Ilanga

IMEYA YASEMSINGA ITHI IBINGASIHA­LELI ISIKHUNDLA EBUYISELWE KUSONA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBENGENAYO intshiseke­lo yokubuyela kwesokuba yimeya yaseMsinga uMnu Felinkosi Sikhakhane, olandwe engusomlom­o kuMasipala wesiFunda uMzinyathi ukuba ayovala isikhala esivuleke ngokukhonj­wa indlela kukaMnu Mletheni Ndlovu, ongaphandl­e ngebheyili ka-R10 000, ngecala lokunika onogada bakhe izibhamu zenkampani yakhe.

UMnu Sikhakhane oke wawuhola lo masipala phambilini, uqale ukusebenza emasontwen­i amabili adlule. Uthe ukholwa wukuthi abaholi bakhe babone isikhala sivela eMsinga, bathi makabuyele khona.

Utshele ILANGA ukuthi akazange akwamukele kahle ukubuyisel­wa kwakhe eMsinga.

“Inkinga wukuthi okubi kuyakugqib­a okuhle ngomzuzwan­a nje. UMsinga bewuza kahle futhi namanje uza kahle njengoba senza nemicimbi yokunikeze­la ngemifunda­ze kubafundi bakamatiku­letsheni abaphase kahle.

"Akusho ukuthi ngalokhu nje okuvelayo ezweni ngesigamek­o saseMsinga (ukubulawa kwekhansel­a, emuva kwalokho elinye elalihamba nalo lasukuma emngcwaben­i lagagula owayeyimey­a, lathi nguyena umsocongi), sekusho ukuthi sekonakele konke-ke, akusekho okuhle okwenzekay­o.

"Kukhona okuhle kwabe sekugqitsh­wa wokubi. Angikuthan­danga ukubuyela eMsinga ngoba phela le ngoma okuthiwa mangiyigid­e, sengake ngayigida, kodwa uma uthunywa ngabaphath­i bakho, kawukwazi ukunqaba.

"Ngibuyile impela futhi kusazosets­henzwa kakhulu la eMsinga,” kusho uMnu Sikhakhane.

Uthe njengoba ebuyile kulo masipala, ufuna ukugcizele­la kakhulu emphakathi­ni ukuthi makubuyelw­e emasimini, kuyolinywa.

Uveze ukuthi bazowulime­la umphakathi, bawunikeze izimbewu, wona-ke, uzozihlaku­lela.

Uthe lokho kuzosiza kakhulu ekuxosheni indlala eMsinga. Odabeni lwesomiso esihlasele eMsinga, uthe usazohlala nemeya yaseMzinya­thi, uMfu Petros Ngubane, babhekisan­e lona.

“Sizoluhlel­a udaba lwamanzi, sengikhulu­me nomhlonish­wa uNgubane, sengigqoke isigqoko esisha sokuphatha uMsinga,” kusho uMnu Sikhakhane ohole uMasipala waseMsinga iminyaka ewu-10, emuva kwalokho wathunyelw­a eMzinyathi kwesokuba ngusomlomo.

 ?? ?? UMNU Felinkosi Sikhakhane obuyele kwesokuba yimeya yaseMsinga, uthi ubengasiha­leli lesi sikhundla.
UMNU Felinkosi Sikhakhane obuyele kwesokuba yimeya yaseMsinga, uthi ubengasiha­leli lesi sikhundla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa