Ilanga

Kuzogqama amahubo kuShaka Ilembe

Umhubi wawo, uMbuso Khoza uthi lo mdlalo uzoba yisifundo

-

AMAHUBO azoba yingxenye enkulu yokucacisa ngomlando nangezigam­eko ezenzeka ngesikhath­i sokubusa kweSilo uShaka kaSenzanga­khona - iLembe - emdlalweni obhekwe ngabomvu, "uShaka Ilembe", ozoqala ukukhonjis­wa ngeSonto kuMzansi Magic.

Lokhu kuvezwe nguMbuso Khoza - owaziwa ngokuhuba nangezingo­ma zasemandul­o - ngesikhath­i kwethulwa lo mdlalo eMonte Casino, eGoli ngoLwesibi­li.

Lo mcimbi ubuhanjelw­e ngosaziway­o abahlukene okubalwa nabalingis­i balo mdlalo nabanye abebezokwe­seka ukuqala kwawo.

Maningi amafilimu nemidlalo kamabonaku­de esike yakhiqizwa ngeLembe, ngokusho kukaNomsa Philiso oyisikhulu kwaMultich­oice Group, okuyinkamp­ani eyengamele uMzansi Magic, kodwa kuyaqala ukuthi kube nokhiqizwe yinkampani yaseNingiz­imu Afrika.

Uthe lo mdlalo wenziwe ngezandla zabantu bakuleli kusukela ocwaningwe­ni olubathath­e iminyaka ewu-6 kuya ekudidiyel­eni.

Wenziwe yiBomb Production­s eyaziwayo ngemidlalo yakuleli kumabonaku­de.

UNomsa uthe bayaziqhen­ya ngethimba abasebenzi­sane nalo, lenze konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi lo mdlalo uthatha abantu ubabeke ngesikhath­i sasendulo sokuphila kweLembe, kusukela ekuzalweni kwalo, ukukhula nokubusa kwalo.

Uveze ukuthi ukuze bawenze bekumele bathole konke okuthinta umlando njengoba unezindlel­a ezahlukene ohunyushwa ngazo - ngakho bekumele bahlangani­se, bathole lokhu okusondele­ne kakhulu neqiniso.

U-Angus Gibson ongumqondi­si nomunye wabadiyeli balo madlalo, uthe nakuba belwenzile ucwaningo ngeLembe, kodwa abantu kumele bakuqonde futhi ukuthi kusewumdla­lo kamabonaku­de, akulona iqophamlan­do.

Uthe okuhle ngalo mdlalo uqala ekuqaleni kwezinto zonke ezithinta iLembe njengoba ukhuluma ngokuhlang­ana kweNkosana­zana yaseLangen­i uNandi neNkosi uSenzangak­hona, bese ukhuphuka uthatha umbukeli umbeke.

Uncome abalingisi balo mdlalo, wathi bazinikele ngokweqile ngesikhath­i beqopha njengoba bekunezikh­athi lapho bekuphoqa ukuthi bangalali, bachithe ubusuku ezintabeni beququdwa ngamakhaza.

UKhoza nguyena obekhiqiza amanye amahubo azwakala kulo mdlalo, kanti amanye uwasusela

Lo mcimbi wangoLwesi­bili ubusezinge­ni eliphezulu njengoba bekukhona nabalingis­i abangeyona ingxenye yalo mdlalo, kodwa abazwakali­se ukuwuthaka­sela nentshisek­elo yokuwubona.

Lo mdlalo ugabe ngabalingi­si abanohlonz­e, okubalwa kubo uNomzamo

Mbatha, uNtando Zondi, uSenzo Radebe, uBongumusa Mthembu, uLemogang

 ?? ??
 ?? ?? NGUMBUSO Khoza
NGUMBUSO Khoza
 ?? ?? NGUMONDLI Makhoba
NGUMONDLI Makhoba
 ?? ?? NGUSTHANDI­WE Kgoroge
NGUSTHANDI­WE Kgoroge
 ?? ?? NGU-ABDUL Khoza noNomzamo Mbatha
NGU-ABDUL Khoza noNomzamo Mbatha
 ?? ?? NGU-LEMOGANG TSipa
NGU-LEMOGANG TSipa
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa