SICELA UMASIPALA UKHUCULULE LE MILUTHA EGCWELE ITHEKU
MHLELI: Ngifisa ukuqala ngokushayela ihlombe uMasipala weTheku ngemizamo yokuhlanza leli dolobha esiqalile ukubonakala ezingxenyeni ezithile, ikakhulukazi emabhishi nakweminye imigwaqo emqoka ephakathi edolobheni.
Ngifisa nokugxeka umphakathi ikakhulukazi ohambela emapaki nasemabhishi ngokuwangcolisa ngamabomu.
Kunabantu abavele bawulahle nje noma yikanjani udoti wabo, uxakeke nje ukuthi nasemizini yabo benza okufanayo yini, ngoba basuke befike ngezimoto ezinhle, begezile bebahle, kodwa baphoxwe wubunuku.
Nokho engifuna ukugxila kukhona namuhla yilokhu kobudedengu bukaMasipala weTheku bokuvumela ukuba imizamo yawo yenhlanzeko iphelele oboyeni okwezithukuthuku zenja, ngokwehluleka ukukhuculula imilutha egcwele emakhoneni aleli dolobha.
Le milutha ibasa imililo kuzona zonke izindawo ehamba kuzona futhi lokhu ikwenza emini kubuka wonke umuntu, okuyinto engahambisani nemithetho yawo umasipala.
Ngikholwa wukuthi nxa izikhulu zalo masipala zizimisele ngempela ngenhlanzeko kuleli dolobha, kumele ziqale ngokuxosha yonke le milutha egcwele kulona.
Izikhulu zeTheku zicabanga ukuthi le milutha elala emigwaqweni ichamaphi ebusuku nxa ixinekile.
Zithini izimpendulo kulezi zikhulu uma zikhumbula ukuthi le milutha ifikelwa nayisikhathi sokuba ilahle itshe lentaba.
Iziphathimandla zicabanga ukuthi izikhulula kuphi le milutha?
Njengoba kwaziwa ukuthi indawo enuka kabi ukuzedlula zonke emizini ehlala abantu yilapho kulahlwa khona itshe lentaba, manje imigwaqo yaleli dolobha ingayeka kanjani ukunuka uma kunamadoda nabafazi abalala emigwaqweni, bavuke bazikhulule sengathi basehlane?
Laba bantu badla nezidakamizwa eziyingozi engikholwa wukuthi zenza indle yabo ixake nakakhulu ngephunga.
Phela noma ungena endlini encane, kukade kuphuma umuntu olale enya emaphepha ngayizolo ngenxa yezimbiza zikaFaro, kawutshelwa ngumuntu ukuthi konakele njengoba iphunga liyaye lisho ukukugqabula ikhala.
Le nto engiyikhulumayo ngiyazi kahle ngoba nami ngiyabuthinta utshwala.
Ngiyaye ngicasulwe ngumuntu oseqiwe yizinkamba uma ezofuna ukukhulumela ebusweni bami ekubeni mina ngingakabuthi mbibi.
Lokhu-ke kwangifundisa ukuthi ngikugweme ukukhulumela eduze kwezingane zami nomkami, kuze kube ngiyaxubha, ngisebenzise noswidi wokunukisa umlomo kahle.
Phela kumele uqhamuke nesixazululo entweni ongayithandi ukuze ungaxaki abanye.
Kangazi-ke noma izikhulu zeTheku zisihlalisa nemilutha ngoba nakhu zona zingakwexwayi yini ukunukelwa yindle nomchamo uma zidlula ngalapho osekwaphenduka khona izidleke zalaba bantu abahlala emigwaqweni, abadume kakhulu ngegama lamaphara
Laba bantu babamba nenkunzi.