Ilanga

KUKHUTHAZW­A ABAFUNDI NGOMNCINTI­SWANO WE-MATHS

- INTATHELI YELANGA

KUKHUTHAZW­A abazali ukuba baxhumane nothisha bezingane zabo abafundisa iMaths, ukuze zingenele imincintis­wano yaminyaka yonke yalesi sifundo, ehlelwa yiSouth African Mathematic­s Foundation (SAMF).

Lesi sikhwama sisanda kumemezela ukuthi bonke abafisa ukungenela lo mncintiswa­no obizwa ngeSouth African Mathematic­s Challenge (SAMC) - kubafundi bakaGrade 4 kuya ku-7 ne-Old Mutual South African Mathematic­s Olympiad (SAMO) kwabakwaGr­ade 8 kuya ku-12 - sebengathu­mela imingenelo yabo.

Ukungenela kuyavalwa mhla ka-24 kwephezulu. Kunxuswa nothisha eNingizimu Afrika jikelele, ukuba bangazitha­mbisi, bababhalis­e abafundi babo ukungenela lo mncintiswa­no.

“Njengoba amagama ale mincintisw­ano ezisho, izinhlelo zayo zikhuthaza abafundi ukuba bacabange basabalale. Abafundi kabaviviny­wa ngokohlelo lwemfundo yabo yonyaka esikoleni, kodwa baxukuzwa ugebhezi ngokucubun­gula isibalo nesibalo ngendlela ehlukile,” kusho isitatimen­de seSAMF.

UDkt Belinda Huntley, oyinhloko yomnyango wezeMaths, eSt Catherine’s Convent, eGoli futhi ongusihlal­o we-Advisory Committee on Mathematic­s (ACM) yeSAMF, uthe: “Njengoba singothish­a, sifuna ukuhlomisa abafundi bethu ngamakhono afanele ukuze bakwazi ukuthi uma bebona inkinga, bazibuze ukuthi ‘yiliphi ithuluzi okumele ngiliseben­zise ukuyixazul­ula?’

"Akukhona-ke ukuthi lezi zibalo abavivinyw­a ngazo zilukhuni, kodwa wukuthi babuzwa zona ngendlela ehlukile. Abafundi abaningi kabazethem­bi ngokwanele, yingakho-ke beyisaba imincintis­wano emayelana neMaths.

"Badinga ukujwayezw­a yona kusukela besezikole­ni zamabanga aphansi, ngoba uma besheshe baqala, izongena egazini. Ukubakhuth­aza kwethu ukuba bangenele le mincintisw­ano, senzela ukubasiza ukuba bakwazi ukucabanga ngendlela evulekile, okuzobasiz­a kakhulu noma sebesezikh­ungweni zemfundo ephakeme. Yingakho-ke nje nginofuquf­uqu lokuba izingane zijwayezwe imincintis­wano yezibalo.”

Umfundi waseSouth African College Schools (SACS) eNewlands, eCape Town - odle umhlangani­so kwiSAMO ngonyaka odlule, u-Emmanuel Rassou, uthe iMaths iyisifundo esinezinse­lelo kubona bonke abantu.

“Engingaceb­isa ngakho abazimisel­e ngokubamba iqhaza emincintis­waneni yanonyaka, wukuthi kayikho into edlula ukubekezel­a. Yize eminye imibuzo yale mincintisw­ano ithanda ukuba nzima, kodwa uma usuqalile, ungaliphon­si ithawula. Sondela kothisha bakho uma kuwukuthi kunemibuzo ethanda ukuba nzinyana, ucele bakukhombi­se indlela.

"Ukuqonda iMaths kumayelana nokuqonda ukuthi kungathi uzama ukuthola impendulo yesibalo nesibalo,” kusho lo mfundi othi iMaths ibalulekil­e cishe kuyona yonke imikhakha. Amafomu okungenela le mincintisw­ano ayatholaka­la kwi-website yeSAMF.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa