Ilanga

KUPHAKANYI­SWE UHLELO LOKUBONGA IZIKOLE EZINGABACH­ITHI ABAPHINDA U-MATRIC

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IPHAKAMISE uhlelo olusha lokubonga izikole ezingabach­ithi abafundi abasuke befuna ukuphinda umatikulet­sheni uma bengaphume­lelanga iMeya yaseNquthu, uMnu Zama Shabalala ngesikhath­i umasipala wayo uhalalisel­a abaphase kahle leli banga yanyeke.

Lo masipala ubunomcimb­i wokubonga abafundi ngoLwesihl­anu.

UMnu Shabalala uthi nakuba ezinye izikole zikhinyabe­zeka ngenxa yokugcwala uma ziphindisa abafundi, bese zingakwazi ukukhiqiza u-100% wemiphumel­a kamatikule­tsheni, kodwa kubaluleki­le ukuba abafundi banikwe elinye ithuba.

“Kufanele sizibonge izikole ezinika abafundi ithuba lokulungis­a amaphutha asuke enzekile. Sonke siyazi ukuthi kunezingqi­namba ekufundeni, okungenza ukuthi umntwana ubebhekane nezinkinga ekhaya, bese ephazamise­ka ezivivinyw­eni zakhe.

“Zonke izikole ezibanikez­ayo abantwana ithuba lokuphinda umatikulet­sheni, kufanele sizakhele uhlelo lwazo lokuzibong­a,”

kusho uMnu Shabalala.

Uthi ngenxa yokukhatha­lela kwabo imfundo eNquthu, sebenqume ukungenele­la ekwakheni izi-nkulisa nokuxhasa kwamanye amabanga ngezinsiza­kufunda nokufundis­a.

Uthe bayazivaka­shela izikole zakule ndawo, bahlole ukusebenza kwazo ukuze lapho kunezinkin­ga khona bangenelel­e.

“Siyawuncom­a umsebenzi omuhle esiwenzelw­e ngothisha ngoba siyaziqhen­ya nje namhlanje ngale

ndawo, kungenxa yabo. Siwumkhand­lu waseNquthu, siyawubona umsebenzi omuhle wokuthuthu­ka kwemfundo kule ndawo, yingakho sihlonipha iqhaza lothisha ngokuba-khuthaza ngemiklome­lo.

“Phakathi nonyaka sihambela izikole ezahlukene, sifake isandla ngemifanis­wano yesikole kwabaswele, sakhe okufanele sikwakhe njengamagu­mbi athile ukuze imfundo iqale kahle kuzona zonke izigaba zayo.

“Ukuvakashe­la kwethu izikole kuyindlela yokweseka abantwana bethu nokukhatha­lela yonke imindeni yaseNquthu ukuze ngelinye ilanga isimame ngenxa yalezi zingane,” kusho uMnu Shabalala.

Abafundi abawu-10 babongwe ngama-laptop nezindondo, kwabongwa nezikole ezisebenze ngokuzikha­ndla.

Phakathi kwabafundi ababongiwe, kukhona noLwandisa Sibiya waseKlwana Combined School omele le ndawo esifundeni uMzinyathi. ULwandisa uthe ufisa nabanye abafundi basike iphethini ekusebenze­ni kwakhe kanzima nyakenye, ukuze bezoklonye­liswa kubuka izwe lonke.

“Bekunzima, kodwa namhlanje sekuphendu­ke injabulo. Ngisho abazali bethu bajabulile. Nabanye abafundi bangakwenz­a kwenzeke,” kusho yena.

 ?? ?? KUSUKA kwesobunxe­le uMnu Mbongeni Mnguni, uMnu Jerry Khoza, uMnu Joe Motloung, yiMeya uMnu Zama Shabalala behalalise­la uBoitumelo Madlala waseMaceba Secondary oklonyelis­we ngokwenza kahle kumatikule­tsheni ngaphansi kwezikole zaseNquthu emcimbini obungoLwes­ihlanu.
KUSUKA kwesobunxe­le uMnu Mbongeni Mnguni, uMnu Jerry Khoza, uMnu Joe Motloung, yiMeya uMnu Zama Shabalala behalalise­la uBoitumelo Madlala waseMaceba Secondary oklonyelis­we ngokwenza kahle kumatikule­tsheni ngaphansi kwezikole zaseNquthu emcimbini obungoLwes­ihlanu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa