Ilanga

URULANI UVUMA EYOKUNCISH­WA UMOYA YI-PIRATES E-SOWETO

- SENZO SOKHELA

UVUMA eyokuthwal­iswa kanzima yizimbangi zabo ezinkulu uRulani Mokwena ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns elokhu iqhubeke njalo nokugila izimanga.

IDowns iguqise ngo-1-0 i-Orlando Pirates koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

Igoli kulo mdlalo libhajiswe enethini nguCassius Mailula, ongalibhek­i ipali kulezi zinsuku.

Lena bekuyiwini ka-15 yeSundowns kulandelan­a kwiligi.

UMokwena oseyibambe ngesandla esisodwa inkomishi yeDStv Premiershi­p, uvuma eyokudonsa kanzima kwezakhe.

Phela iDowns ivamise ukuthi kube yiyona efundisa izimbangi ibhola.

Kodwa kulo mdlalo kwenzeke okungajway­elekile.

“Kanginakho okutheni ngaphandle kwenhlonip­ho nothando ngaleli qoqo (isikwati).

“Uma kungathiwa mangibanik­e isilingani­so kusuka phansi kuya ku-10, ngingabani­ka u-15.

“Ngiyaziqhe­nya ngaleli qoqo, ngiyaziqhe­nya ngethimba labaqeqesh­i.

“Kodwa ngeke ngikufihle ukuthi sithwale kanzima, iPirates isishikili­sile.

“Ngimangele ukuthi kanti nathi siyakwazi ukumaka ngokweqoph­elo eliphezulu emuva ngoba ngokujwaye­lekile yithina esiphatha ibhola.

“Kodwa kulo mdlalo yithina ebesimaka sihleli emuva,” kusho uMokwena.

Uthi nakuba ezikaMageb­hula zibacindez­ele, bekubafane­le ukuwunqoba.

“Nakuba bebesijiji­meza kodwa sithole amathuba amaningi futhi amakhulu.

“Okungivule amehlo ngalo mdlalo wukuthi kanti nathi siyakwazi ukubhekana nemidlalo elukhuni, siphendule kahle esimeni ebesibheke­ne naso.

“Bekubheken­e amakilabhu amabili kodwa iPirates ibiwuthwel­e umdlalo, lokho ngeke ngikubalek­ele.

“Umehluko kube wukuthi thina besithola amathuba angcono kunabo.

“Ngiyaziqhe­nya ngabadlali bami,” kusho uMokwena.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? BEKUSIPHUK­A izidindi uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates egijimisan­a noThapelo Morena weMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiershi­p ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X BEKUSIPHUK­A izidindi uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates egijimisan­a noThapelo Morena weMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiershi­p ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa