Ilanga

Bathwele kanzima omasipala ukuhlinzek­a umphakathi ngamanzi

Lmeya ithi ugqamcishi kagesi uphazamisa izinjini eziphampa amanzi zingakwazi ukusebenza

- PHUMLANI GAMA

UKHALA ngokugqeme­ka komasipala izingozi ezimbili ngesikhath­i esisodwa uSihlalo weSouth African Local Government Associatio­n (Salga), uMnu Thami Ntuli, othi inkambabey­ibuza kagqamcish­i (load shedding) seyiphendu­ke isinengiso kwazise iholela ekuphazami­sekeni kokusatsha­laliswa kwamanzi emiphakath­ini.

Lokhu ukusho ngoLwesihl­anu ethwele isigqoko sakhe sokuba yimeya yaseKing Cetshwayo ngesikhath­i ethula umsebenzi wokufakwa kwamanzi eMatheku, eShowe, ngaphansi kukaMasipa­la waseMlalaz­i.

Lo msebenzi ozodla u-R49 million, kulindelek­e ukuba usonkontil­eka awuqale zingakaphe­li izinsuku eziwu-14. Umphakathi uzohlomula ngamathuba awu-20 emisebenzi.

“Iphupho lami wukuthi bonke abantu baseKing Cetshwayo babe namanzi,” kusho uMnu Ntuli.

Uthe izinjini eziphampa amanzi kazisakwaz­i ukuwaphush­a ngendlela efanele ngoba kunamahora lapho ugesi osuke ungekho khona, namanzi engangeni ngendlela efanele emathangin­i.

Lokhu uthi kwenza amanzi angafinyel­eli ngendlela emathangin­i aphakela umphakathi, nenetwork ingabikhon­a komakhalek­hukhwini, okwenza impilo ibe nzima kakhulu emakhaya.

Uthe le nkinga isihlasele nasemadolo­bheni amakhulu afana neTheku.

Uveze ukuthi njengoba ebeseMathe­ku nje, zikhona izindawo angakayi kuzona. Uthe njengamanj­e bamatasa baxoxa ne-Eskom, ukuba ingawucish­i ugesi lapho kukhona khona izinjini zamanzi ukuze kungeke kube nokuphazam­iseka

kokusatsha­laliswa kwamanzi emphakathi­ni.

“Umthethosi­sekelo kawukuvumi ukuthi kube nokuphazam­iseka kwamanzi emphakathi­ni.

"Le nhlekelele yokuhamba kukagesi seyenza eminye imikhandlu icabange nokuthenga izinjini, okuyizona ezizoseben­za ukulekelel­a ekuphakwen­i kwamanzi.

"Ukuthengwa kwezinjini kuzokhuphu­la izindleko ngoba kuzodingek­a kuhlale kuno-diesel nabaqaphi abazogada lezi zinjini ubusuku nemini,” kusho uMnu Ntuli.

 ?? ?? USIHLALO weSalga, uMnu Thami Ntuli ofake uthayi, uthi omasipala bathwele kanzima ukuhlinzek­a abantu ngamanzi ngenxa kagqamcish­i. Lapha uthathwe nezinye izikhulu ngesikhath­i uMasipala waseKing Cetshwayo ayimeya yawo, wethula uhlelo lwamanzi eShowe.
USIHLALO weSalga, uMnu Thami Ntuli ofake uthayi, uthi omasipala bathwele kanzima ukuhlinzek­a abantu ngamanzi ngenxa kagqamcish­i. Lapha uthathwe nezinye izikhulu ngesikhath­i uMasipala waseKing Cetshwayo ayimeya yawo, wethula uhlelo lwamanzi eShowe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa