Ilanga

AMASELULA NOMA AMA-TABLET ANGAWULIMA­ZA UMQONDO WABANTWANA

-

NJENGOBA kuvulwe izikole ngenyanga edlule, indodana yami eneminyaka ewu-5 ubudala, ibiqala uGrade R.

Nami-ke njengomzal­i osefundile ngezimo ezingahole­la ekutheni umntwana agcine engasabamb­i kahle esikoleni, ngike ngahlala phansi nobaba wasekhaya, sadingida udaba lokuthi indodana ingabe isawuseben­zisa umakhalekh­ukhwini wayo wokuchitha isizungu phakathi nezinsuku.

Sivumelane ngokuthi kuhle iwuthole ngoMgqibel­o kuphela, futhi ikalelwe isikhathi ukuze iphumuze umqondo. Sithe uma sesivumele­ne, sase simbiza unkunzana. Besazi ukuthi lolu daba ngeke lube lula neze ngenxa yokuthi ubesejwaye­le kakhulu ukuluswa yilo makhalekhu­khwini aze azumeke.

Simbizele ekameleni samhlalisa phansi, samchazela. Siqale ngokumbuza ukuthi angithi uyazi ukuthi useyofunda uGrade R, wathi yebo, sase simchazela ukuthi uGrade R umlungisel­ela ukuya kwaGrade 1, lapho umsebenzi wesikole ozoba mningi khona nomsebenzi wesikole owenziwa ekhaya, wase evuma.

Simchazele ngale nqubo entsha yokusetshe­nziswa kukamakhal­ekhukhwini. Noma ngubani onomntwana omncane, uzokwazi ukuthi le genge ibathanda kangakanan­i omakhalekh­ukhwini, ama-game nezinqolob­ane zolwazi ezifana noGoogle noYouTube ezitholaka­la kuwona.

Okusimanga­lisile wukuthi uvume kalula, kwangaba ngale ndlela ebesiyicab­anga. Kungenzeka ukuthi yingoba besesike saluhlokol­oza lolu daba ngamaholid­e. Uma ngibuka, okunye okusisizil­e kube wukumchaze­la kunokuthi sivele simphuce noma siwufihle.

Kuyasiza ukubafaka abantwana ezinqumwen­i ezibathint­ayo, kwenza baziqonde izizathu zesenzo sakho futhi bazizwe bekhathale­lwe, futhi bethandwa.

Kuyiqiniso esingeliba­lekele ukuthi ubuchwephe­she buwuthuthu­kise kakhulu umphakathi, futhi benze kwabalula ukuxhumana kwabantu, wukutholak­ala kolwazi nokugcinwa kwalo, kodwa ngeke sikubaleke­le ukuthi miningi imithelela engemihle yokuchitha isikhathi esiningi komntwana komakhalek­hukhwini nomabonaku­de engagadiwe. Lapha singabala:

Ukungaziph­athi ngendlela efanele komntwana: Abantwana abasemaban­geni aphansi ezemfundo uma bebuka umabonakud­e noma besebenzis­a omakhalekh­ukhwini amahora angaphezu kwamabili ngosuku, bangazitho­la behluleka wukugxilis­a umqondo emsebenzin­i wesikole noma enkulumwen­i ende futhi kungaphaza­misa ubudlelwan­o babo nontanga yabo.

Ngasohlang­othini lwezemfund­o: Ongoti baveza ukuthi abantwana abanomabon­akude emakamelen­i abo, kabenzi kahle esikoleni nasezivivi­nyweni zabo.

Ukukhuluph­ala kuze kweqe: Ukuchitha isikhathi eside kumabonaku­de, umntwana engawunyak­azisi umzimba, kungaholel­a ekutheni agcine esekhuluph­ala ngendlela enobungozi.

Inkinga yokulala: Baningi abantu abadala abasebenzi­sa umabonakud­e ukuze bazumeke, kodwa kubantwana, ukugqoloze­la i-screen aze uzumeke, kushiya izithombe zisadlala emqondweni, okungamenz­a agcine esenenking­a yokulala. Lokho kungamphaz­amisa esikoleni ngenxa yokukhatha­la komqondo nomzimba.

Udlame: Ukubuka izinhlelo ezinesihlu­ku, kungaholel­a ekutheni izingane zigcine sezithatha izenzo ezinodlame nesihluku njengento ejwayeleki­le, besezizenz­a kontanga yazo esikoleni nasemakhay­a.

Izithombe zocansi… Ngenxa yokungalaw­ulwa kahle kwe-internet, kulula kakhulu ukuthi umntwana athi ezibhekela izinto eziqondene nama-game noma umsebenzi wesikole, avele aqondane namafilimu noma izithombe zocansi. Lokhu kungawupha­zamisa kakhulu umqondo wakhe uma kwenzeka esemncane, engakakulu­ngeli ngokomqond­o.

Kubaluleki­le ukuthi uthole ama-app akwaziyo ukuzivimba lezi zithombe, enza ukwazi nokuxhuma umakhalekh­ukhwini wakho nowomntwan­a ukuze ukwazi ukubona ukuthi ungena kumaphi ama-website, futhi ubukani kuwo.

NGIWUSHAYA KANJANI UMTHETHO NGAPHANDLE KOKUMPHATH­A KABI UMNTANAMI?

Kufanele njengomzal­i ungakusabi ukushaya umthetho futhi uchazele umntwana ngesizathu somthetho wakho.

Okunye okungasiza wukuthi abazali nabadala bazijwayez­e ukuhlala baxoxe nezingane njengomnde­ni, ngaphandle kokuhlala ezingcingw­eni bekhuluma nabantu abangekho endlini. Ngaleyo ndlela, abantwana bazokubona ukubalulek­a kokungaset­shenziswa kobuchweph­eshe kuze kweqe. Kubaluleki­le ukuba abazali babuqonde ubungozi bokusetshe­nziswa kwamaselul­a nomabonaku­de kuze kweqe ukuze abantwana bangangeni kulolu gibe.

Ngo-2015, kunenkampa­ni yezobuchwe­pheshe eyakhipha imiphumela yocwaningo ekhombisa ukuthi umntwana oyedwa kwabathath­u uzizwa engakhatha­lelwe futhi engathandw­a uma abazali bematasa komakhalek­hukhwini uma behleli naye noma ngenkathi kudliwa ekhaya.

Ucwaningo luveza nokuthi uma abantwana bezitshwa ngale ndlela uma bekhuluma nathi – ngisho ngabe kuwukuphen­dula umyalezo nje kumakhalek­hukhwini – bavele babone ukuthi kushuthi yiwo obalulekil­e kunabo.

NAZI IZINDLELA ZOKUNCIPHI­SA ISIKHATHI SIKAMABONA­KUDE NOMAKHALEK­HUKHWINI:

• Shaya umthetho njengomzal­i mayelana nokusetshe­nziswa kukamabona­kude namaselula;

• Makube nesikhathi esinqunyiw­e abangeke badlule kusona uma besebenzis­a omakhalekh­ukhwini;

• Mabangaset­shenziswa omakhalekh­ukhwini etafuleni uma kudliwa;

•Makube nomdlalo womndeni lapho omakhalekh­ukhwini bengeke bavunyelwe;

• Uma kuhanjwa ngemoto, makuxoxwe, kungahlalw­a komakhalek­hukhwini;

• Emakamelen­i makungabi nomabonaku­de noma mawucishwe ngesikhath­i sokulala.

Uma kungenzeka, kufanele umndeni ube nosuku olulodwa esontweni lapho ozoke ubeke eceleni omakhalekh­ukhwini - ngaphandle kokubamba izingcingo bonke abantu bangangeni ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuze baphile esikhathin­i nasendawen­i lapho bekhona, nomqondo uke uthole ukuphumula.

Ukhumbule mzali, konke lokhu ukwenza ngoba ukhathalel­e ukukhula kahle komntwana nokugwema izinkinga. Noma ngabe akawuzwisi­si kahle umthetho okokuqala, kodwa uzogcina esewujwaye­le. Ungakhohlw­a, IsiZulu sithi, “Ugotshwa usemanzi.”

• UZonke Shazi-Hlongwane ugogode ezifundwen­i zeChild and Youth Care, okuwukukhu­liswa nokunakeke­lwa kwabantwan­a ne-ntsha. Unenhlanga­no “Ikusasa Ngelami”, elekelela intsha ezingqinam­beni zempilo. Ungumqeqes­hi nomeluleki wabantwana nabazali.

• Le ngosi izoshicile­lwa kabili ngenyanga.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa