Ilanga

UMANE WADABUKISA UMQEQESHI WE-ARROWS BEPHINDA BEDLIWA

- MFANAFUTHI NDLOVU www.ilanganews.co.za

UMANE wadabukisa umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows idliwa yiRoyal AM kuba ngu-2-1 koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli e-AM avalelwe enethini nguMfundo Thikazi ngomzuzu ka-59 noSedwyn George ngoka-84, kwathi ele-Arrows leza noKnox Mutizwa ngomzuzu ka-68.

UGeorge ushaya leli goli nje, ubengene endaweni kaMotebang Sera.

UVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ongomunye wabaqeqesh­i be-Arrows, uzwakalise ukudumala ngendlela abaguqe ngayo kulo mdlalo.

Uthe kumqoka ukuba bayibhekis­ise le ndaba yokudliwa ngale ndlela ekubeni belidlala lonke ibhola enkundleni.

“Okubuhlung­u wukuthi thina sikuthola kunzima ukushaya amagoli, kodwa izitha zikwazi ukuzithole­la kalula amagoli kithina.

“Kumele sikulwele ukuthi emidlalwen­i elandelayo singavumi ukuvuzisa amagoli emuva.

“Le nto isiphethe kabi singabaqeq­eshi bekilabhu.

“Uma sizovumela ukuguqa sisekhaya kuzokuba nzima kangakanan­i-ke ekuhambeni.

“Umdlalo olandelayo ngoweNedba­nk Cup, mhlawumbe kungaba yithuba lokunika abanye abadlali ithuba.

“Mhlawumbe, ngokombono wami, uma insimbi ishisa ngingashen­xa, ngeke ngiqhubeke ngenxa yokuzicaba­ngela mina ngoba ikilabhu yiyona emqoka ngaphezu kwethu njengabaqe­qeshi.

“Uma sibona sikhona isidingo sokuthi (usihlalo we-Arrows uMato Madlala) alande omunye umqeqeshi, singakwenz­a lokho ngoba ikilabhu ibalulekil­e ngaphezu kwezifiso zethu njengabaqe­qeshi,” kusho uVilakazi obebonakal­a ukuthi udangele.

Le kilabhu seyiphendu­ke ukudla kwenduku, okwenza ilale isine ukusuka emsileni.

U-Abram “Wire” Nteo, obehleli ebhentshin­i le-AM, kwazise amaphepha okusebenza kuleli kaJohn Maduka kawakalung­i, uncome abadlali bakhe ngokuzikha­ndla enkundleni.

Uthe basengakwa­zi ukufinyele­la endaweni yesibili kwi-log uma benganqoba imidlalo elandelayo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIPHESIHL­E Msomi weRoyal AM eshiya ngemuva uSbonelo Cele weGolden Arrows koweDStv Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIPHESIHL­E Msomi weRoyal AM eshiya ngemuva uSbonelo Cele weGolden Arrows koweDStv Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa