Bafuna kuvuswe ikilabhu yebhola eMlazi
Kuthiwa lokhu kuzogqugquzela intsha ukuqhubeka nezemidlalo ezineqhaza elikhulu emphakathini
BAPHONSELWE inselelo osomabhizinisi baseMlazi mayelana nokusungulwa kwekilabhu eqondene ngqo nomphakathi wakuleli lokishi, emcimbini obungoLwesine eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, wokubongwa kuka-Obed “345” Gumede ongumakadebona kwezemidlalo, obegubha usuku lwakhe lokuzalwa iminyaka engama-91.
Selokhu kwagcina ngezikhathi zeDurban Bush Bucks Amathol’ Amnyama - ayeholwa nguLawrence “Big Bear” Ngubane (ongasekho - ukuba nekilabhu kuleli lokishi.
UGumede ungomunye wabanikazi boMlazi Citizens, ayewuphethe noyise kaS’di Nduli ongusomabhizinisi eMlazi. Umcimbi wokumhalalisela ubuhlelwe yinkosikazi yakhe, uNkk Priscilla, uMaXaba nenkampani iNkonjane VM, engaphansi kweSivusisizwe Foundation.
Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele lo mcimbi, bekukhona uMlungisi “Professor” Ngubane noBennet Gondwe, bodumo kwiBush Bucks noCecil Chili-za owaduma kumaZulu FC neKaizer Chiefs.
ULancelot “Vuma” Mfeka obechaza ngomlando neqhaza elibanjwe ngu-345 kwezemidlalo zaKwaZulu-Natal, utshele izihambeli zomcimbi ukuthi kumqoka kakhulu ukuba lo makadebona abongwe kwazise wachitha isikhathi sakhe ebanakekela besakhula, esanekilabhu, ebondla behlala emzini wakhe kwa-Q, ekubeni enomndeni.
Uthe yisikhathi esihle kakhulu ukuthi osomabhizinisi bangasongi izandla kepha kuvuswe ikilabhu enezinsika zabantu baseMlazi.
“Uma ngikhumbula izikhathi zakudala, kuningi okuhle okwenziwa nguGumede ukuvusa ezemidlalo, okubalwa ibhola nokukhulisa
amabhokisa endaweni. Phakathi kwamabhokisa akhuliswe nguGumede, singabala uSimphiwe “Ntelezi” Mthethwa ongasekho emhlabeni, owahamba ibanga elide kulo mdlalo.
"Yingakho nginxusa osomabhizinisi ukuba bafake okuncane, kuvuswe ibhola eMlazi ngoba lokho kusiza nentsha ingabi wuvanzi emigwaqweni njengoba selinyukile izinga lezidakamizwa
eMlazi namaphethelo, kanti nobugebengu budlangile.
"Kumqoka ukumbonga uGumede esadla anhlamvana,” kusho uMnu Mfeka owayenguthishanhloko waseMgaga High School, khona eMlazi.
UPat “Shabba-Ranks” Gumede oyindodana ka-345, owaduma edlala kumaZulu FC, ubonge uyise ngokumkhulisa ngobuqotho, okwenza wagcina esengumdlali
odumile ebholeni elikhokhelwayo. Uthe useyabona ukuthi kungani ngesikhathi esakhula, efunda amabanga aphansi, wayemfundisa ukuba aqoqe amabhola nezinto zokudlala, athunye enkundleni lapho kwakujima khona uMlazi Citizens, ngoba konke lokho kwaholela ekutheni abe ngumdlali kunobhutshuzwayo.
Nabafowabo uSfundo Gumede (ongasekho) owayengalibheki ipali kwiMtata Liverpool neBush Bucks noPhilani “Calvin” Gumede owayibamba kumaZulu FC, ibhola balifunda bebancane.
UMnu Thamsanqa Ntuli oke waba yikhansela kwa-Q, unxuse ababhali bezincwadi ukuba babhukule kubhalwe umlando ngabantu abafana no-345.
Uthe lokhu kuzogqugquzela intsha ukuba iqhubeke nokwenza ezemidlalo ezibamba elikhulu iqhaza emphakathini. UNtuli usebenze kakhulu no-345 ngesikhathi esayikhansela.