Ilanga

Ingcindezi kuRamaphos­a ngenkulumo ebhekiswe esizweni

-

INKULU ingcindezi kuMengamel­i Cyril Ramaphosa, ozokwethul­a inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine (State of the Nation Address), ukuba amemezele izinyathel­o ezinqala uhulumeni wakhe ozozithath­a ukutakula izwe obhukwini eselicwile kulona iminyaka – lungabonak­ali ushintsho – naphezu kwezethemb­iso zeqembu lakhe, i-ANC.

Inkinga eseqhulwin­i wukuba anekele izwe ukuthi uhulumeni uzokwenzan­i eyehlukile kulokhu ukulungisa ingwandla kagqamcish­i (load shedding), esibe khona iminyaka ewu-16 njengoba yaqala kusaphethe uMnu Thabo Mbeki ngo-2007.

Njengoba sesike saphawula kule ngosi phambilini, kasikholwa wukuthi lo hulumeni ungakwazi ukuxazulul­a le nkinga ngenxa yokungabik­hona kwamakhono nesipiliyo­ni sokuyixazu­lula emazingeni ombuso.

Kodwa-ke isiZulu sithi kakulahlwa mbeleko ngakufelwa; mhlawumbe ngelinye ilanga kukhona umlingo oyoqhamuka nawo uhulumeni, usimangali­se sonke.

Ukuxazulul­wa kwenkinga kagqamcish­i kungasiza ukwelapha esinye isifo leli zwe eselizame iminyaka eminingi ukusiqeda, kungalungi.

Leso yisifo sokuntenga komnotho nokuswelek­a kwamathuba emisebenzi, ikakhuluka­zi entsheni.

Esinye sezizathu zale nkinga, wuhlobo lwemfundo engekho eqophelwen­i eliphezulu, etholakala ezikoleni.

Kuthi noma intsha yethu ineziqu zasemanyuv­esi, kodwa ingawuthol­i umsebenzi ngenxa yokuthi ishalazela izifundo zesayensi, izibalo nezobuchwe­pheshe, okuyizona ezihlomisa umuntu ukuba aqasheke kalula noma akwazi ukuzimela, azisebenze.

Ukuphuma nje kancane endleleni; kufanele kesizibuze ukuthi kwenziwa yini ukuba i-United States of America (USA), ukwenza nje isibonelo, ikwazi ukuqasha cishe bonke abantu abafuna umsebenzi kuleliya lizwe.

NgoLwesihl­anu nje, uMnyango weziSebenz­i e-USA, umemezele ukuthi ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule kuqashwe abantu abangaphez­u kuka-500000, okwenza babe ngamaphese­nti amathathu kuphela abantu abaswele umsebenzi kuleliya lizwe.

Isimo esihle somnotho wase-USA ngesinye sezizathu izigidi zabantu emhlabeni jikelele, zihlale zifuna ukuyohlala khona, ezinye zize zeqe imingcele ngokungemt­hetho.

Uma sesibuyela ekhaya, okungamsiz­a uRamaphosa ukubhekana nezinselel­o zomsebenzi wakhe, wukuqinise­kisa ukuthi ikhabhinet­hi longqongqo­she okulindelw­e aliqoke maduze, linabantu abaqotho, abanamakho­no, imfundo esezingeni elifanele nabazimise­layo ngomsebenz­i.

Ngeke kwamsiza yena noquqaba olusosizin­i, ukufukamel­a abanye bongqongqo­she asebekhomb­isile ukuthi bayizehlul­eki.

Abanye babo ngosikhwil­i-phambana-nobhoko njengoba benganqeni ukumnyunde­la, benze lokho okuphambek­e nezinhlelo ezimenyeze­lwe wuhulumeni. Sethemba ukuthi umengameli uzozibamba ziqine, athathe izinyathel­o ezifanele ukuhlenga izwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa