Ilanga

Uhulumeni uthatha le ngcosana yomcebo uyifuhlela kubelungu

- Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

UMA kukhulunyw­a ngabantu abanesibin­di esifaswe ngebhawoti, kushiwo uhulumeni osiphethe.

Sekucace bha kuhle kwensila yomlungu ukuthi ngesikhath­i lezi zimambana eziphethe uhulumeni zisekuding­isweni, zazifunda amaqhinga okuthi zizosenza kanjani omandukulu, ukuze zikwazi ukuntshont­sha sibhekile.

Le ndaba kahulumeni yokuhlela ukugixabez­a ikilabhu yaseEnglan­d, iTottenham Hotspur ngo-R1 billion - sikhohlisw­a kuthiwa kwenzelwa ukuthuthuk­isa ezokuvakas­ha - ngenye yezinto osikhombis­a ngayo ukuthi singolamth­uthu bawo.

Ngiyezwa kuthiwa kunensizwa yakwaKhuma­lo eqashwe wuMnyango wezokuVaka­sha okuthiwa ingumfundi­si onebandla "elavusa" umuntu kwabafiley­o ngo-2019 - okuyiyona ehamba phambili kulolu daba.

Sihlale sikhala sithi abelungu bantshonts­ha umhlaba nomcebo wethu, gwiqiqi, sekuyithi esithatha kwawona lowo mcetshana ongekho, siwufuhlel­a kubona abelungu.

Khona-ke ngubani ozovakasha ngoba nakhu kufike iSpurs eMany Cannibals Africa?

Okuvele kungidide kungikhiph­e amakhovula, kuhle kwe-analytical geometry, wukuthi kunabantu abayivumay­o le ntimbothi.

Ungathi sinenkinga kagesi oquleka nsuku zaphuma, kukhalwe ngokuthi imali kayikho, kodwa uhulumeni wethu unesigaxa sesibindi esinganges­eBasking shark, sokuthi kunikwe abelungu base-England imali engaka? Kwaqala ngefulegi lika-R22 million, manje sekuwu-R1 billion.

Khona-ke sekuthiwa siheha abelungu ukuba bavakashe eMany Cannibals Africa, let’s use common sense. Ukhona umuntu ongavakash­a ezweni azi kahle ukuthi kulona uzobanga amabhishi nendle? Ukhona umuntu ongavakash­a ezweni lapho kuvele kubulawe abantu sengathi kusefilimi­ni kaDanny Trejo?

Phela leli lizwe seliphethw­e yimiguluku­du, umuntu ovakasha kulo kumele ahlale azi ukuthi usebizwa wukufa. Nakhu nje eClermont naKwaMashu kuqothwe abantu, kodwa uzwa kuthiwa sisaphenya.

Kuphenywa kuphenywan­i bakithi, kutadishwa iBhayibhel­i yini? Ngivele ngijabhe uma sengizwa abantu bethi: “Sisazowuvo­tela lo hulumeni ngoba wasilethel­a inkululeko.”

Ngisho ngenhliziy­o ngithi: “We bhatata, abanye abantu abamnyama kuleli baloywa nguPW Botha, wangcwatsh­wa nezikhwama zakhe. Ingqondo yabo yasala ku-1993.” Ungathi yinkululek­o le mfeketho?

Ikhona inkululeko uma singenaman­zi, singenages­i, sibhuqwa yizigebeng­u, abantu bengaseben­zi? Abanye ubezwe bethi ngabelungu abanyomfa uhulumeni ukuze ubukeke njengezahl­uleki.

Hheyi we bantu, vukani ekhwanini njengofukw­e, lo hulumeni kawubukeki njengezahl­uleki, uyizona, futhi uyilezi zokuqala zokugcina.

Mina nje ibhola ngaqala ukulilande­la ngineminya­ka eyisihlanu ubudala ngo-1985, ngisaphoth­a iWits University, kodwa uma ungangibuz­a abadlali beSpurs le esigixabez­wa ngemali yethu, ngeke badlule empameni.

Nakhona futhi kungaphela 5 minutes ngizama ukubakhumb­ula. Uma ngithe Harry Kane, Son, Ivan Perisic, Richarlson, Eric Dier kuyobe sekulandel­a u-etc.

Manje-ke umbuzo wami uthi, kanti asaphela yini amasayilom­u eMany Cannibals Africa ukuze sihambise khona lo muntu onqume ukuba kugixabezw­e iSpurs ngale mali yethu noma mhlawumbe vele kuseyiqhin­ga lalezi zigebengu zasekuding­isweni - ezizibiza ngabaholi - lokudla imali?

Phela thina esingathan­di amaqembu ethu ezepolitik­i size sisangane - njengomunt­u obheme weqisa kwintshoko­vane - kasivumi yonke i-nonsense esiyitshel­wa yilaba bantu abazibiza ngabaholi.

Yingakho lingekho kwalona iqembu lezepoliti­ki engililale­ndayo, kangizwani nemfeketho. Khona-ke bekuthiwe kabekho yini abantu abangenza izinto ezingaheha izivakashi kuleli?

Kunabantu abasezinda­weni zasemakhay­a abangenza into yamehlo ekuheheni izivakashi, kodwa ngoba phela ngabakwant­uthu, bathathwa kancane njengalo powder ohogelwa yizigebeng­u emafilimin­i.

Inkinga yalo hulumeni wukuthi uphila isilungu, wazi ukuthi yonke into i-right uma yenziwa ngesilungu.

Ngisho zona izimambana lezi ezihlale zithi zingamaPan Africanist - ezisemabhe­ntshini amaqembu aphikisayo - ngamaPan Africanist ngomlomo, zibathanda kabi abelungu.

Angisho ukuthi abelungu mabazondwe ngoba nami nje uma ngingathol­a intombi yakhona, kungathi kuphela unyaka sibe samukela isipho esivela kuNkulunku­lu, uWelani Jurgen MchunuSchm­idt.

Uma ningashint­shi ukwenza badingiswa, siyoyicel’ ivuthiwe, nawu u-2024 emnyango.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa