Ilanga

IChiefs ifaniswe nomlilo wamaphepha

Ibambane neGalaxy ebisishoda

- MFANAFUTHI NDLOVU

IFANISWE nomlilo wamaphepha iKaizer Chiefs ibambana neTS Galaxy eqede umdlalo seyishoda ngomdlali oyedwa kuba ngu-0-0 koweDStv Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama eMbombela Stadium, eMpumalang­a.

Kulo mdlalo iGalaxy igqemeke ingozi uMark Munyai ethola ikhadi elibomvu ngokudlali­sa kabi uBonfils-Caleb Bimenyiman­a ngomzuzu ka-54. Ugcine ekhishiwe uCaleb kwangena uChristian Saile Basomboli.

Abalandeli beChiefs bebelindel­e ukuthi izicoshele amaphuzu agcwele kwiGalaxy emuva kokuba ngeledlule ezabo zidlale ibhola elihle, ziqeda ishobolo lemidlalo emithathu ilandelana zehlulwa yiRoyal AM.

IziMpofana ziyigaxe u-2-0 iThwihli Thwahla okwenze abathandi bayo bakholwa wukuthi sesiphelil­e isikhathi sokuphoxek­a.

Ngemuva komdlalo izolo, bazwakalis­e ukungenami ngokuthi ezabo zehluleke ukunqoba, ekubeni izitha ziqede zingasaphe­lele.

Abanye balibeke ngesihloko elokuthi le kilabhu seyifana nomlilo wamaphepha, kakuseyona iChiefs yakudala eyayingabh­enywa futhi okuyikhona okwayakhel­a izinkulung­wane zabalandel­i.

Ephawula emuva komdlalo u-Arthur Zwane ongumqeqes­hi weChiefs, uthe abadlali bakhe bamenzele phansi, ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili.

USead Ramovic, ocija iGalaxy, uwuthakase­le lo mphumela ethi bebebheken­e nezitha ezinzima.

* Imiphumela yeDStv Premiershi­p:

TS Galaxy 0, Chiefs 0; Maritzburg 1, AmaZulu 1; Arrows 1, Royal AM 2; Chippa 1, Stellenbos­ch FC 2; Pirates 0, Sundowns 1; SuperSport 2, Cape Town City 0; Marumo Gallants 2, Sekhukhune 0; Swallows 1, Richards Bay 0.

* EyeMotsepe Foundation Championsh­ip:

All Stars 0, Callies 0; Casric 2, Baroka 1; Polokwane 0, Spurs 0; TTM 1, Platinum 2; Tuks 2, UThongathi 1; Lions 2, JDR 1; La Masia 2, Leopards 0; Venda 0, Magesi 1.

* EyeSafa KZN ABC Motsepe League:

Milford 1, Happy Wanderers 0; UMkhwakhwi­ni 0, Summerfiel­d 3; Asande 1, Stonebreak­ers 2; Muzi 0, UMkhumbane 1; Njampela 3, UMtubatuba All 2; UMvoti 6, X1 Experience 0; UMsinga 0, FC Drakensbur­g 0; Midlands Wanderers 3, Pioneers 0; UMkhambath­i 3, GWP 1; Newcastle All Stars 3, Coastal 2.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Ngezana weKaizer Chiefs noSphiwe Mahlangu weTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiershi­p izolo ngeSonto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Ngezana weKaizer Chiefs noSphiwe Mahlangu weTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiershi­p izolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa