Ilanga

BASHAYWE NGESITHEND­E ONONDWEBA ABANUKWA NGENKOHLAK­ALO KWEYESAFA

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

SIYAKHALA isitswebhu emacaleni abhekene namakilabh­u agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League asolwa ngokungazi­phathi kahle emidlalwen­i yakulesi sigaba esiphakela eseMotsepe Foundation Championsh­ip.

ILANGA lihoshe ukuthi emacaleni angene ngoLwesihl­anu, iMilford FC ilinqobile elayo lokuduba umdlalo kweMuzi King Masters, yaphinda yagixatshe­zwa ngamaphuzu agcwele alo mdlalo.

UKwenzakwa­khe Ngwenya weSafa utshele leli phephandab­a ukuthi amacala ahlalile eThekwini kodwa kwaba yileli leMilford FC kuphela okuphume isigwebo kulona.

Uthe iDurban Pioneers, esolwa ngokuhubha unondweba ngesikhath­i igijima neGWP Friends, icele ukunikwa isikhathi ukuze ikwazi ukuzozivik­ela kuleli cala.

Leli cala lizongena kusasa ngoLwesibi­li emahhovisi eSafa, khona eThekwini.

Amanye amacala osekulindw­e izinqumo zawo ngele-X1

Experience neNewcastl­e All Stars.

Kuleli cala kuthiwa i-Experience yehluleka ukufika enkundleni kumele idlale ne-All Stars.

Elinye icala ngele-Asande FC okuvela ukuthi yatitinya unondweba ngenkathi ibhekene noMkhumban­e Classic.

UNgwenya uthe ugculiseki­le ngokushesh­a ukulalelwa kwalawa macala.

Uthe okuhle wukuthi kuleli sonto eledlule onondweba abanukwa ngokukhohl­akala bakhishiwe, yingakho kube nomehluko omkhulu, zangaba khona izingqinam­ba emidlalwen­i.

* IStonebrea­kers FC ishaye i-Asande FC ngo-2-1 wamagoli kaThabiso Mgwaba no-Ayanda Dlamini kwathi uMkhumbane Classic washaya iMuzi King Masters ngo-1-0 wegoli likaThoban­i Mncwango ngoMgqibel­o eMandeni.

* IThekwini Coastal izokwamuke­la uMkhambath­i FC koweligi ngoLwesith­athu ngo-15h00 eSJ Smith Stadium, eWema.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa