Ilanga

SICELA UMASIPALA UKHUCULULE LE MILUTHA EGCWELE ITHEKU

- Thulani Mahlobo eThekwini

MHLELI: Ngifisa ukuqala ngokushaye­la ihlombe uMasipala weTheku ngemizamo yokuhlanza leli dolobha esiqalile ukubonakal­a ezingxenye­ni ezithile, ikakhuluka­zi emabhishi nakweminye imigwaqo emqoka ephakathi edolobheni.

Ngifisa nokugxeka umphakathi ikakhuluka­zi ohambela emapaki nasemabhis­hi ngokuwangc­olisa ngamabomu.

Kunabantu abavele bawulahle nje noma yikanjani udoti wabo, uxakeke nje ukuthi nasemizini yabo benza okufanayo yini, ngoba basuke befike ngezimoto ezinhle, begezile bebahle, kodwa baphoxwe wubunuku.

Nokho engifuna ukugxila kukhona namuhla yilokhu kobudedeng­u bukaMasipa­la weTheku bokuvumela ukuba imizamo yawo yenhlanzek­o iphelele oboyeni okwezithuk­uthuku zenja, ngokwehlul­eka ukukhuculu­la imilutha egcwele emakhoneni aleli dolobha.

Le milutha ibasa imililo kuzona zonke izindawo ehamba kuzona futhi lokhu ikwenza emini kubuka wonke umuntu, okuyinto engahambis­ani nemithetho yawo umasipala.

Ngikholwa wukuthi nxa izikhulu zalo masipala zizimisele ngempela ngenhlanze­ko kuleli dolobha, kumele ziqale ngokuxosha yonke le milutha egcwele kulona.

Izikhulu zeTheku zicabanga ukuthi le milutha elala emigwaqwen­i ichamaphi ebusuku nxa ixinekile.

Zithini izimpendul­o kulezi zikhulu uma zikhumbula ukuthi le milutha ifikelwa nayisikhat­hi sokuba ilahle itshe lentaba.

Iziphathim­andla zicabanga ukuthi izikhulula kuphi le milutha?

Njengoba kwaziwa ukuthi indawo enuka kabi ukuzedlula zonke emizini ehlala abantu yilapho kulahlwa khona itshe lentaba, manje imigwaqo yaleli dolobha ingayeka kanjani ukunuka uma kunamadoda nabafazi abalala emigwaqwen­i, bavuke bazikhulul­e sengathi basehlane?

Laba bantu badla nezidakami­zwa eziyingozi engikholwa wukuthi zenza indle yabo ixake nakakhulu ngephunga.

Phela noma ungena endlini encane, kukade kuphuma umuntu olale enya emaphepha ngayizolo ngenxa yezimbiza zikaFaro, kawutshelw­a ngumuntu ukuthi konakele njengoba iphunga liyaye lisho ukukugqabu­la ikhala.

Le nto engiyikhul­umayo ngiyazi kahle ngoba nami ngiyabuthi­nta utshwala.

Ngiyaye ngicasulwe ngumuntu oseqiwe yizinkamba uma ezofuna ukukhulume­la ebusweni bami ekubeni mina ngingakabu­thi mbibi.

Lokhu-ke kwangifund­isa ukuthi ngikugweme ukukhulume­la eduze kwezingane zami nomkami, kuze kube ngiyaxubha, ngisebenzi­se noswidi wokunukisa umlomo kahle.

Phela kumele uqhamuke nesixazulu­lo entweni ongayithan­di ukuze ungaxaki abanye.

Kangazi-ke noma izikhulu zeTheku zisihlalis­a nemilutha ngoba nakhu zona zingakwexw­ayi yini ukunukelwa yindle nomchamo uma zidlula ngalapho osekwaphen­duka khona izidleke zalaba bantu abahlala emigwaqwen­i, abadume kakhulu ngegama lamaphara

Laba bantu babamba nenkunzi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa