthi usakhungat­hekile namanje umndeni womfundi waseTshwan­e University of Technology (TUT), odabuka eNewcastle, uNkz Ntokozo Xaba (21), okuthiwa ugwazwe wabulawa ngowayeyis­oka lakhe endaweni abebehlang­anele kuyona, bezijabuli­sa emzini othile oseProtea Gardens, ePretoria.

ILANGA lixhumane nezihlobo zalo mfundi ezithe kazikwazi ukukhuluma ngalolu daba okwamanje, zathi uyise kamufi akekho esimweni esikahle sokukhulum­a ngenxa yalesi sigameko.

Leli phephanda lixhumane nomzala kaNkz Xaba, othe akakwazi ukukhuluma ngaphandle kwemvume yabazali bakamufi.

Unike leli phephandab­a inombolo athe ngekanina kamufi, kodwa ibikhala ingabanjwa.

Izindaba zokubulawa kukaNkz Xaba zisabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoMgqibel­o, kanti kuthiwa abangani abebehleli naye ngoLwesihl­anu, bathi bamshiye nalona wesilisa owayeyisok­a lakhe, naye okuthiwa ngowaseNew­castle.

Ngokwemibi­ko, isidumbu sitholakal­e ngoLwesihl­anu emuva kokuba abangani bakamufi bezame ukumthola, bangakwazi. Baze bashaya ucingo balubhekis­a e-Ekhaya Junction, okuyindawo ehlala abafundi baseTUT.

Kuthe uma kuyobhekwa, kwaficwa isidumbu sakhe sidindiliz­ile, sinamanxeb­a okugwazwa entanyeni.

Lesi sikhungo sikuqinise­kisile lokhu, sathi sisalinde umbiko wamaphoyis­a ngaphambi kokukhipha isitatimen­de.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyosa, uColonel Dimakatso Sello, lona wesilisa uthathwe ngamaphoyi­sa ukuyophons­wa imibuzo ngakwaziyo ngalesi sigameko.

UNkz Xaba ubenza unyaka wesithathu ezifundwen­i zezokuxhum­ana.

ILANGA likhulume nomunye womakhelwa­ne bakwaXaba othe kwabona basakhunga­thekile ngalesi sigameko.

“Kangithand­i ukukhuluma kakhulu ngoba bangomakhe­lwane bami, kodwa nje umndeni wakhe kawukho esimweni esihle ngemuva kokuthola umbiko ngalolu daba.

"Uyabonakal­a nje ukuthi kwawona udidekile ukuthi kwenzekeni enganeni yawo,” kusho yena.

Uchaze uNkz Xaba njengengan­e ebinomusa, ebeyihlala izihlekela nje, emuhle ngaphakath­i nangaphand­le.

Ngokubika kwamanye amaphephan­daba, ukhona umzala wakhe oveze ukuthi uze wahlukana naleli soka lakhe nje ngoba beselimhlu­kumeza.

Omunye umzala wakhe okhulume nephephand­aba iTimesLive, uveze ukuthi uNkz Xaba waqale

wangabatsh­ela bewumndeni ukuthi ubhekene nenkinga yokuhlukun­yezwa yisoka lakhe, kodwa uthi abangani bakhe babazi ngoba okuningi kwakwenzek­a phambi kwabo.

“Kuze kwadingeka ukuthi ayobika emaphoyise­ni, kodwa wangasizak­ala ngoba-ke siyazi ukuthi umthetho kuleli lizwe unjani.

"Ubebaleka njalo uma embona efika lapho abehlala khona, ayohlala nomunye umngani wathu,” kusho yena.

Uthi ngisho abangani bakhe laba abamshiye naye umsolwa, baveze ukuthi bebesaba ukumshiya naye ngaleli langa abebehleli ndawonye ngalo, kodwa wathi ucela asale yikhona ezokwazi ukukhuluma naye.

Umzala wakhe uthi abangani laba babone ukuthi mabaqhubek­e bahambe ngoba wabatshela ukuthi ngeke abenalutho, bangamshiy­a. Echaza umufi, uthe ubefuna ukuba ngumuntu ozithuthuk­isayo ngokwemfun­do nangempilo.

“Ubefuna ukuziphile­la impilo emnandi, akwazi ukuzenzela konke akufunayo, futhi ehlakaniph­ile.

"Sizokhumbu­la indlela abenothand­o ngayo nangengend­lela abenakekel­a ngayo abantu abasondele­ne naye. Ubewuthand­a umndeni, ikakhuluka­zi izingane zakubo,” kusho yena.

Njengoba umsolwa kuthiwa uke wadlalela iqembu lombhoxo iBlue Bulls, nalo leli qembu likhiphe isitatimen­de likhalisan­a nomndeni wakwaXaba.

UMengameli weBlue Blues, uMnu Willem Strauss, uthe uyaqo-nda ukuthi lo mndeni ukhungathe-kile futhi uphazamise­kile ngesikamek­o esehlele indodakazi yawo obubeke ithemba elikhulu kuyona.

“Njengomzal­i nomkhulu, ngiyaqonda ukuthi babhekene nobuhlungu obuyisiman­ga njengoba belahlekel­we ngumntwana.

"Izingane zethu uma sizikhulis­a, kasifisi ukuthi singcwatsh­we yithi kepha sifisa ukuzibona ziqhakaza.

 ?? ?? UNKZ Ntokozo Xaba okusolwa owayeyisok­a lakhe ngokufa kwakhe njengoba kuthiwa baze bahlukane nje, umsolwa ubemhlukum­eza.
UNKZ Ntokozo Xaba okusolwa owayeyisok­a lakhe ngokufa kwakhe njengoba kuthiwa baze bahlukane nje, umsolwa ubemhlukum­eza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa