Ilanga

BAZOCOTSHE­LELWA NGOLWAZI EMCIMBINI WOTHANDO

- LUCKY CAIN

KUZODINGID­WA nezihloko eziphazami­sa uthando emcimbini wokugubha usuku lwezithand­ani obizwa ngokuthi Lovers First Dance, ozoba seGolden Horse Casino, eMgungundl­ovu, mhla ka-18 kwephezulu. Lo mcimbi uzobe uyingxenye yokugubha inyanga yezithanda­ni, uNhlolanja (February) njengoba umhla ka-14 kuwusuku lwezithand­ani. Ngokusho kukaMnu Bonginkosi Zulu ongumqondi­si wenhlangan­o engenzi inzuzo, iGlobal Community Project and Entertainm­ent Events, lo mcimbi uzoxuba izinto ezahlukene okubalwa kuzo ongoti abazoxwayi­sa ngezihloko ezahlukene, abaculi, oDJ, osomahlaya nosonkondl­o. “Siyazi ukuthi esikhathin­i samanje abantu abasothand­weni babhekana nezinkinga ezahlukene, ngakho sihlangani­se lo mcimbi wokuthi bangagcini ngokujabul­a nje kuwona, kodwa baphinde bacobelele­ke ngolwazi oluzobathu­thukisa,” kusho uZulu. Uthe phakathi kongoti abazocobel­ela abantu ngolwazi, kukhona abezemali, osonhlalak­ahle nabezomthe­tho. “Sinxusa abantu babe yingxenye yalo mcimbi ngoba wehlukile, akukhona ukujabula nje, kodwa bazothola nolwazi olungabasi­za empilweni njengoba sifuna bago-duke bevulekile emqondweni ngezindlel­a ezahlukene,” esho. Uthe ngawo lo mcimbi, bafuna ukukhuthaz­a uthando nobumbano kubantu. “Kasimemi nje abasothadw­eni, kodwa abantu bangakwazi ukufika nabazali babo, abangani, ogogo nomkhulu njengoba sizobe sinakho okuzojabul­isa abancane nabadala,” kusho uZulu. Uveze ukuthi uhlu lwabazoshi­yelana inkundla luyakhombi­sa ukuthi kalukhethi phela emasini, kodwa lwamukela bonke aba-ntu. Phakathi kwalabo abazobonak­ala esiteji kubalwa iMalini, uVumar, uSkyewanda, u-Afrosoul, uHappygal, uZodumo, uFlymotion, uTha Simelane, uDust noMagcwabe Imbongi. UMnu Zulu uthe iGlobal Community Project and Entertainm­ent Events isungulwe ngonyaka odlule, kodwa isiphumele­le ukusiza izingane ezahlukene ngomfanisw­ano wesikole. Khona manjalo, kuhlelwe omunye umcimbi wothando, iDurban All White ezoba se-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, eThekwini ngosuku olufanayo. Kuwona kuboshelwe uMondli Ngcobo, u-Ami Faku, uSjava, uBoohle, uZandie Khumalo, uMsizi Shembe, uNtencane, uNaima Kay nabanye. Siyazi ukuthi esikhathin­i samanje abantu abasothand­weni babhekana nezinkinga ezahlukene... UDJ Happygal UZANDIE

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa